clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: September 2018 Page 1 of 31

Izithakazelo zakwa Ndebele

Izithakazelo zakwa Ndebele 😍 Ndebele clan

Ndaba,
vananda,
mazlankosi,
magalela gase njenge ngonyama,
wena owathethelela amakhosi ntshinga benonsele

Umlando bakwa Ntuli

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele.Batholakala endaweni engaphasi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo,

EMnambithi.Baziwa kakhulu ngokuth uma befunga bathi,
“Ngiwafunge aMabhele eseLenge!”Amanye aMabhele atholakal ngse Ntabeni yaseNkuzi ngenhl nomfula iNdaka ngaseWashibhange.

..Kuthiwa lang limbe iNkosi u Shaka izipholele bgaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona.kuthiwa kwakukhona amadoda,abantu besifazane nezingane.kuthiwa bthi uma befika ngasemfuleni u Thukela iNkosi u Shaka yababuza ukuthi babalekani bthi babaleka amazimuzimu.kuthiw iNkosi yayalela induna yayo eyayihleli nayo uMaphitha kaSithole ukuth akahamb ayohlala nalabobantu ngaphansi kwentaba iLenge abagade bengadliwa amazimuzimu.

Kuthiwa iNkosi uShaka yabahlalisa ngaphansi kukaZihlandlo kaGcwabe nMkhize,endaweni yaseNkandla.Bafika e Nkandla babizwa. Ngokuth abakwaNtuli ngob kwabonakal izi Ntuli zishunqa bebalekel amazimuzimu.
Bahlalisana kahl nabantu baseMbo kwaze kwavel u Ndlela indodan kaSompisi Ntuli.

Msane Clan 😍 Izithakazelo zakwa Msane

Msane,
kunene,
ndimande,
gcwensa,
majoka,
Bonke labo bantu abaka NXaba kaMbhekane,
bathatha izithakazelo bazenza izibongo,
njengoba sekukhona abakwa NGudu

Izithakazelo zakwa Mashiane

Izithakazelo zakwa Mashiane:Mashiyane, Kgabu, Mkandla
Mlayedwa ongenamlamuleli
Thothobezana wakwa nongwago
Mashiyane phuma phansi kwentaba
Unganwe zimamba nezimambakazi
Mashiyane wamthathaphi
umntwan’ odla magobobo
Sivula sidla mrena
Kgabu enamela setlare etshe bregu
Kgabu!!

Izithakazelo zakwa Mpangazitha

Uma unolwazi ngezithakazelo zakwa Mfuphi, zithumelae kule-email: [email protected]

Izithakazelo zakwa Mjaji

Izithakazelo zakwa Mjaji
Uma unolwazi ngezithakazelo zakwa Mjaji, zithumelae kule-email: [email protected]

Izithakazelo zakwa Phakathi

Izithakazelo zakwa Phakathi

Nina bakwaMthentuhlabausamila
BakwaJuqulodlamahleza
BakwaNyoni kaMamasiyephi
Ibuye noNgce eSibgubudu

Yathi Mamase phumungicombele
ZinamanyayezakoSozayi
Zibuye nembewisaphethwe
Nina bakwaMthonguthongwana
UmuthodlamaNyanyambeya
Nina bakwaSigagu

Nina bakwaZikhethankomo
Nina bakwaMhlambushiyanukwayusa
Nina bakwaNdamase wasekuYeyeni
Nina bakwaLanga liphume ladela
Lakhumbuyamanyamayanga
Laze lakhumbula koMafuya
Nina bakwaMlotshwa
Nina bakwaSambane.

Izithakazelo zakwa Mncwango

Izithakazelo zakwa Mncwango
Mjaji ka ngotshana,
Makhumbuza uthuli,
Nsiba ka muntsha,
Dubeni,
Wena owanyela emfuleni wenkosi wathi uyancwanga,
Mpangazitha oziphangayo,
Mzingeli kamfekaye,
Mncumbatha !
Phakathi wako Nkosi !!!

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Izithakazelo zakwa Mbanjwa

Mbanjwa,
Sokhela,
Galaza,
Mzekwa,
Nyonemnyama eyabizwa ngekhwelo yakhala yathi tsiyo tsiyo
Nhlangwini,
Nongoma,
Khuze laseGugwini

Siyabonga kuSicebi Mbanjwa okuwuyena osibhalele

Mzila Clan Praises

Mzila Clan Praises

mzila,
nyambane,
mzila wezinkomo,
vavolukhulu,
olwangasentimbili lwavungama,
msila wesilo ugoqolo,
nina bakowoza,
nina enagqiza ngesongololo abanye begqize ngobuhlalu,
dadase

Page 1 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: