Sibiya, Meaning, Origin & History

Izithakazelo zakwa-Sibiya

Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

16 thoughts on “Sibiya, Meaning, Origin & History”

  1. UMnguni noSibiya bahlangana emlwandweni wokuthi uMnguni wazala uGumede, kwasekuthi uGumede wazala enye yamadodana akhe uZingelwayo. uZingelwayo ke nguyena okwavela ngaye isibongo sakwaSibiya. Kodwa ke abakwaMnguni nabakwaSibiya bayaganiselani, kanjalo nabakwaGumede nabakwaSibiya bayaganiselana futhi.

    Reply
  2. Philani Gumede umlando wokuhlangana kwaSibiya nabakwaGumede uqala endodaneni kaGumede egamalayo kwakunguZingelwayo. UZingelwayo wayenomfowabo uZethembe. UZingelwaye wayenemfuyo eningi ngendlela yokuthi yayigwala esibayeni izephumele ngaphandle, ikake umuzi. yingakho ke kwazekwathiwa bangoSibiya ngenkomo ngenxa yezinkomo ezakekeleza umuzi kaZingelwayo. Isibongo sakwaSibiya savela ngendodana kaGumede uZingelwayo…

    Reply

Leave a Comment