izithakazelo

Tag: sumpath Page 8 of 19

Umlando nemvelaphi wakwaMkhasibe Sgubudu

uMkhasibe uphuma endaweni eyayaziwa ngenkundla yakabulawayo ngolwimi lasemandulo, eyayaziwa nge Rhodesia,ngesikhathi sabamhlophe esekwaba yi-zimbabwe kulesikhathi samanje, ezalwa ngugabadela, ugabadela elwa ikhehla esingalazanga igama lalo.

lelikhehla elizala ugabadela laliganwe unkosikazi oyedwa, kulonkosikazi lazala amadodana namadodakazi, kanti ukhwenyana walo wayenendodana aythola ekuhambeni ogamalayo ayibiza ngo gabadela, lendodana wabe seyithanda kakhulu ngenxa yobuhlakani eyayinabo.

Uyise kagabadela wayenesikhundla esikhulu ebukhosini bangalesoskhathi, nakuba ayezele izinsizwa kumakoti wakhe kodwa uthando ayenalo ngogabadela lwalungangabazeki, ugabadela lona naye wayenendodana yakhe ayeyithanda kakhulu ogama layo kwabe kungu mkhasibe. ubaba kagabadela wayesekhulile kakhulu, uthe lapho esezokhothama wabiza amadodana akhe ukuba eze ukuze azoqoka umuntu ozothatha isikhundla sakhe sasebukhosini uma ekhothama, nebala bafika.

Wase eqoka indodana yakhe engazalwa umkakhe, okwabe kungu gabadela, kazange kuhlale kahle lokho kumadodana akhe azalwa umkakhe amganile. ngesikhathi selokhotheme ikhehla abafana balo baphuma inqina kuzingelwa ugabadela ukuba asocongwe, ukuze ubukhosi buzobuyela kumadodana azalwa ilomama owayegane lobaba, nebala bamthola, bamgwaza abafowakhe.

kazange ashone lesoskhathi, ngoba wahamba ibanga waze wafika kundodana yakhe umkhasibe esekhasa ngamadolo, wafike waphangalalela eduze kwakhe, kodwa esewshiyile umyalezo wokuthi “akaphume aphele kulendawo, sebefuna ukumsoconga naye nabantwana bakhe, ngenxa yesikhundla sobukhosi.

Nebala waphuma ngesamagundane umkhasibe ehamba nabantwana bakhe, uhambo lwaba lude nokho kodwa ngoba wayengafisi ukubuyela emuva, bahamba behlala izindawo ngezindawo, bewela iziziba ezihlala izingwenyama, ebambelela ngesidindi somshiki, behla ngesilulu ezintabeni, baze bafika kumfula umfolozi emnyama, umkhasibe wabe esezama ukuwela kuwo lomfula ngesilulu kodwa wahlileka ngoba samwisa samgubuda isilulu engakayi nakude, wabuyelemuva senxamile. yenzeka yonke lento abantwana bakhe bayabuka, kulaphoke kwahlukana khona imibono, kwase kwanda isibongo, ngoba nabantwana abanye babo kabavumanga ukuphinda bewele kulomfula bancamela ukugudla ngezintaba ukuze bakhone ukuwelela ngaphesheya, nebala umkhasibe nabanye bamadodana basala.

Kwasekuthi indodana endala nabanye bahamba, umlayezo abashiyela wona mabehamba wathi kubo “umlando wami usuyosala kini bantwana kanjalo nezigameko zami ziyosala nani” bahambake abantwana sebezibiza ngo sgubudu,saqala kanjaloke isibingo sakwa sgubudu.

Izithakazelo zakwaMkhize Umlando wabo

Asilungise iphutha:

abakwamkhize banga”bambo”.
lokhu okuthi ” nina enalala nomunwe navuka nakhwifa ilanga akukho ezithakazelweni zakwamkhize, ngoba abakwamkhize abasiwona ama”lala”. bangabambo. kodwa lokho uyokuthola kusetshenziswa yilezo zibongo ezingena ngaphansi kwalaba abasesigabeni sabaziwa ngokuthi bangamalala njengesibongo sakwa ngcobo, maphumulo, doncabe, gcwensa, nabanye nabanye abangaphansi kwaleso sigaba samalala.
abakwamkhize bangabambo abambo isigaba esithize, banezibongo ezingena ngaphansi kwabo kulesigaba sabambo, sithola ocebekhulu, magwaza nabanye.

kukhona amathonga ayisigaba esizimele nezibongo ezingena ngaphansi kwesigaba samathonga, kulezo zibongo zamathonga singabala utembe, umyeni, unxumayo kaphumphele, umashabane, nabanye nabanye.

kukhona abangena ngaphansi kwesigaba samantungwa. lapho ke singabala umabaso, ukhumalo, ukhoza, udlangalala, nabanye nabanye.
kube khona amalala wona analezibongo, ungcobo, udoncabe, umaphumulo, ugcwensa nabanye nabanye
kunesinyeke isigaba samadebe, labo ke bayisigaba esingathi ngesokwakhiwa ngoba bayisigaba esincane kakhulu, esabantu abadebezile ebusweni njenganabantu bakwamdunge, jili, mzizi, nabanye nabanye
lokhu ngikubhalele ephuzwini lokukhanyisela obengaqondi kahle ukuthi abambo abakwazi ukuba izigaba ezimbkli noma ezintathu kulezi ezibaliwe ngenhla.
abambo bakwamkhize abathakazelwa nakancane nje ngokuthi bangamalala njengoba kwabhaleka ngephutha emandulo. abakwamkhize bangabambo.
zonke lezibongo ezingaphansi kwesigaba samalala engizibalile ngenhla kuhlangene ñalezo engingazibalanga kodwa ezingaphansi kwamalala zithakazelwa ngokuthi zingama”lala alala nomunwe avuka akhwifa akhomba ilanga”.
kwabhaleka ngephutha emandulo ukuthi abakwamkhize bazigaba mbili, abambo bese futhi kubuye kuthiwe bangamalala.
ngiyabonga
petermkhize@gmail.com

Nonyane Clan

Mokgwatleng

Admin notes: if you happen to know the full Nonyane clan names or history, please add info in the comments below.

Umlando wakwa Ntini

UNtini wase Zimbabwe owahamba noMzililazi kaMashobana igama lakhe kwakunguMdonko Ntini, ezalwa noStanka Ntini, babezalwa nguSihwanda Ntini nomama wakoMaphosa. UMdonko wazala namakhosikazi amathathu

Ngingaletha okuningi meningangivumela ukwenza lokho, ngiyabonga..

Umlando woNtini base Zimbabwe

In 1600s there was Ntini who gave birth to a number of males named Lungwase, Mafu, Mphethela, Simula, Mshukiweskhumba they are all under DNA of the man Ntini. Without trace of their martenals I continued the search. There’s a link with Ndlovus.

UMshuki (died 1721) wazala ikhehla elazala uSihwanda, it was a huge family from a polygamous family. Lelikhehla 1719 to 18122 (Ntini) they joined Mzilikazi’s march with his boys (that time, they were in their 20s) that’s Sihwanda and Dema, this man I named Ntini died on their way to the North, the location is Petersburg (Bulungwane/Polokwane area) his grave is there since1822.

Sihwanda and Dema continued fatherless now with Mzilikazi’s march until Matopo where Mzilikazi built his kraal.

1721 with a bit of background till 1822 has been covered

Info by Msizi and Mshukiweskhumba

Uma unolwazi ofisa lwaziwe ngomlando walesibongo, lubhale lapha ngezansi bese ucindezela ibhathini elibhalwe POST COMMENT

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *


Page 8 of 19

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén