clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Radebe

Izibongo zakwa Radebe 💛Radebe Clan Praises

Izithakazelo zakwa Radebe:

Ndingu Radebe uMthimkhulu uBhungane uNdlebentle zombini uMashiy’amahle uMakhulu-khulu uMafuzafulele njenge lifu lemvula  inkosazana yaseMaHlubini ka Langa libalele uBlom obovu ongasekhoyo inkulu ka Solomon no MaManci abalele ukuthula… Ah eMaHlubini! 🙌🙌🙌

uRadebe ungumZulu noma ungumXhosa?

Ngabe uRadebe ungumZulu noma ungumXhosa? Isizwe samaXhosa sakhiwe yizizwe nezibongo. … Ukwenza isibonelo, uRadebe uyisizwe esincane, kodwa isizwe sakhe esikhulu sibizwa ngokuthi AmaHlubi.

ORadebe bangamaHlubi.

Radebe Surname Meaning

Radebe means “Ancestor of the Amahlubi” in Zulu.

Radebe Clan Praises

Radebe/Hadebe

Bhungane,

Bhungane kaNsele,

Zikode, Gob’izembe,

Makhulukhulu, Mehlomakhulu,

Umkhulu Bhungane,

NoNkulunkulu mkhulu, kodwa akangangoBhungane,

Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,

Mthimkhulu,

Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,

Mafuz’afulele njengelifu lemvula,

S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi siyamujamela,

Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,

Ingab’emhlabeni zesabani?

Nina enindlebe zikhanya ilanga,

Nina enindlebe zinhle zombili,

Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama,

Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,

Mahlubi amahle,

Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,

Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,

Ngelengele! 🙌🏾🙌🏾

Ukuthukuthela ugane unwabu

Ukuthukuthela ugane unwabu

loku kusho ukuthukuthela kodwa ungabonakalisi.

Lokhu kufaniswe umuntu nonwabu lona olushintsha imibala.

Kungaba umuntu ozihlekisayo kodwa ngaphakathi ebe ediniwe

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: