clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mavovo

Amakhosi akwaMkhize

Ukuzalana kwaMkhize:

ULanga wazala

UNdlozela owazala

USidweba owazala

UMdladla owazala

USibiside/Gubhela owazala

UMavovo owazala

UKhabazela owazala

UGcwabe owazala

UZihlandlo owazala

USiyengela owazala

UNgunezi owazala

UTilongo owazala

UNkasa.

Izithakazelo zakwaMkhize

Gcwabe!

Khabazela kaMavovo kaZihlandlo!

Mumbo omhlophe,

Wena waseMbo

Wena okhanya amasi esiswini,

Singela,

Ngunezi, mumbo ombulazi,

Sibiside esimaphandla esaphandla abeNguni bavungama,

Ni bengwazi emabhudle ethi isabhudla yabuye yaphinda yabhudla,

Malala amahle,

Nina enalala nomunwe navuka nakhwifilanga.

Nzalo kaSambela

Nzalo kaLuzalo

Zalankomo!

Izithakazelo zakwa MhlongoΒ 

Izithakazelo zakwa Mhlongo

Makhedama!
Soyengwase!
Nina bakaBhebhe kaMthendeka
Nina bakaSoqubele onjengegundane
Nina baseSiweni
KwaMpuku yakwaMselemusi
KwaNogwence webaya
Zingwazi zempi yakwaNdunu
Njoman’eyaduk’iminyakanyaka
Yatholakal’onyakeni wesine
Yabuye yatholakala ngowesikhombisa
Langeni
Owavel’elangeni.

Ziyatholakala izikibha: 061 868 5163

Mkhize:

  • Gubhela
  • Gcwabe
  • Zihlandlo
  • Khabazela ka Mavovo
  • Ngunezi Bamba aba Mbulazi
  • Sibiside
  • Sidaphudaphu
  • Nzalo ka Luzalo
  • Mlangeni
  • Gasela
  • Sishiya
  • Madondo
  • Mdephane
  • Dlamane
  • Sacolo

Abakwa Mkhize bahlobene nabakwa Dlamini, Mlangeni, Ama-Mpondo/Mpondomise bonke aba Mbo badabuka ku Sibiside kwabe sekuba nokuhlukana ngokwezindlu.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: