Izithakazelo zakwa-Sibiya
Ndaba,
Gumede
Sibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,
Nina bakwankom’isengelwa emaweni,
Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.
Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,
Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,
Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.
UHhiya kwabanani,
Okwaphwekwa esendlini,
Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,
Mgxebe!
Khathi!
Nina bakaSotobe kaMpangalala!
Unknown
Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga
Unknown
Ngicela izithakaselo zakwa Thango ngiyabonga
Unknown
ngicela ukwazi ukuthi iziphi izibongo hambisana noSibiya