๐Ÿ’›

izithakazelo

Tag: graaff Page 4 of 6

Izithakazelo zakwa Ndubane Clan Names | Iziduko zako Ndubane

Izithakazelo zakwa Ndubane, Ndubane Clan Names , Iziduko zako Ndubane
Ndubane, mabuya, lushaba, mphikwa, magida, sohlala, mwandla, shlabathi sasolwandle, dube elimyama emabomvini, elivomvu eladukayo, masoka, emdeni, mabuya, mabuyaze, singoMagida, omagida odakeni kushunqe intuli… Ndabeni, mabuya

Abanye bathi ziphelele uma zikanje:
Mphikwa, Magida, Sohlala, shlabathi sasoLwandle sizukulwane soNdubane, Dube, mabuya, lushaba, lushaba kaAbraham, Abraham kaJohannes, johannnes kaShayile, shayile kaSaul, masoka, mwandla, ,nina enabhekisa amakhanda phansi kuhlehle izitha,enahliphizโ€™ibuthu lezitha ngomkhuleko, nina enaGuqa phansi ngeDolo nikhuleke kungelula, omaMemeza kanye kuzwakale, oMthembeni uThembekile, ndabeni, Magida, oMagida odakeni kushunqe intuli, nina enaSondeza abangasondezwa niphinde nibehlule futhi, oNdukwane ndukโ€™eNcane, omabona ebumnyameni, Mabuya,ndubane, emndeni amandubaneni !

Izibongo zakwa Msibi

Ezakwa Msibi:

Izithakazelo zakwa Msibi Clan Names

Msibi Clan Praises

  • Wena weNdlondlo!
  • Nina bakwaMayikamabili
  • Elinyelakanyoko
  • Elinyelikayihlo!

Goqo Clan Names & History

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,

Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,

Sobahle, Dubandlela

Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,

Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,

Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,

Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Popular people from Goqo last name

Goodman Goqo / Nsikayomuzi Goqo (Finance/Legal)
Mastermind behind the Ingede Mineral Holdings Ponzi scheme who was convicted and sentenced to eight years in prison for defrauding over 4,000 investors of more than R75 million between 2009-2010. Convicted on 4,111 counts of fraud and contraventions of the Banks Act. His appeal was dismissed by Pinetown Regional Court in December 2025. [citation:3][citation:6]

Page 4 of 6

ยฉ 2026