πŸ’›

izithakazelo

Tag: maqina Page 17 of 52

Izithakazelo zakwa Dladla Clan Names

Izithakazelo zakwa Dladla

Mgabadeli,
Owagabadela izinkundla zwakwaBulawayo,
Gadlela, Dwala,
Mpembe, Mhlophe,
Vezi, Dladla,
Mhlophe, Nyazitha,
Magalel’agoqe njengeshongololo,
Songololo siyakwesaba,
Ngoba wena inezinyawo eziningi,
Ongathinta wena,
Angafa nokufa, fi,
Wena zikhali kazikho zisemsamu koGobone,
wena sandla esembethe imbokodo.
Mgabadeli!

Popular people from Dladla last name

Johnny Dladla (Finance/Energy)
Former director at Eskom Group with 23 years experience, served as CEO of Eskom Enterprises. Also former director at BHP Billiton (SA) and its coal division BECSA. Holds BA Comm (Hons) and CM(SA). [Source: InsidEntity]
Govender, Patel and Dladla Inc. (Legal)
Law firm specializing in Commercial, Corporate, Insolvency, Business Rescue and Information, Communications and Technology Law. Based in Johannesburg. [Source: SlideShare]

Izithakazelo zakwa Mdlalose Clan Names

Mdlalose Surname

Nyanda wephahla,
Khwenta,
Madlula,
Mgabashe,
Bhudukuziwia,
Phangakufa,
Dikane,
Wena wephahla elinhloko-nhle,
Sphungulo say’Ongoye,
Magutshwa laph’engekefekhona,
Wena kanhlangothi zimbovu amanxeba,
Wena webhaxa elithanda impi ngoba ladla uDayi kaSkhova!

Popular people from Mdlalose last name

Sitholizwe Mdlalose (Finance/Technology)
Zimbabwean accountant and corporate executive appointed as CEO of Vodacom Tanzania in August 2021. Previously served as Director of Finance at Vodacom South Africa (2017-2021). Chartered Accountant (ACCA) recognized by the Institute of Chartered Accountants in England and Wales. Holds Bachelor of Accountancy from University of South Africa and completed Senior Executive Programme at Harvard Business School. Formerly worked at Deloitte Zimbabwe, Ernst & Young UK, and held various finance roles at Vodafone UK.

Izithakazelo zakwa Nxumalo Clan Names

Izithakazelo zakwa Nxumalo [Ziphelele]

SingoZwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi.

Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwaMashobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi
KwaMashobane.

Uzwide kaMagqangqula,
Imamba ekhwela amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi?

Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana ngezinyemezi.
Uyajabula-ke wena Mzilikazi owake walwa noZwide
Wambona evunule
Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide uNozimpethu.

Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole abafokazane
USdinana sikaMaphisa

Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa ngezimagqukumezana.
Wena wakwaNkokhelabantu
Behlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakwaMnene.

Wena wakwaMasheshafike kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa.

Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
β€œKade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

INKOSI AYIQEDWA.

Popular people from Nxumalo last name

Zesimdumise Ndwandwe Nxumalo (Business/Finance)
Known as “Ze” in corporate circles. Former competitive swimmer who represented South Africa. BA Law graduate from University of the Witwatersrand. Founded Uber cab business while studying, grew from one car to four cars with eight drivers. Became CEO of Ensure security company at age 25, grew workforce from 200 to several hundred. Founder of Zig Holdings investment company. Has consulted for Blue Label Telecoms, EOH, and Cell C. Board member of SA Taxi Foundation and co-owner of Vibrant Outdoor. [citation:2]

Royalty from Nxumalo last name

Ndwandwe Kingdom (Nxumalo)
The Ndwandwe are a Bantu Nguni-speaking people who owe their name to one of their early chiefs and are also known as the Nxumalo. They established a powerful kingdom between the Pongola River and the Black Umfolozi River during the eighteenth century. Under the leadership of their king Yaka, they dominated the region. Today, they can be found in South Africa, Eswatini, and Zimbabwe.
King Zwide kaLanga (c.1758-1825)
The most renowned king of the Ndwandwe, ruling from about 1805 to 1820 from his capital on Magudu Mountain south of present-day Pongola. Around 1818, his armies destroyed the Mthethwa under King Dingiswayo at Mbuzi Hill, leaving Zwide as the most powerful leader in the region. In 1819, he launched a second expedition against Shaka’s Zulu, but his forces were decisively defeated at the Battle of Mhlatuze River in 1820, leading to the fragmentation of the Ndwandwe nation. His generals and sons, including Soshangane and Zwangendaba, led segments of the Ndwandwe northwards, establishing the Gaza Empire in Mozambique and the Ngoni peoples in Malawi, Zambia, and Tanzania. The remaining majority were absorbed into the Zulu Kingdom.
Dr Siyabonga Nxumalo (Royal Historian)
Postdoctoral Research Fellow at the Johannesburg Institute for Advanced Study, University of Johannesburg. His research focuses on the histories of chiefdoms and the British strategy to dismantle the senior branch of the Zulu royal family (Usuthu) from 1880 to 1913. His work examines the intersection of social structures, power dynamics, and historical narratives, contributing to a deeper understanding of South Africa’s royal past.

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni Family History | Umlando 😍 Umlando Mdleleni

AbakwaMdleleni 😍 Mdleleni History 😍 Umlando Mdleleni 😍 Izithakazelo zabakwa  Mdleleni
Khumalo
Mkhatshwa
Zikode
Mashobana
Mdleleni
Abantu bakwaMdleleni bangaMantungwa,baphuma kubantu bakwaKhumalo. UMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo wabe engumfowabo Mzilikazi, eyindodana kaMashobana njengabo oNzeni, oMzilikazi, oNgonyama oGquqgu nabanye. Imizi kaMashobana kwakuseNdinaneni kwabo Mzilikazi, eNyandeni kwabo Ngonyama owazala abakwaNyandeni, kanye naseNsingweni kwabo Mdleleni . UMashobana wayezele kakhulu izintombi, esengabala kuzo oNozipholo(uMafungwase), uNtanase, uNozinhlwathi(owagana uSikhunyane Dlamini eSwazini, wayengowaseNsingweni), uNgiyalila, uNozinyanga nabanye.
Lesi sizwe saMantungwa saqanjwa ngokhokho waso uMntungwa kaMbulazi. UMntungwa wazala uMabaso endlunkulu noKhumalo ekhohlo. UMabaso wazala uNyathi emzala nendodakazi kaLudwaba wakwaMajozi.UNyathi wazala uMthiyane. KuMabaso kwaphuma abeNtungwa β€ŽbakwaMabaso. Kuso lesi sibongo sakwaMabaso kwabuye kwakheka ezinye futhi izibongo ezifana nesakwaHlanguza, esakwaMlilo nezinye.
UKhumalo wazala uMkhatshwa owazala uZikode, uZikode wazala uGasa uMashobana noMagawozi nabanye.UGasa wazala uMagugu, uDonda kanye noSiwela owazala abakwaNkosi Ndlangamandla. UMashobana wazala uMdleleni okwaqanjwa ngaye isibongo sakwaMdleleni, uMakhatha,uNzeni, uMzilikazi, nabanye. Kuthiwa uMdleleni nguyena owayemdala kuwo wonke amadodana kaMashobana. Kuthiwa wayemdala impela kangangokuthi wayengamzala nomnawakhe uMzilikazi. Phela naye uMashobana kuthiwa wayemdala impela, emdala nakoDonda.
Ngesikhathi iLembe lixabane nenkosi uMzilikazi lake lamyeka uMdleleni, langamhlasela. Waze wahlaselwa nguMbomboshe omnyama(iSilo uDingane), selikhotheme iLembe eleqa amanye. Ingxabano phakathi kweLembe nenkosi uMzilikazi yabangwa izinkomo ezazidliwe kubeSuthu bakaHanesi ngaseHarrismith ithunywe yiLembe.

Ngaleso sikhathi inkosi uMzilikazi yabe ingenye yezinduna zeNgonyama uShaka, yayingakabi inkosi. Kuyaziwa ukuthi mandulo kwakuthi uma iqhawe leNgonyama lidle izinkomo enkosini ethile lezo nkomo lalizethula zonke kuleyo Ngonyama esuke ilithumile /esuke ibusa. Kwakuba yiNgonyama-ke eklomelisa lelo qhawe elidle izinkomo.

INduna yeLembe uMzilikazi(owagcina naye eseyiNgonyama)wagodla ezinye zezinkomo ayezidle kuBeSuthu wangazethula kokaNdaba. Kanti kuzogijima umnewabo uNzeni kaMashobana ayobikela okaNdaba ukuthi ezinye zezinkomo umnwakhe wedlule nazo waziyisa kubo eNdinaneni.
Kuthiwa wathi uma ebuzwa ukuthi kungani engazethulanga zonke izinkomo wakhombisa okukhulu okwedelela. Laphaka impi iLembe yayohlasela eNgome lapho kwakwakhe khona abakwaKhumalo. Kwaliwa impi eyaliwa iziwombe ezimbili.
Isiwombe sokuqala wakwazi ukusinqoba umfoka Mashobana. Kwesesibili kuthiwa wanqotshwa.Kuyilapho -ke athatha isinqumo sokuthi abhekise amabombo enhla. Kwakuwunyaka ka1821 ngenkathi iNgonyama uMzilikazi isuka kwaZulu.
Yasuka yabheka enyakatho, yakha amadlangala endaweni yaseNtabazwe (Harrismith), yathi uma isuka eNtabazwe yabheka ngaseEmerlo ihamba ihlasela ezinye izizwe ngenhloso yokuzakhela ubungonyama. Yakha umuzi waseKuphumuleni ngasesiphethwini soBhalule(Oliphant River) khona eErmelo okwaqanjwa ngawo ilokishi lakhona i-Pumula.
Yahlala eEmerlo kusukela ngonyaka ka1822 kwaze kwaba unyaka ka1825 lapho eyabhekisa amabombo eMosega (Zeerust) yafika yakha amahlalankosi ayo uMkhwahla (induna kunguMkhaliphi Khumalo), uMncwazi (induna kunguMtotobi Mabaso) kanye neGabeni (induna kunguMaqhekeni Sithole). Yahlala kwelabeTswana yaze yasuswa amabhunu kaHendrick Poitgetier ngoLwezi 1837 ngemuva kokushiswa kweGaba, uMkhwahla, kanye noMncwazi ishiswa ngamabhunu kaPoti.
UMdleleni wahlala kwaZulu waze wadudulwa nguVezi(iSilo uDingane) efela izono zomnawa wakhe uMzilikazi. Impi kaVezi yamdudula uMdleleni yaze yayomuweza umfula uMthamvuna . Kuyileso sizathu-ke abantu bakwaMdleleni bande kakhulu kwaXhosa. Esendeni lakhe uMdleleni kwabuye kwaphuma abakwaNyawose esisazobuye sixoxe ngabo.
Liyavela igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma kuthiwa
‘ Bantu baseNsingweni ninezindaba!
Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyobikela abakwaMashobana’
Ukuthi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa noPhunga noMageba’
Kanti nalo elikaMdleleni liyavela uma kuthiwa
‘Omemeze amaNtungwa akwaSokhumalo
Kasabela uMdlleleni kwasabela uMakhatha’
UMakhatha lona wayengowaseNsingweni elama uNozinhlwathi emnhlane. UNzeni wayezalwa yintombi yakwaMkhwanazi okaBebesi, yena-ke wayelanywa nguNoziwawa. Kuthiwa uNzeni naye wayemdala kakhulu kuMzilikazi. Isenzo sakhe sokuceba umnewabo eNgonyameni uShaka yisona esaholela ekutheni agcine eseyiswe kwagoqanyawo ngumnewabo uMzilikazi, efela bona ubumpimpi.
Liyavela igama likaNzeni ezibongweni zeNgonyama uMzilikazi uma kuthiwa
‘Indaba yenziwe nguNzeni kaSokhumalo
Wazingela ngasemoyeni esikhaleni sikaBhejane
UNakane lwamnamathela emhlane lwamanakashela
Lwaze lwayogqebhuza ngophondo iNtubeni
INkomo zabeNtungwa zenza inqaba
Zagqibula inqaba ngezimpondo
Ngoba zavula iNgome ngezimpondo zahamba”
nguMzilikaziΒ lowo!
ONakane wuhlobo lwezibawu oluthi uma lutinyele inkomo noma umuntu lowo muntu noma leyo nkomo ivele iphathwe isifo se’Nagana disease’, isiphetho kuba ukufa ngoba isifo sonakane aselapheki.
INtubeni ngenye yemizi yeNgonyama uMzilikazi, lowo muzi wawakhelwe kwelaseNgome.
Abantu bakwaMdleleni basabazisa kakhulu ubuhlobo babo nabakwaKhumalo kangangokuthi abaganani nokuganana. Nezithakazelo zabo zifana nse nezakwaKhumalo. INgonyama uMzilikazi yaphinde yayivusa futhi imizi kayise iNdinana kanye neNsingo iwuvusela eNtilasifali.Induna yaseNdinaneni kwakunguMbhungwana kaNyanzamakhanda Mashazi, kwathi ngemuva kokufa kukaMbhungwana induna kwaba nguMfangilele kaMbhungwana. AbakwaMashazi bangaMantshali, phela uMashobana wayezalwa isithole sakhona eMantshalini ingakho indodana yakhe uMzilikazi yayiwakhonze kakhulu aMantshali, ayengomzala bayo.
Induna yaseNsingweni ngesikhathi seSilo uMzilikazi kwakunguSomabhulane waseMaHlutshini.
Izibongo ezihlobene nesakwaMdleleni
Mabaso
Hlanguza
Khumalo
Nkomo
Ngubeni
Ntshona
Mahlambi
Khulu
Macozoma
Mvambi
Phukwana
Phenduka
Nkosi Ndlangamandla
Nyandeni
Nyawose
Cosa
Manzana
Mdletye
Nezinye eziningi

Page 17 of 52

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén