clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Tag: Bombo

Izithakazelo zakwaMalinga

Malinga, Ndumo, Zindala, Mlotshwa, Gumakhulu, Shazia, Bombo, Nontshiza, Tsambekwayo, Mcisi, Hlangus,
Nzalo kaMagidela omnyama ngentamo,owazili nkatha bekuthezelile, owalinga izintaba zendelana,
iZungezi neHlobane,walingu kubulala,walinga isihlalo sobukhosi bakwaMzizi balingeka bakunika,
Wena olingana nazozonki zidalwa zomhlaba,
Ndlovu ezidla ekhaya ngokuswela umelusi,Malinga kaSigudu enagundi nkomo engenankonyane,Mchokama nyawo zimhlophe,
Ojozana elibomvana elisikaza ukubagwaza bonke,sigwinya mkhonto nothi lwalo,
Amalala inqaba yamakhosi !!

Maphamela clan

Maphamela, Zindela , T/Shazi, Bombo, Bhayeka etc

Bombo Clan Praises

Bombo, Shazi, Zindela, Bhayeka, shlahla sikalentshisi esithela ubunikiniki, mthombo ongashiyo, ophumula amakhosi wonkana, Malalisa, Mkhonto kawukhumuki, kawunukwanga muntu, kepha wanukwa abahambi bendlela, bethi uyathakatha kanti kuthakatha bona, sdlukula dlwedlwe, insimangwe emnyama, lena elala ngasegunjini, hhafu thusi labenya, owehla ngengalo kumakotโ€™egoyile, sbhangubhangu sentaba, intaba engakhonjwa ngezandla, kodwa ekhonjwa ngamehlo kuphela, Nodlunge, Ncabakhulu !!

Izithakazelo zakwa Shazi

Shazi,
Bombo,
Zindela,
Mavuso,
Cebekhulu,
Bhayeka,
Nongodwanini,
Sโ€™hlahlโ€™eskhulu,
Mkhosana

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: