πŸ’›

izithakazelo

Tag: thekwe Page 6 of 7

Izithakazelo zakwa Mazibuko

Mazibuko clan praises:

Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi !!

Izithakazelo zakwaMavundla Clan Praises

Mavundla clans are as follows:

Bhembe,
Mwelase,
Wena kaSnakanaka kaNtendeni,
Owagedl’umhlanga wawushiyelela,
Nzima, Nhlanganiso,
Mthimude,
Wena wakwaGezamhlanga,
Thabekhulu!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mavundla- Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R240.00

 

Nzima 😍 Izithakazelo

Izithakazelo Zakwa Nzima

Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Mdumela, Dabula, Nzima, Hlase,
Shiki onjenge hlabathi,
Mabhala ngosiba abanye bebhala ngepensela,
Nkonjane ebika izulu liphenduka.

Page 6 of 7

Β© 2026