clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: May 2018

Umemulo process

Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo yangabaphoxa abazali bayo

Image associée

Isikhathi esiningi lolusiko lwenziwa uma intombazane iziphathe kahle yaze yafika eminyakeni engamashumi amabili nanye – 21, ikakhulukazi lwenziwa amaZulu.


Amalungiselelo omemulo
Intombazane ihlala endlini igoye isonto lonke phambi kosuku lomemulu. Kuyaye kudingeke izimpelesi ezizoyimisa ngosuku lomcimbi nazo ezingakabi nazo izingane. Phakathi nesonto intombazane ezobe yemula iyaye ihambe nezimpelesi zayo bewoyiza emphakathini nakomakhelwane, lapho omakhelwane kumele bakhiphe abanakho okuyizipho nabo basuke beyibongela. Intombazane iphinde iye komalume ukuyo landa umkhonto.

Usuku lomemulo

Ilapho khona kuwusuku lomcimbi amantombazane ahamba izintathakusa eyogeza emfuleni,abuye ngezikhathi zasemini esevunule ngezingubo zesintu. Lolu kusuke kuwusuku olukhulu kusuke kuhlatshwe inkomo, kuculwa amaculo esintu kuphinde kusinwe. Umuntu owemulayo usuke echonywa imali ekhanda izivakashi ezisuke zithamele umcimbi ngalolosuku kuphinde kubekhona nezipho eziningi.

English Summary

It an event which is done by parents, to their child (girl) for a good behavior on it childhood. Once a girl had reached the age of – 21 or above, then this event may takes place, it usually done by the Zulus.

Preparations

  • A girl had to live inside a house in order for ancestors to see her and pass some blessings.
  • There is a peer group with same behavior who come for support, during the week they escort the girl to the community for invitations and donation as gifts from the people.
  • On the last day of the week they go to collect spear from mother’s side of the family.

The Day for Event

  • Girls go to the river for bath and and traditional clothing.
  • Slaughtering of a cow takes place, and go to the open space (esigcawini), for cultural dance (ukusina) and music.
  • On the open space a girl with it spear will go around people who are watching and do a selection by pointing down    a spear in front of a chosen-one, that particular person had to take the spear and dance (agiye) then put a certain any amount of money(only paper-ones) on the head of a girl.
 

Imvelaphi yabantu bakwa-Ndlovu

Umlando wabantu bakwa-Ndlovu 

Ukufika kwabantu bakwa Ndlovu, bafika ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka. Umlando usitshela ukuthi iNkosi uShaka yayihamba ihlasela izizwe ngezizwe azinqobe bese eyazihlanganisa zibe isizwe esisodwa. Umlando uthi-ke wehluleka ukuhlanganisa amaZulu nabeSuthu. 

Wayeshaywa into eyodwa njalo uma efika entabeni kwakunenkungu, wabe eseqoqa amabutho akhe wabanikeza umyalelo wokuthi uma ngase bathole noma oyedwa wabeSuthu abombamba bangambulali bese bemletha kuye khona ezoke bambuze ukuthi iphi inyanga yabeSuthu. 

Uma kwenzeka amabutho ethola inyanga uqobo lwayo ukhokhovula bangalinge bambulale, nangempela bamthola bandla umSuthu bathi ukumjezisa kancane waze wayoyikhomba inyanga yabeSuthu lapho yayicasha khona, bayithola emgedeni ihleli babuya nayo-ke lenyanga. Igama laloKhokhovula kwakunguTLOU phecelezi Ndlovu ngesiZulu, lo owayedidiyela amakhubalo anzima abeSuthu. Amabutho kaShaka ayengababoni nhlobo abeSuthu uma sebesokhalweni impi isiphisele, kodwa abeSuthu babebabona bavele bame phezulu entabeni bagingqe amatshe afe amabutho kaShaka. 

Umlando uthi iNkosi uShaka wamthatha uNdlovu waya naye esigodlweni sakhe , wabe esethi akakhiphe lomuthi wenkungu, nempela wamnika uNdlovu umuthi wezinkungu. Kwahamba isikhathi uShaka wamuzamela intombi ngoba wayesefa uNdlovu umuzwangedwa, kuthiwa-ke wamnikeza intombi eyayisikhulile. Umlando uthi lentombi yayisikhulile ngethambo impela, futhi kukholakala ukuthi yayingakaze imthole umuntu wesilisa , kwakusoleka nokuthi ikhubazekile kancane. Intombi yahlala-ke noNdlovu yaze yakhulelwa bathola ingane yomfana.ahamba amabutho eseyobikela iNkosi uShaka ukuthi uNdlovu usethole ingane. Inkosi yafike yathi, “ Ninamanga uthol’dala kukhona lapho lingakhipha khona?” yamangala iNkosi ukuthi kukhona uthi olungaphuma la kulento esindala kanje. Igama lalengane kwagcinwa isiqanjwa ngayo igama elithi uThol’dala. Umlando uthi uThol’dala wakhulela endaweni yase Malimede (Melmoth) ngaphansi kweNkosana yakwa Biyela, uMkhosana Biyela. Bakha lapho kuze kube imanje basatholakala abantu bakwa Ndlovu. Abanye oNdlovu bafudukela kwezinye izindawo zakwaZulu, abanye baze bafika bakha eThaleni eNkandla. Abafika eNkandla bafika sebeholwa iNkosi uMpongo kaZingelwayo. 

Kuthiwa isizwe sakwaNdlovu kwakuyisizwe sasingezwani nomsindo kanyye nezimpi. Bafika bakhelana ngokuthula nezinye izizwe ezazakhe khona eNkandla. abakwaNdlovu baqala bakhelana nesizwe sasemaChunwini khona eThaleni. Ngalenkathi uShaka eshakazisa izizwe ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa , ngaleyonkathi uMpongo Kanye nabanye bakwaNdlovu babekhonza iLembe. INkosi uMacingwane kaJama wasemaChunwini Kanye neNkosi uNgoza Mthembu benqaba ngoba bethi ngeke bakhonze umfana bona ngoba bawontanga benkosi uSenzangakhona uyise weNkosi uShaka. 

Ukukhonza kwabakwaNdlovu bekhonza iSilo uShaka kwabangela amazinyo abushelelezi esizweni samaChunu. iNkosi uMacingwane yayithi uma ihlangene nesizwe sayo isitshele ukuthi iNkosi uMpongo kaZingelwayo iyathakatha. Okuthe langalimbe iNkosi uMacingwane wakhipha inqina wathi maliyozingela ingwe, leyo ngwe ibanjwe ngamabutho eNkosi bese eyayibhila ngemithi enzima bese eyayithumela ingwe iyobulala iNkosi uMpongo eyamfica elele, kwaba ukuduka kwakhe uMpongo. Ukubulawa kweNkosi uMpongo kanje kwasithukuthelisa kakhulu iSilo uShaka besemzingela sifuna ukumbulala. 

Ngemuva kokubulawa kweNkosi uMpongo, isizwe sakwa Ndlovu safuduka sayokwakha ngasemfuleni iNsuze, ngaphansi kwentaba yaseQhudeni.kunendawo lapho esafike sakhelana nesizwe saseMbo. (Mkhize) uzalo lukaMavovo. Ngaleso sikhathi abaseMbo babeholwa uZihlandlo kaGcwabe Mkhize Babehleli kahle, ukwakhelana kwabo kwakukuhle kakhulu, babelima, kusiselwana nangemfuyo. 

Lezizwe bezikhonzene kakhulu. Ukuzwana kwalezizwe kwathukuthelisa inkosi uDingane wabonakala eseyingozi kakhulu uZihlandlo kaGcwabe uMacingwana. uMacingwana wabe esehlasela isizwe saseMbo, sabe sesifuduka nabanye oNdlovu baya eNhlazuka (Richmond) eduze nomfula iLLovo. 

Isizwe sakwaNdlovu sase siholwa uNogwijela? Ngema? Kwathi ukufika eNhlazuka , uNogwijela waphinda wasuka waya kwaNogqaza, eMngeni (Howick). uMpongo ngenxa yamandla akhe, nobuchule, nobuhlakanipha, wabe ebizwa ngo “Mandle’zizwe” bathi unguboya benyathi, buyasonga bube busombuluka.

Umlando wakwa-Ngcobo

Umlando wakwa-Ngcobo

Izithakazelo zakwaNgcobo

Mapholoba
Nyuswa
Fuze, Mavela,
Mafuz’afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal’efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel’ilanga,
Sididane
Ngongoma
MaQadi amakhulu
Mbili


Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200
Hoodies: R400

 

UVumezitha wazala amadodana amaningi, kodwa agqama kakhulu kwaba nguNgcobo kanye noMkheshana. Izibongo ezithinte oNgcobo zivela kulaba bantu ababili, abangamadodana kaVumezitha.
Abantu bakwaNgcobo bangaMalala Nguni bavela eNyakatho nezwe. Abantu bakwaNgcobo sibathola benendlunkulu, iqadi kanye nekhohlwa kuqhubeke njalo. Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, simthola akhe umuzi wakhe eduze komfula uThukela, ezansi nalo.
Igama lakhe kuthiwa nguVumezitha indodana kaMthebe . kuthiwa uVumezitha ozala uNgcobo noShangase (umkheshana) wayevela ebantwini bakatembe kamaphutha eMozambique budebuduze neminyaka yo 1500.
Yibona lababantu abasusa uDlamini wesithathu inkosi yamaswazi ngasedelagoa bay, lapho besahlala khona kuze kube manje. elinye lamadolobha abo libizwa ngokuthi kusemaputo, leligama lisuselwa kuleli elithi Maphutha, ngabelungu laba ababehluleka ukulibiza. Njengoba sesikhulumile ngamadodana amabili kaVumezitha okungu Ngcobo inkosana kanye no Mkheshana umfowabo.
Umlando uveza ukuthi uNgcobo ubekhonze kakhulu abantu besifazane besekuthi uMkheshane yena ekhonze ukuzingela izinyamazane. umkheshana yena owagcina esezala abantu bakwaShangase kodwake asiqondile ukuhlaziya abantu bakwaShangase sibheke uNgcobo phaqa.ake sibheke uNgcobo kemanje njengoba sishilo ukuthi uNgcobo ubekhonze abantu besifazane yenake waganwa ke ngamakhosikazi ahlukahlukene inkosana yakhe kwaba nguDingile).
Amadodana kaDingile aba ngamakhosana ezindlu zawo ake siqale sizwe ngenkosana yakhe uDingile ayizala endlunkulu ogama layo kwabe kunguNyuswa yena ke ufana njengenkosana jikelele yesizwe sonke sakwa Ngcobo ulanywa uZonca.bese kuthi ekhohlwa azale uGasela(fuze) noXhonxo bese kuthi eQadini azale uNgothama kanye noTshezi.
amaNyuswa
Njengoba ngichazile ngenhla Lena yindlu enkulu yakwaNgcobo. Ibuye Yaziwa ngokuthi yiNkumbemfece. Abantu bakwaNyuswa kuthiwa babakhe eduze komfula obizwa ngokuthi iMamba, ongumngenela woThukela . Indlu yakwaNyuswa isukela kuVumezitha uqobo, ozale uNgcobo kanye nomnawakhe uMkheshane. UNgcobo yena uzale uDingile noGasela endlunkulu , uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyuswa yena uzale uYemesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya.
Kuthiwa uYemesi katholanga indlalifa, kwase kuthi uMaguya ozalwa umfowabo kaNyuswa uZonca wangena umkaYemesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo. UMapholoba uzale amadodana amane uMiswayo(inkosana), uSihayo ( olama inkosana), noMavela (emzala ekhohlwa) kanye noMgabi. Lawa kwakungamadodana kaMapholoba,ngezindlu zawo. uSihayo kaMapholoba wazala uDubuyana umuzi kaSihayo kwakusenkumbeni, wayesebuthweni uNoqiki. Ngemva kokushona kukaMapholoba kwakufanele kubuse indodana yakhe uMiswayo.
Kodwa lokhu kakwenzekanga ngoba nayo yasheshe yashona. lokhu kwavusa umbango phakathi kukaSihayo noMgabi, babubanga ubukhosi, kuthiwa lokhu kwathi kungafika ezindlebeni zikaShaka kwamcasula kakhulu weza nenja wabaklelisa imigqa emibili abantu bakwangcobo wayeseyihambisa phakathi kwabo inja leyo. Yabanuka inja ngamunye ngamunye yathi ingafika kusihayo yatshikizisa umsila yahlala phansi. wayesethi ushaka “pho nisafunani? nayo inkosi yenu!” usihayo wathi eseyinkosi yabakwangcobo amanyuswa wayelokhu ethumela isipho sikagwayi kushaka. kwathi ngoba uMgabi engabutholanga ubukhosi wayesetshela ushaka amanga okuthi logwayi usihayo uthakatha ngawo uShaka. Nempela wakukholwa lokhu uShaka wayesemhlasela uSihayo wambulala.
Kwathi ngoba amaNyuswa engasenayo inkosi aya endodaneni kasihayo udubuyana owayakhe ngakuZihlandlo mkhize ukuba ababuse. yilapho baphazamiseka khona ngesikhathi sekubusa udingane eseketula uzihlandlo. basuka lapho baya emhlathuzana, kwathi sebebuswa nguMqedi kaDeliweyo uSomtsewu(Sir Theophelus Sherpstone) wabasusa wabayisa phakathi komfula iMona neziongo zase Noodsberg.UDubuyana kaSihayo wazala Deliweyo,Xhegwana noGobosi. uDubuyana wanikwa indawo enatali ngusomtsewu. uGobosi yena walwa nabakwaHlophe (umbango) ngo-1906 ngoba ethi bangamambuka ngenkathi yempi kaBhambatha yamakhanda . Wayesephucwa ubukhosi bakhe banikwa uXhegwana umfowabo.
uDeliweyo kaDubuyana wazala uMqedisi. uDeliweyo wayehlala ozwathini ngase-verulam. Yena nendodana yakhe uMqedi babekhona empini kaBhambatha. UMqedi kaDeliweyo wabekwa nguSomtsewu phakathi komfula iMona neziqongo zaseNoodsberg khona bude buduze ne Ndwedwe. UMqedi waboshwa ngokuphatheka kwakhe empini kaBhambatha kwabekwa ubaba wakhe omdala uXhegwana ebukhosini bakwangcobo.
Manje ake sizwe ngoMgabhi lowaya owabulalisa umfowabo ngoShaka
uMgabhi wazala unqume yena wazala umshiywa owazala umgudwa owazala umhlabunzima no mkhwantshi mva kokuthi ushaka abulale uSihayo, uMgabi wasuka nabantu bakhe bayokwakha ngasemfuleni uMlazi, lapho bafika bathi ukuhlala isikhashana besafuna indawo yokuhlala. Bagcina sebehlala endaweni ebizwa namhlanje ngokuthi yi-valley of a thousand hills lapho bafika babuswa khona nguNqume ngoba uMgabhi wayeseshonile. UKholo lwafika ngesikhathi kubusa yena uNqume lufika noMark ngcobo kanye noSalmon Mtshali ababevela ePakose (New Germany) epinetown eBerlin Lutheran missionary.
UNqume akaluthandanga ukholo ngoba lwaluyekisa abantu amasiko abo futhi lufundisa nabantu ukuthi bathenge izindawo zamakhosi ebelungwini okwakwenza ukuthi abelungu bephuce amakhosi izindawo zawo. NomShiywa owabusa emva kukanqume wayefana noyise engaluthandi ukholo. Emva kokushona kukaNqume usomtsewu wayisa uMshiywa eHarding ukuba ayobusa khona njengamanje abakwaNgcobo batholakala khona lapho ezingolweni eMzimkhulu .
Labo abasalayo babuswa ngu Mkhwantshi . emva kokushona kukaMkhwantshi indawo yakhe yabuswa yizinduna ezaziphethwe yinzalo kamkhwantshi. induna yokuqala bekungu Mbhanana Dladla okwathi ngokushona kwakhe kwaba nguzinti Nzama induna. ngesikhathi sakhe uFrance Hlongwa wakha isonto kulendawo kwase kufika uPosselt Weberlin Missionary Society owayengumfundisi wokuqala omhlophe kulendawo.
Umuntu owabhebhethekisa kakhulu ukholo kulendawo nokho nguwilliam Phewa. kwathi kungashona uzinti Nzama kwase kuba ngugeorge phewa induna. kungalesisikhathi lapho lendawo yehlukaniswa kabili, eyodwa ingxenye kwathiwa yi-camperdown (mkhambathini) kwase kuthi enye kwathiwa yi-pinetown. induna ugeorge phewa wazala ucharles phewa owaba yi-roman catholic. wenza ukuba kube lula ukuthi amaroma akhe isonto kulendawo kwaphela nokuthi amaroma ayosonta emariannhill. usebastian ndlovu nguyena owaphatha lelisonto.
Amaroma aguqula abantu abaningi kunezinye izinkolo kangangoba ngo-1957 abelinganiselwa ku-569 amaroma kwathi amaluthela wona ayefike kuqala aba ngu-204 kuphela. Emlandweni abakwaNgcobo bangabanye babantu bokuqala abalandela inkolo ngakhoke ukukholwa kwabantu bakwaNgcobo ngalendlela kwenza ukuba babongelwe ngokuthi: ungcobo ozandla zimhlophe sengath’uzopheny’isahluko nangokuthi”banamashiy’amhl’engathi azoshumayela
uMavela kaMapholoba yena wazala uMkhalelwa noSinqila
UMkhalelwa wazala uDikwayo owazala uSotobe
UKWEHLUKANA KWAMA-NYUSWA
AmaNyuswa kaMgabi agcine esesabalele aze afika afika ngaseMzimkhulu, sebephethwe yindodana kaNqume uMshiywa. Iyona ebusa lamaNyuswa aseZingolweni.
Kwathi enye indodana kaNqume enguMkwantshi yona yasala endaweni esibizwa ngokuthi kuseMkhambathini(Camperdown) kanye babakwaBhota(Bothas Hill). Ehlukana kanjalo-ke amaNyuswa, kodwa ebevela ndawonye. Umuzi omkhu lapho kuzalwa khona uSihayo kwathiwa kuseNkumbini. Ngalokho uSihayo wazibiza ngeNkumbemfece. Ukwehlukanisa uNyuswa kaSihayo nakaMgabhi.
AMAFUZE
Laba baziwa ngokuthi abasekhohlwa. uGasela kaNgcobo lona ke kwakungumfowabo kaDingile bobabili bezalwa uNcobo uGasela wazala uNombika noXonxo. uNombika wazala uNdaba owazala uMashiza owazala uMavela owazala uBhofungana owazala uMafongosi owazala uSiphandla owazala uMboza Uxonxo wazala abakwafuze.
UGasela washona ekhonze uXonxo kakhulu kunoNombika, lokhu kwenza ukuba uXonxo abesethanda ubukhosi bukaNombika. kwase kudaleka ingxabano eyenza ukuba uXonxo eqe uthukela ayokhonza kumadunge (abakwachiliza) emvoti ngasemgungundlovana (greytown) Kukule ndawo lapho uXhonxo azalela khona indodana yakhe uSanimuse yena wazala uMdunane, kanti yena wazala uDindi , yena wazala uSokebi,yena wazala uDlomo, yena wazala uSokebi ozale uMahawule, yena ozale amadodana amane oMavuso, Gewuka, Gintwa kanye noMadlenya.
UMadlenya uzale uHhemuhhemu, okunguyena owasuka wayokwa eMgungundlovu(Elandskop), emva kokunyakaziswa kakhulu yiLembe. UHhemuhhemu uzale uLangalakhe.inzalo eningi kaNombika yaziwa ngokuthi abakwaNgongoma.
UMafongosi kaBhofungane wajunywa wabulawa yibutho likazulu, abantu bakhe base beyokhonza kudube wakwaNgcobo emaqadini. uMboza kaSiphandla abelungu bambeka endwedwe ngasemfuleni umsunduze.kuthiwa kuke kwabakhona isikhathi lapho inkosi yakwangcobo yabeka usuku okwakuzosukwa ngalo endaweni abebakhe kuyo baye kwenye indawo.
Kwathi sesisondele lesosikhathi abesifazane basusa utshani okwakufulelwe ngabo benzela ukuthi bezokwazi ukuthatha izingodo zodwa, bezwa kamuva ukuthi abakagasela nabakashangase bayenqaba ukuhamba, ngempela inkosi yathi kulungile kungasahanjwa. lokhu kwenza ukuba abesifazane baqalele phansi bafulele lezozindlu abesebesuse kuzo utshani. yilapho-ke abakwangcobo bathola khona izibongo ezithi “ufuz’afulele njengenyamazane” abanye bathi:”ufuz’afulele njengezulu.”
Abase Mangangeni 
AbaseMangangeni bavela kuDingile ozale uNotshezi, kwabanye bonkosikazi bakhe uNotshezi yena ozale uMgcagca, yena uzale uMande, yena ozale uNdela, yena ozale uNomazocwana, yena ozale uKaduphi. Lena ngingasho ukuthi yindlu yesihlanu yakwaNgcobo. Kodwa abantu baseMangangeni kabasazibizi ngokuthi bangabakwaNgcobo. Uma nje uthi kumuntu waseMangangeni ikakhulukazi osemncane ‘Ngcobo’ angaqwebula amehlo, ekhombisa ukwethuka.
Abase Malangeni
Laba bazalwa uZonca ufowabo kanyuswa endlini eyodwa. ezinye izingane zikamaguya kaZonca zahamba zayokwakha ehlanzeni, kwasekuthi ngoba leyondawo inelanga ishisa kakhulu kwasekuthiwa abasemalangeni. kwathi ngoba unqina kangono kaMaguya engathandanga ukubuswa nguThayi kaBhebhe kaMaguya. wayokhonza kuNdaba inkosi yakwaZulu nalapho wafike waqala isizwe sakhe sakwaHlabisa.
Kwathi ngoba abaseMalangeni bengenankosi base bethanda ukubuswa ngudube wamaqadi ongazange abamukele ngoba esaba ukuthi ushaka uzomthukuthelela, base beya kunzombane emabomvini. kwathi ngokuhlushwa kwabantu bakwangcobo, umka thondolozi wakhetha ukuzithukusela yena ngokwakhe ingane yakhe umagawozi akwaziwanga lapho babalekela khona. Ngokungatholakali kwendodana kathondolozi kwabekwa ubhacela kadubo kathayi kaBhebhe ukuba abe yinkosi.
uMagawozi waqhamuka esemdala ehlikizeke ubuso, kuthiwa wathi esemncane elele nomama wakhe emva kokubaleka kwabo, kwangena impisi ilambile yambamba ubuso, yathi noma isiyethuswa kwatholakala ukuthi isiwudlile umlomo. kwathi noma eseqhamukile uMagawozi awuzange uthikamezeke umbuso kabhacela nendodana yakhe.
Ama Qadi
UNgothoma kwakunguMfowabo kaNyuswa endlini yeQadi yena uzale uNjila, yena wazala uSilwane. AMaqadi enabe aze afika eNanda kanti kukhona futhi amanye aMaQadi aseNcwadi ngaseRichmond..
Azalana kanjaloke amaqadi khona futhi lapha emaQadini siphinde sithole abantu bakwaDabeka noDube kodwake laba odube akubona laba abangonzakele kodwa baziwa kakhulu ngoMtima bangabakwaNgcobo abaganiselani noNgcobo laba. USilwane kaNjila kaNgothoma ngcobo wazala uMahluka noDabeka. uMahlukana yena wazala uBabane.
UDabeka yena wazala uDube no Mqhawe owazala uMandlakayise noLangalibalele Mandlakayise yena wazala undodembi owazala umzonjani. UMqhawe kaDabeka wabalekela esilungwini ngesikhathi sempi kaBhambatha. UMqhawe wayebusa KwaMaphumulo, Emngeni, Othukela, ENdwedwe, eNanda naseMpendle.UDube kaDabeka wayakhe egqalabeni, wayebusa amaqadi asuka eziqabeleni aya ngasentunjambili. uDube noshaka babezwana kakhulu.
UManqondo Magwaza noNomazocwana kasomsuka ngcobo (indodana yakhe ukaduphi wayebusa exobho nase-alexandra) babengamthandi udube, kwathi ngesikhathi sekubusa udingane badala ubutha phakathi kukadingane noDube okwenza ukuthi udingane aqothule amaqadi kaDube ngoMbasa 1838. umkhulu kalangalibalele john dube wabulawa ngaso lesisikhathi. lokhu kwaba lula kudingane ngoba wayevele ebazonda bonke abantu ababezwana noshaka. kulapho umahlukana kasilwane abaleka namanye amaqadi bayothi gozololo phakathi kwemifula umngeni nomdloti.
uMahlukana wayehamba nomqhawe, umfowabo kadube, owayesemncane ngalesosikhathi, ngakho-ke wafika wambambela ubukhosi waze waba mdala umqhawe. ngokugqabuka kwegoda (ngesikhathi umpande eguqukela umfowabo udingane) amaqadi abuswa nguMqhawe enanda. izwe likanomazocwana kasomsuka laphiwa uMpeyana kaManqondo Magwaza emva kwempi kaQethuka noMpeyana.umqhawe kadabeka ngcobo wazala uMandlakayise owazala undodembi owazala umzonjani.
Umqhawe kadabeka wabalekela esilungwini ebalekiswa ngubaba wakhe omncane uMahlukana ngesikhathi iNgonyama uDingane ehlasela amaqadi kaDube. Kwathi ngesikhathi umqhawe eseyinkosi wabeka umahlukana ngasebotha’s hill ukuba abuse khona, ngempela waba yinkosi waze wakhothamela khona lapho. kwathi ngemva kokukhothama kwakhe indodana kamahlukana ubabane yaba yikholwa yayisithumela kumandlakayise kamqhawe owayebusa ngalesosikhathi ukuthi useyabuyeka ubukhosi. ngakho-ke bonke abantu ababebuswa nguye base bebuswa ngumandlakayise.
Izihlobo zakwaNgcobo
Dube (Mtima), Dabeka, Ngongoma, Shangase kanye nabanye!!
Izibongo ezidabuka kwaNgcobo
Hlabisa, Ngidi (Hlomuka), Woyisane (Nzama/Zama), Vilakazi, Nzimande, Jili nezinye esingakabi naso isiqiniseko sazo.
 

Ubuhle Bendalo

Image result for zulu beauty

Image result for zulu beauty

Image result for zulu beauty

Related image

Related image

Image result for zulu beauty
Image result for ubuhle bendalo zulu beauty
Related image

Image result for zulu beauty

Sthandwa sami samaphupho



Ngixolise uma kuyiphutha ukuhluleka ukubekezela.
Ngithi angikubhalele lencwadi kwazise sesiside les’khathi ngihleli ngilindile ngidliwa umzwangedwa.

Selokho ngagqolozela intshonalanga ngilinde ukushona kwelanga ngazi ngani mhlampe wena ungumafika kushona ilanga.

Ufikile kimi ngephupho ukhophozela sibizana ngo bbe ngizwe kugijima igazi ng’ykuthembisa oyokuthinta kochitheka igazi.

Ng’yazi angikaze ngikubone sikhulume siyixoxe lendaba sijabule kodwa ngemicabango siyazithamunda ngikubone nangamehlo engqondo.

Ngathi seng’yabona sunyathela emagcekeni asekhaya kwazise unyathela ngabantwana phela wena uyilembali eqhakaza ingabuni.

Wena uyilento engithi mang’yicabanga kwehle izinyembezi zothando.
Sengathi ngakuthanda ngingakazalwa namanje ngisakuthanda futhi uyohlale ungothandiweyo wami.

Sengikhathele ukuwa ngivuka ngiphathwe nayikhanda ngenxa yokungqubuzana kwemicabango namaphupho enginawo ngawe sengifuna ukuba nawe themba lami.

Ngiyathemba la ukhona lencwadi izofinyelela, uze ungisize uyifundisise.

Izithakazelo Zakwa-Mafuleka

Izithakazelo Zakwa-Mafuleka

Ndinisa
Mbhobho kaBikwayo
Mlaba
Mazalankosi azala uDlambula
azala uLubelo
Mzomba
Ndlela
Zinomswani njengezendlovu
Thuliswayo
Bhejelibomvu!!!

Izithakazelo Zakwa-Mbuyisa

Izithakazelo Zakwa-Mbuyisa 

MBUYISA
MLOTSHWA
MAGEZA NGOBISI ABAFOKAZANA BEGENZA NGAMANZI
NTINI
MCHUSI
MANANA
MGUDLULI WENA OWAGUDLULA IZINTABA
XABA
MNTUNGWA!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: