πŸ’›

izithakazelo

Tag: bakwena Page 2 of 3

Izithakazelo zakwa Nzima Clan Names Umlando

Nzima Surname, Nzima Clan Names

Nzima,
Shamase,
Mawela,
Sbhuzi Esimqala Ngentamo,
Bhange,
Maqhoboza,
Ndimndwane Odlumkantsha,
Osihlangu Sibalele Njengelanga,
Izinkani Ezaphikwa Ngayizolo Kwasa Zabonakala,
Ndlamlenze,
Mwelase Ongaweli Ngezibulo Owela Ngezihlangela Zomfula,
Imbovane Eyadla Amabele Ezikhuthali !!!

Shamase Clan Names & History

Izithakazelo zakwa Shamase

Nzima,
Bongi,
Mawela,
Mfemba,
Mafingo!
Nina abase iweleniΒ enawela ngelikhulu abafokazane bawela ngelincane besaba ukwemuka.
Wena dlozi lo muntu o mdala nyanda ye zulu, wena zinja zi ya bulwa nge ntwasa nyanga
Wena mhlathi nqcaphela ku nqcokolwa
Wena ka jojo odla eyedwa wena ka siphendukazana onjeΒ nga waka Ndlela, nina oDlamlenze dafosi mzondo wey’ntaba !

Mawela Clan Names Izithakazelo zakwaMawela

  • Mawela,
  • Mwelase,
  • Donda kaSotshikazi,
  • Nxele,
  • Sontuli,
  • Lwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane zabelungu,
  • Zona eziphaphela phezul’emafini,
  • Somkhele,
  • Khondlo,
  • Wena owangena neskhuni emanzini waphuma naso sivutha,
  • S’gawuli semithi emide nemifushane,
  • Nkonjane ebika izulu liphenduka
  • Nzima!

Izithakazelo zakwa Mdadane Clan Names

Mdadane Surname

Mdadane,
Mawela,
Siphezi,
Sodingila kadina,
Mahlaphahlapha,
Mawela,
Shozi,
Mnganga,
Magwaza aphendule njengezulu,
Usogedlegedle inhlabathi elumelayo !

Page 2 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén