πŸ’›

izithakazelo

Tag: sumpath Page 7 of 19

Umlando wakwa Mchunu | AbakwaMchunu

Ukuze kuthiwa bangabakwaMchunu nje kungoba bedatshulwa nguMchunu, indoda eyayiphila ngezikhathi zoMalandela, kodwa thina sibathathe kuMavovo owazala uNyanda.

Ukwelamana kwabakwaMchunu, UMavovo uzale uNyanda owazala uLubhoko (Dubandlela) ULubhoko wazala amadodana amaningi amanye wawo abalwawo uJama, uMajola, uDladlama, uNtube, uNontshinga, uNcasanga, uNgqulunga noGama wakwaMchunu.
uJama ufakwa ekuthakazelweni ebongwa Ngokuzala intsizwa uMacingwane (waseNgonyameni) eyaba neqaza elikhulu eMachunwini. uMacingwane wazala uNtsundu, uMfusi, uGandeduze, uNdabezimbi. uMqanyana, uPhezulu, uNyoni kanye NoPhakade.

uPhakade kuveza wayeyiqhathanzipho njengo wayengagugi kwakuze kuguge izingane zakhe ngoba wayesaqine eqine okwebhungu wayeneqwaba yomakoti Nezingane, yingakho ekuthakazelweni abakwaMchunu.
UMfusi yena wazala uZimema owazala uMmeli OGabangaye noMbelembe kuthiwa bagugabedlula uyise. UPhakade uzale uGabangaye noMbelebele kanye nabanye. UGabangaye wazala uSilwane, uNgomane nabanye. uSilwane yena wazala uMzochithwayo, nabanye. UMzochithwayo yena wazala uSimakade, nabanye.

Abantu bakwaMchunu bangaMaNguni ngenxa yolimi abalukhulumayo Lokhu sikuthatha ekutheni imvelaphi yabantu balezi zibongo iseNingizimu yeNtilasifali Mpumalanga.
Enzalweni yamaNguni kukhona azibiza ngokuthi bangamaNguni angamaDebe. amaNguni angamalala kanye namaNguni angabaMbo, oNdlovu kanye nabanye. njengabantu oKhumalo, noQwabe nezinye izibongo abakwaZulu.
Kodwa lapho abakwaMchunu sibathola sebezinze khona ekufikeni kwabo lakwaZulu, kwakuphakathi kweThalaneni eNkandla kanye noMzinyathi. Kuthi omakhelwane babo ngaseMpumalanga kwakungaMabomvu kanye nabaseMbo, kanti ngaseNtshonalanga kwakungabaThembu.
Ukuqinisa ukuthi abantu baseMachunwini babakhelane nabaseMbo sizokhumbula ukuthi kwathi ngesinye isikhathi abantu baseMbo(abakwaMkhize) beneNkosi yabo uMavovo, naseMaChunwini babenoMavovo nakhona.
Kwaduka intombi yaseMabomvini eyayiyogana uMavovo waseMbo kodwa yahlangana noMavovo waseMachunwinini, waseyikhohlisa intombi wathi nguyena uMavovo kodwa uMakhelwane wakhe nguMavovana.
Okwathi esekuzwa lokhu omunye uMavovo, wahlomisa impi ukuba iyolanda lentombi Nangempela yalandwa, yalethwa kuMavovo wakwaMkhize.
Izintombi zaseMachunu azigani kwaMajola nakwaNdlela ngoba laba baphuma khona emaChunwini. Mcumane, Ndawonde ezinye izibongo ezibalwayo ukuthi ziyadlelana nabaseMachunwini kodwa kune Nkulumo mpikiswano ngalokho.
AbaseMachunwini bazalana nabakwaNdlela, Ndima Lembede. Kuhambe kwahamba abantu bakwaNdlela sebebuswa nguLembede baxabana nabakwaMchunu. KwaMchunu kwase kubusa uLubhoko.
Baze basuka bayokwa kwaNtabankulu ngaseMthonjeni weMfolozi emnyama, besuka eSikhaleni Sebomvu. Ngesikhathi abantu bakaLembede bebalekela uLubhoko.
uLembede wasala esebulewe base babekisa ngesihlahla esithize ukuthi wangcwatshwa kuphi. Leso sihlahla kuze kube namuhla kuthiwa yisihlahla sikaLembede.

Ngesikhathi sokubusa kukaDingiswayo kwaMthethwa yilapho isizwe sakwaMchunu sagqama khona kuze kufike esikhathi sokubusa kweLembe (uShaka). Isizwe sakwaMchunu ngaleso sikhathi sabe sibuswa nguMacingwane. Umuzi kaMacingwane wawuphezulu kweThala echaza ukuthi uyiNkosi enkulu ngaphezu kwawo wonke amakhosi akhelane nawo.
uMacingwane wakha ihlalankosi aliqamba ngokuthi kuseNgonyameni, Ngakho wayezibiza nguBhubesi loqobo Lokhu yikho okwamfakela esikhulu isigcwagcwa kuDingiswayo kanye noShaka.

Phela ngaleso sikhathi uDingiswayo wayeqala umsebenzi wokuhlasela izizwe, ayezinqoba zaziba ngaphansi kombuso wakhe.
Umuntu owawuqedelela lowo msebenzi nguShaka, ngoba uDingiswayo wayesekhotheme, yingakho phela kukhona isizwe samaZulu namuhla. Owaqala umsebenzi wokusakha kwa kunguDingiswayo kaJobe.
Kuthiwa uMacingwane wamhlupha kakhulu uMpongo kaZingelwayo wakwaNdlovu waze wabaleka wayozinikela kuZihlandlo wakwaMkhize owaze wamkhoselisa naye ethembe uShaka okwakungumhlobo wakhe omkhulu.

ekuhlaseleni kukaShaka bahlakazeka abantu bakwaMchunu abanye balishiya elendabuko yabo. Bahamba bayohlala oThukela, abanye abahamba bagcina bakha naseNtshonalanga kapa lapho uthola abantu bengoMacingwane.
ngoba ushaka wayeneNgalo elide eyayifinyelelele kwazuluNatal wonkana wenza imizamo yokufuna uMacingwane Kodwa wahluleka.
uMacingwane wahlala ezindaweni ezahlukene zesifundazwe sakwaZulu-natal ngokucashela uShaka. Kunokuvela izinkulumo mpikisano zokuthi kunokushiwo ukuthi uMacingwane wagcina Lapha esedliwa amazimzimu kanyei ukuthi uMacingwane washonela eSandlwane ehamba namangisi elwisa wona.

AmaChunu asinda ekuhlaselweni kaShaka aphindela kwelendabuko yabo sekubusa uPhakade eyobuyisa ubukhosi baseMachunwini. Njengoba sesa khothama isilo saseMgungundlovu uDingane kaSenzangakhona. Sekubusa uMpande kaSenzangakhona owehlula uNdaba. wenqaba ukuhlobo uphakade nompande lapho izinto zazishubile kodwa ekugcineni kwaba noxlolo
Abantu bakwaMchunu sebeyisizwe esikhulu kakhulukazi eMsinga, nakwezinye izindawo zesifubazwe sakwaZulu-natal zikhona izinsalela laphaya eNkandla zaseMachunwini.
Mchunu, Majola,kladu, ngomane, Macingwane Wena wase Ngonyameni, Nyanda Yemkhonto Jama kaLubhoko, yeyesa kaMvumbi Phakade akagugi gugabafokazane, Wena kano Gida ngo Bambo Ezinye izintombi zigida ngomshayelo, Ndabezitha!

Royalty from Mchunu last name

Chief Bhambatha kaMancinza (c.1865-1906?)
King of the amaZondi clan in the Colony of Natal and son of Mancinza. Born in 1865 in Mpanza, near the town of Greytown, Natal Colony. He was one of 10,000 Zulu warriors to guard King Shaka Zulu’s mother’s grave for a year and trained under strict Zulu Impi discipline. He is famous for leading an armed rebellion in 1906 when the poll tax was raised from a tax per hut to per head (Β£1 tax on all native men older than 18 – infamously called ukhandampondo), increasing hardship during a severe economic depression. Bhambatha claimed he was told to lead the rebellion by the de facto Zulu King Dinizulu. When the Natal Police sent about 150 men to arrest him, his forces ambushed them and killed four policemen. Thousands of colonial troops were sent after him, including cavalry and heavy artillery, leading to 3,500 casualties. While the British government claimed Bhambatha was killed in the Battle of Mome Gorge, it is commonly believed among the Zulu people that he fled and eventually settled in Mozambique. He is remembered as an inspiration to South Africans during the anti-apartheid movement.

Royalty from Mchunu last name

Inkosi Simakade Mchunu (1924-2015)
Reigning Traditional Leader of the Mchunu clan from 1944 until his death in 2015 at the age of 91. He ruled over the Msinga and Greytown areas in KwaZulu-Natal for 71 years. He was described as an inimitable leader who played a pivotal role in bringing peace and stability to the Msinga region, which had become notorious for faction fighting. President Jacob Zuma extended condolences to the Mchunu clan on behalf of the government and people of South Africa, honoring his legacy as a traditional leader.
Sipho Mchunu (Musician)
Zulu musician and guitar player who formed the legendary band Juluka with Johnny Clegg in the 1970s. Born and raised in Zululand, he met Clegg when the young Clegg would secretly visit townships to learn Zulu music and dance. Their partnership produced a blend of traditional Zulu and pop music, creating the band Juluka (meaning “sweat” in Zulu). Despite apartheid laws forbidding mixed-race public performances, they pushed boundaries and became wildly popular. After Juluka split in 1985, Mchunu returned home to pursue cattle farming. He briefly reunited with Clegg for the album “Ya Vuka Inkunzi.” His collaboration with Clegg is remembered as a pioneering moment in South African music history, bridging cultural divides through the power of music.

Langa clan history | Umlando Langa

Umlando wakwaLanga:

Abantu bakwaLanga bangabaNguni abawela esigabeni sabaNguni abangabaNtungwa Nguni
ngokwezigama zabaNguni. Laba bantu bakwaLanga baphuma kubantu bakwaZulu. Umuntu esiqala ukuzwa ngaye nguye uLanga uqobo lwakhe. ULanga wayeyinkosana kaZulu futhi nguyena okwakufanele abe yinkosi ngemuva kokukhothama
kukayise uZulu kodwa ngenxa yokuthi wayemhlophe
(eyisiphiwo) lokho akusenzekanga. UZulu ungukhokho wabakwaZulu, abakwaMbatha, abakwaDladla nezinye izibongo. Yena uZulu
wayezalwa iNkosi Malandela engumfowabo omncane
kaQwabe owazala abakwaQwabe. Elinye igama
likaLanga uMahaye. Leli elikaMahaye lavela ngesikhathi
uLanga efuna ukungena umfazi womnewabo uMpangazitha kaNtombela. Kuthiwa umama kaMpangazitha akavumanga ukuthi uLanga angene umfazi wendodana yakhe. Kuthiwa wayevele aphume ame egcekeni ahaye amagama omubhinqa, ebhinqa
uLanga. Lavela kanjalo-ke igama likaMahaye lagcina selidume ukwedlula elikaLanga, lagcina seliyisibongo kwabanye njengoba liseyisibongo nanamuhla.

Umuntu esimbona egqama emlandwini
wakwaLanga (uMahaye) uNodange kaMningiza owabe
eyiqhawe leziNgonyama oCetsheayo noMpande. UNodange wagcina esehlala oNdini esengenye yezikhulu zakhona.

Ake sibelamanise oLanga:

ULanga (uMahaye) indodana kaZulu kaMalandela wazala uBhulu noMbekwa.

UMbekwa wazala uMafuza owazala uNtukumbana owazala uNdosi.

UNdosi yena wazala uMgobhe noMnyakanyaka.

UMnyakanyaka wazala uNhlokwana owazala
uMqhutshwa.

UMqhutshwa wazala uMgqobhi
owazala uBhekinkosi.

UBhulu kaLanga wazala uMpikwana owazala uMningiza.

UMningiza yena wazala uNodange
noBhengu. UBhengu ongeyena owesibongo.

UBhengu wazala uNguluza owazala uKhiwane.

UKhiwane yena wazala uMesabeni.

UNodange kaMningiza yena wazala uZidunge, uNkonka, uMnqandane, uMhayi, uQhakaza noFokothi.

UZidunge wazala uZibone.

UMnqandane yena wazala uSonke.

UQhakaza wazala uMdumo.

UFokothi yena wazala uMgibeni owazala uBonginkosi yena owazala uSimphiweyiNkosi.

Izithakazelo zakwaLanga (Mahaye):

Mpangazitha
Mahlobo
Sonomo
Zulu
uNodange edumile
Mningiza
Mpikwane
Nondela zimba odikila isidumbu adle umlenze
uMlungwana ozihlabanelayo
Bubi kabulali ngoba babulala abakwaDludla
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela
Mnqandwendwe
Mageba sabela uyabizwa
Dlambedlu olumashobane

Msimango clans & Umlando

>> Lalela imvelaphi yakwaMsimango <<

Thabizolo,
Nonkosi,
Muthwa,
Nkomo eluthuli,
Pembe kaLokothwayo,
Sengama ka Jozi,
Nodwala lakwa Nodumakazi,
Abathwa abamzimb’omuhle njengo wosana ongathi ngingawanga, Abasikhumb’ esibushelelezi,
Abaziqunjana zimbili esinye singenhla esinye singenzansi kwendlela, Abafunga uNonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
Abazi nzipho zimnyama ngokuqhwebana,
Sishange sika Mlotshwa,
uSongo akamnci okamcinizana,
Iyanini MaHlubi nihlabeni ngezindlela zonke niyobikela abase Masimangweni ukuthi ubhedu lwaphukile,
Amazala nkosi ngokuzala uBhungane,
uMdidwa zindlubu ezamila eMthondweni,
uShwamisa ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwa Dlomo, Dlomo dludlu kwabendlwana,
Wena kaSengama owangamela imizi yaba Fokazane ngeJozi,
Wena owehla ngesilulu abafokazane behla ngezinyawo/ngomcacambane, Nina enama ngensimu yase MaNtshalini yaphenduka imfaba,
Amadlela phezulu ngenxa yokusaba amanyala, uGembe uNkonka weFusi, Mathanjeni !
>> Umlando wabakwaMsimango <<

Mnguni Clan Names & Umlando

>> Lalela Umlando wakwa Mnguni <<

Mnguni

Fohla

Nongalo

Bhimbitha

Mawawa

Ozibhoma ngasende

Uyadla uyanqakathela

UMnguni owehla ngesilulu

Waze wayowelela, ehamba nebhoxwana

Ababona isihlakothi semuka nomfula, bathi inyama

Abanikwa izikhali banikwa izintombi

UMnguni omkhulu ngokubonwa egeza

Emi phezu kwamakhanda amadoda

AkoMavundla namaNgutshana

Mbaleni !

Jiji

Mepho

Nonsansa

Ncashela !

Bhidi

Nomagaga

Mbedu!

>> Lalela Umlando wakwa Mnguni <<

Royalty from Mnguni last name

King Mnguni (Royal Founder)
The founding ancestor and first king of the unified Nguni nation, from whom all major Nguni-speaking peoples trace their lineage, including the Zulu, Xhosa, Ndebele, and Swazi nations. His reign established the ancestral foundation for millions of people across Southern Africa. He was succeeded by his son Luzumana kaMnguni.[citation:1][citation:9]
Luzumana kaMnguni (Royal Lineage)
Son and successor of King Mnguni who continued the royal lineage of the Nguni people. He fathered Malandela kaLuzumana, who would become the progenitor of the Zulu royal clan through his son Zulu.[citation:1][citation:9]

Page 7 of 19

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén