๐Ÿ’›

izithakazelo

Tag: maqina Page 18 of 52

Izithakazelo zabakwa Mtirara Clan Praises & Family History | Umlando ๐Ÿ˜

Mtirara Clan Praises ๐Ÿ˜ Izithakazelo zabakwa Mtirara
โ€Ž
Nina bakaNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe! Enhla nasezansi ngiyabingelela egameni lomlando wakithi kwaMalandela.
Namuhla sizobheka isibongo sakwaMtirara. Laba bantu bakwaMtirara bangaBathembu baseRhoda, bahlobene nabantu bakwaMvelase, Matanzima, Dalโ€Žingyebo, nabanye. ย NgesiZulu isibongo sakwaMtirara siphinyiswa ngokuthi ‘Mthihaha’. Kukhona nomsakazi wakhona kwaMtirara odlala kuMetro FM, igama lakhe nguPaul Mtirara.
Abantu bakwaMtirara akuwona amaXhosa ngokwendabuko. Imvelaphi yabantu bakwaMtirara ikwaZulu eQhudeni. Laba bantu bakwaMtirara bangabesende lika Ndilo umfowabo omncane kaMvelase. Bobabili babengamadodana kaMthembu owazala bonke aBathembu jikelele. Kuthiwa kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kukaMvelase kanye nomnawakhe uNdilo. Leyo ngxabano yaholela ekutheni uNdilo adube ikhaya abhekise amabombo entshonalanga ayokwakha phakathi komfula uMzimkhulu neKoloni yaseKapa.
Ngesikhathi sombuso weLembe abantu bakwaMtirara babebuswa inkosi uNgubengcuka owabe engumzukulu kaNdilo waseBathenjini. Igama lomuzi wakhe kwakuse Mgwali. ย  Inkosi uNgubengcuka yazala indlalifa yayo ogama layo kwakunguMtirara iyizala kuNdlunkulu wayo uNonesi indodakazi yenkosi uFaku yaseMampondweni. Kwenye indlu inkosi uNgubengcuka yazala uMnqameni. ย Inkosi uNgubengcuka yakhothama ngonyaka ka 1830.
Ngaleso sikhathi uMtirara okwaqanjwa ngaye isibongo wayesemncane kakhulu ngakho-ke ubukhosi bathabathwa nguJoyi umnewabo wenkosi uNgubengcuka owabusa njengeBambabukhosi likaMtirara wayesakhula. Ngenxa yezimpi zakwaZulu ezazishisa bhe ngaleso sikhathi uJoyi ebonisana noNonesi unina kaMtirara bakubona kukuhle ukuthi bafuduke babheke ngase ngaseRhodana endaweni eyaziwa manje ngokuthi iseLady Frere,kwakungunyaka ka 1838 ngaleso sikhathi kanti kwaZulu kwabusa uVezi.
Nakhona eLady Frere abahlalanga isikhathi eside ngoba baphinda bafuduka bayokwakha ngase mfuleni iNdwe endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaGqebenya. Ngaleso sikhathi isizwe sasesiholwa nguNonesi luqobo ngoba uJoyi wayeseshonile, kanti noMtirara wayesemncane engakakulungeli noma engakafiki ezingeni lokubusa.
Kwathi ngonyaka ka 1840 wagcotshwa -ke uMtirara njengenkosi. โ€ŽIhlalankosi lakhe lalisendaweni yaseRhodana. Inkosi uMtirara yazala amadoda amaningi kodwa kwagqama abathathu nje kuphela. Lawo madodana ngo Ngangelizwe (inkosana), uRhaxoti Mathanzima (ekhohlo) kanye no Mthanta(iqadi).
Inkosi uMtirara yakhothama ngowezi 1855 ngaleso sikhathi indlalifa yayo u Ngangelizwe yayisencane ngakho-ke uGogo wayo uNonesi waphinde wayebambela futhi nayo. UNgangelizwe wagcotshwa ngowezi 1860 nokwathi ngemuva kokugcotshwa kwakhe wakhetha okuyovusa umuzi kayisemkhulu wakhe uNgubengucuka waseMgwali. UGogo uNonesi yena wakhetha ukuqhubeka azihlalele ngase Gqebenya no Mathanzima. KuMathanzima kwabuye kwakheka obunye futhi ubukhosi maBathembu obaziwa ngokuthi ‘amaHala’. Lobo bukhosi namuhla busendaweni yaseCofimvamva.
Kwathi ngemuva kokudliwa kwendawo yaseCofimvamva idliwa ngamaMaGcaleka kwaqokwa inkosi uMathanzima ukuba kube yiyona nkosi yesizukulu sikaMtirara, wachithwa kanjalo uNgangelizwe.
Inkosi uMathanzima yalandelwa indodana yayo inkosi uMhlobo eyalandelwa inkosi uMvuso eyalandelwa umnewabo uDalubuhle owayebambele inkosi uKaizer Mathanzima eyayisakhula. Aah! Daliwonga!
Enye ingxenye yesizwe sakwaMathanzima nansiya endaweni yaseMbembesi ezweni laseZimbabwe. Yona-ke yayifike kuleliya zwe ilethwa nguCecil Rhodes wamaNgisi ngenhloso yokuzophazamisa umbuso weSilo sakwaBulawayo inkosi uLobhengula kaMzilikazi.
Inkosi uKaizer Mathanzima yabekwa ngonyana ka1966, yabusa kwaze kwaba unyaka ka2003 nokuwunyaka eyakhothama ngawo. Aah! Daliwonga!!
ย Yona-ke inkosi uKaizer Mathanzima yalandelwa umzukulu wayo uLwandile kaMthetho kaRhaxoti Mathanzima ka Mtirara. Ah! Zwelenkosi!
AbakwaDalindyebo
ย ABathembu bakwaDalindyebo nabo baphuma kuNdilo umnawakhe kaMvelase. Bona-ke baphuma endlini encane nokuyindlu kaNtongakazi owalandelwa inkosi uBhomoyi owalandelwa inkosi uCedume owalandelwa inkosi uMnqunti owalandekwa inkosi uNtoyi owalandelwa inkosi uNxeko. UNxeko walandelwa inkosi uDlomo owanqoba umfowabo uHlanga empini yaseMsana kubangwa ubukhosi. Inkosi uDlomo yalandelwa inkosi uHala eyalandelwa inkosi uMadiba eyalandelwa inkosi uTato eyalandelwa inkosi uZondwa eyalandelwa inkosi uNdaba โ€Ž. Inkosi eyayibusa ngonyaka odlule inkosi Buyelekhaya Dalindyebo. Aah! ย Zwelibanzi!

AbakwaNzimakwe ๐Ÿ˜ Mzimakwe Clan Praises ๐Ÿ˜ Izithakazelo zabakwa Mzimakwe

AbakwaNzimakwe ๐Ÿ˜ Mzimakwe Clan Praises ๐Ÿ˜ Izithakazelo zabakwa Mzimakwe
AbakwaNzimakwe
Abantu bakwaNzimakwe bangabeSuthu ngokwendabuko. Ukhokho walaba bantu bakwaNzimakwe kwakunguMachi igama lakhe, lendoda yayiphila kudala kakhulu kanti ibuye ibe ukhokho wabantu bakwaXolo,Dlezi,Phehlukwayo, Machi, Ngutshana, Sabela nabanye. Laba bantu bakwaNzimakwe babuye baziweโ€Ž ngokuthi bangaMaphehlukwayo nokuligama likakhokho wabo okuthiwa wayengomunye wamadodana kaNzimakwe.
Elinye igama likaMachi kwakunguNtamonde. UMachi endlini yasekhohlo wazala Thango owazala uMbokodo owazala uNdaba owazala uNzimakwe. Kwenye indlu uNdaba wazala uDlezi noNgcukama. Endlunkulu uMachi wazala uNgeleka owazala abakwaChezi kanye nabakwaMachi.
Ngenkathi isizwe samaPhehlukwayo sifika kwaZulu saqala sazinza ngaseHighflats endaweni yaseNtimbankulu. Nakhona abahlalanga isikhathi eside kuleya ndawo, bashesha bafudukela ngaseMtwentweni ngaseningizimu yomfula uMzimkhulu.
Ohambweni lwabo babekade bakanye nabakwaNgceleka,Machi, Chezi, Xolo, nabakwaDlezi. AbakwaNzimakwe baphinda bafuduka sebebodwa bawela umfula uMpenjathi bayokwakha endaweni eyaziwa manje ngokuthi ikwaNzimakwe enyakatho yedolobha i-Port Edward.ย โ€Ž
AbakwaMachi bagcina bezinze endaweni eyaziwa ngokuthi ikwaMachi buqamama nedolobha laseHarding

Kwathi ngonyaka ka 1842 inkosi yamaJali(Ngcolosi) uMphikwa Jali yawela uMthavuna yayocela ukusikelwa indawo yokwakha esizweni saMachi. Nempela yayithola indawo yokwakha iyisikelwa yinkosi uMbonwa Machi eyabe ibusa isizwe sakwaMachi ngaleso sikhathi.

Izithakazelo zakwaNzimakwe
Phehlukwayo
Mbumba
Nyawo zimhlophe
Joba

Abakwa Mvelase ๐Ÿ˜ Izithakazelo zakwa Mvelase ๐Ÿ˜ Mvelase Clan Praises

Abakwa Mvelase ๐Ÿ˜ Izithakazelo zakwa Mvelase ๐Ÿ˜ Mvelase Clan Praises

mthembu nina enavel’enyandeninina enadla iqhude lifile,
nina enavela ngomthwalo wakwamabaso,
ngoza,
zakwe,
maphanga,
khathide,
mthembu ,
mvelase ,
wena owawela enyandeni yakamabaso ,
vezi ,
ndaba,
ndabezitha,
ngoza omkhulu ongakhokhobi,
qhudeni!
omnisi,
mnisi wemvula!

Mzimela Clan Praises ๐Ÿ˜ Izithakazelo zakwa Mzimela

Mzimela Clan Praises ๐Ÿ˜ Izithakazelo zakwa Mzimela

mbizeni,ntaka, sheleza, mzungwanya
mnguni,
dimbani
mnguni,
donda kamlimandlela,
mfuyi wamatshe ,
lwandle kaluwelwa luwelwa izinkonjane ngoba zindizela phezulu,
maconi,
mfeka,
njingili lwazi.
abazimela abazimela ngentonga yethusi abafokazane bezimela ngomhlanga.
abazimela abahamba emhlangeni wangabasika kwathi abalandelayo wabasika

Page 18 of 52

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén