Clan Names : Mseleku
Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!
Month: March 2016 Page 1 of 11
Clan Names : Msani / Msane
Mtimande,
Kunene, Majoka,
Nxaba kaMbhekane owabhekana nokuhlupheka,
Madl’uvalo lwengonyama abanye bedl’olwenkomo,
Mthantathwa,
Mnguni was’ Ondini,
Wena kaNonqewu,
Wena kaMgobhozi,
Ntetha, Vangisa,
Mageza ngobisi abanye begeza ngamanzi,
Mvuna!
Clan Names : Msibi
Ndlondlo,
Mabuya, Guliwe
Ndlondl’eyadl’ubulongwe yalibala,
Siwela,
Gasa!
Clan Names : Nyembe
Ncamane,
Skhandisa samakhosi,
Thwala lomzimkhulu,
Mnyamande,
Mkhont’oduma njengezulu,
Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,
Nhlangothi zimanxebanxeba,
Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,
Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,
Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’amadoda,
Ntshivakazi engenampondo,
Bhijela wamaMbane,
Sakade kaGemane,
Gemane kaSiwela,
Nzilagazi!
Clan Names : Nzimande
Mphephetwa,
Mdluli,
Ngwekazi, Gwala,
Mancama ngesinkw’esikhulu,
Wena owasukel’isigodo simuka nomfula uth’inyama,
Manda kulandulwa,
Vilakazi,
Xam’odla ngomsingizane,
Mhlandla!
Clan Names : Sibeko
Maziya,
Gembe, Mkhabela,
Mcusi omhlophe izandla nezinyawo,
Wena wenjiki emnyama yasoHlelo,
Wabona ngani ukuthi injiki iwelile?
Wabona ngamanzi ukudungeka,
Wena wekunene wanginika ugaba,
Zaba mbili saphulelana!
Jobe !
Mondisa!
Phumela phandle ngoba kufudumele
Matshana!
Mhlakaza nhlansi zingamshisi
Ziyoshisâ abalondolozi
Maphitha!
Mthembu waseGubazi
AbaThembu bengabakwaMvelase
Ngqikazi zimnyama zingamankankazana
Nyama kaMaqoqo
Abayidla beyidonsisana
Nina bakaMgidi wekhohlwa
Nina bakaThakazelwayo
Nina bakaMqolo
Owadlâ omunyâ umqolo
Nina bakaDidizâ umkhaba
Mkhombâ olwadlâ eminyâ imikhombe
Lwandlâ oluhambezintabeni
Nina baseQhudeni
Jozana olubomvanâ olundakandakana
Qomondâ olumantinyane
Olubukâ umuntu lumethembise
Sengathi luzomakkhelâ umuzi, kanti phinde!
Nina bethole intshwabadeyane
Mthiyane Sonomo
Nina bakaMkhwawozi
Owakhawuzâ Mdodâ akhawuleka
Nkomankomanâ ekhawuzâ abalondolozi
Nina bakaNyawo zimthende, zimthendelezi.
Ngwenyâ edlelâ ohawini
Nina baseNyongweni
Chakijana kaGezindaka
Suka bekhuluma!
Bhande kaMtshiba
Mahamba!
NgokuhambâuyeSwazini!
Luhuluhulu!
Nyokeni!
Nina baseLangeni!
Ninâ enabulalâ abathakathi njengoShaka
Nadlula nawelâ uThukela
Nina bakwaMgwayiza oyinsimbi engagobi!
Clan Names : Mbuyazi
Mbuyazi!
Mbonambi!
Ngiba kaNomagama!
Mageza ngobisi amanzi ekhona!
Mabhodla wena owabhodl’ ulwandle lugcwele!
Wawela ngaphesheya, owalamb’ endleleni waze wadla ubukhwebezane!
Nkonyan’ yenkosi!
Mkhosana!