clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 16 April 2019 Page 2 of 14

Goqo Clan Names

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,

Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,

Sobahle, Dubandlela

Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,

Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,

Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,

Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Izithakazelo zakwa Qoma

Izithakazelo zakwa Qoma 😍 Qoma Clan Names

Izithakazelo zakwa Mhlamvu

Izithakazelo zakwa Mhlamvu 😍 Mhlamvu Clan Names

Uma unazo sicela uzithumele kule email: [email protected]

Izithakazelo zakwa Mtsweni 😍 Mtsweni Clan

Mtsweni!

Ngunondarhana nguweliwa!

Mfene zimabutho ngoku fulathelana kokuthsinga kwelanga.

Mzilakatha kanti ukathela ngayo.

Ngumla yedwa onganamlamuleli.

Ngu ndala phirima mhlabephirim

Msiza Clan Names

Msiza Clan Praises :

Msiza Liphahla Mrholozi Mswangubo ovela kaMgagadhla epumalanga kwalanga libalele

Somhlawulan’

sihlawula tsweni ilihlo lomsuthu aliboni kubona lika-Somhlawulani Ngumbina komo sazila isikhumba sayo, sazil’ ibisi layo, sadl’ inyama yayo Nguvovu okhal’ inyoni, Ngudzwiri awakhamb’ emagadeni emacatheni weenkomo Mavovo ako-nyoni Marhobejan’ ako-jaji Malil’ angakabethwa BoMsiza, BoSwangubo baphiwa ngu-Ndzundza no-Manala babuza bathi: laba ngibaphi? bathi: maSwangubo avel’ ebunguni. bathi: maSwangubo napu ubukhosi benu buthatheni! uMsiza wathi: ubukhosi bethu sabutjhiya ebunguni bathi: arha, sizakuthi, ungu-Msiza liphahla, owaphahla ikosi namadodana wayo maSwangubo.

Msiza

E! Msiza!

Msiza liphahla

Mrholozi!

Mbina komo yetlhaba.

Mfazi wamabele amade owamunyisa umntwana ngaphetjheya kweligwa niligwana.

Ngumathethela, Lilihlo loMsuthu aliboni libona tlhabalantsweni.

Simavovo akonyoni, Simarhobejani akojaja, Amalila angakabethwa

NguMsiza, owasiza uNdala amadoda alibele.

SingebakwaSomaphengwana.

E! Msiza!

Iimbongo zikaMsiza

Saphuma kuLangalibalele, kuDlomu kaMthimkhulu.

Sikhutjhwe ngezekhaya, sabetha ithango ngemva.

Wazibetha zasuka uSwangubo kaLiphahla,

Wehla ngamathango womabili, wehla ngeKangala, wathi asemithonjaneni yikaSwangubo wazibethela zajama.

Yehla inyoni yesirhodimo

Umoya omumbi owageda iinkomo nabantu.

Abantu sewuqede amatjhumi abunane, Iinkomo uqede amatjhumi alithoba nanye.

Wazibetha zasuka uSwangubo kaLiphahla.

Uthe angaphetjheya kweligwa neligwana, wazibethela zajama.

Kwavela uNdala. Undala uvela ngoNomude.

USwangubo uthi: “ungiliphi?”

UNdala naye uthi kuSwangubo “Ungiliphi?” wathi: “NginguSwangubo”

Uthi:”Ndala wenzani uvuthela igazi ngomlomo”.

UNdala wathi: “Swangubo, ubuza nelibonwako na?”

Usukile uSwangubo kaLiphahla, waya kunina uNangubokazi, wathi: “Mma uyezwa na? Nangu uNdala uphethe amathumbu ngezandla, uvuthela igazi ngomlomo.”

Unina wathi: Mntanami, isifo samanzi ngiyasesaba; Abangani bakho laba, bazakuthi nabakubulalako nawe uzazibulalela.”

UNangubokazi wakwaMnguni, umfazi onamabele amade, uthe: “Ngipha ingubo yedini”

Wayithatha wayimbatha emhlana, enye wamnikela waguqa ngamadolo phezu kwayo, wathi: “Mntanami ngibakhandisile, bazakuthi bakubulala, nawe uzibulalele, lambetha lingaziwa.”

Uthi uKumbuza kaMsiza, ukhumbuza abakhulu ukuhlabana, kandi abancani balibele.

Wahlulukela uGobholibi kaMasanabo,

USotjambunda wabandazela iimbambo zamadoda,

USomatjhiya, indoda eyakhotha ubovu ngomlomo,

USombambo zaya uluhlu zaya amasolokohlo.

Mgoza Clan

Mgoza

Zikode!

Hadebe Clan 😍 Hadebe History

Hadebe origin & history:

Hadebe!

bhungane!

bhungane kansele!

zikode!

bhungane wenza ngakuningi!

makhulukhulu!

umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga! Bhungane!

unkulunkulu uziqu zintathu, kodwa ubhungane uziqu zingamakhulukhulu!

mthimkhulu!

mashiya amahle, amade anjenge nyamazane!

mafuz’ afulele njengelifu lemvula!

s’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kubengathi siyamujamela!

ndlubu ezamila ebubini bamadoda!

ndlubu ezamila emthondweni! 

bhungane owehla ezulwini ngesilulu!

inkunzi enezindlu ezamila emthondweni!

bhungane ongumakhulukhulu!

nina enindlebe zinhle zombili!

nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama!

nina omagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele!

mahlubi amahle!

mangelengele amahle!

nina mahlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana!

mashwabade owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo!

izibongo zengonyama yamahlubi ulangalibalele kamthimkhulu kabhungane.

mdingi kajobe!

sembatha mkhonto njengengungu!

abakwaqili babeza benhliziyo zimnyama!

bemthatha bemhleka bethi kananyongo kanamhlwehlwe!

kanti unomhlwehlwe ubhabhanana!

umqomboli wendlela zokhabonina!

ingani abadala sebazikhohlwa!

kaziwa ukuthi yena uzazi ngani?

ijuba elahlala enkundleni kasibhenya balithela ngezibi laququbala!

isihalahala sezinja zikasibhekane!

ezimlomo ubomvu ngokudla izingazi zamadoda!

umpondo ezamaduna ezamathole!

ezelanga elaphuma endlebeni eyendlovu!

mhlawumbe liyophuma endlebeni yengonyama!

umbalekelwa owabalekelwa zinduna zikayise!

ubalekelwa zinduna zakhe;ubalekelwe umanzulwa owayezalwa umanqamu!

wabalekelwa umpangele owayezalwa usigodlo!

u-sibhamu esidume ekuseni kwanobamba!

bathi unobamba kangibambanga ngani?

izulu elidume ekuseni labuyisa abafazi ekuthezeni!

unobanga izwe akangalifumana, elibanga nosomtsewu!

umbasi wamakloba amabili!

elithe elinye lisavutha le kwaphosihawu, elinye lalivutha esibubulundu!

ufulathele imbali azamfanela!

uthe esewafulathele amangisi, no molapo ka moshoeshoe naye wamfulathela!

ahamba naye amangisi wavalelisa okamthimkhulu wathi: ngithe ngibalekela kozongisiza angifihle kanti ngibalekela esilwaneni esingu molapo ka moshoeshoe!

yasho njalo indlovu kamthimkhulu seyemuka sewehamba nayo amangisi!     kuzwakele baphinda bayishaya indlovu kamthimkhulu emkhunjini sebeyisa eroben island umkhumbi wabhajwa kwacima ilanga!     ulangalibalele kamthimkhulu kabhungane! 

isilo samahlubi! 

siyabusa siyabangiswa!

bholoba obholobe izinkomo zamadoda! 

umsiki wezithotho zabalanda naba landakazi kazi abalanda bayozala ngani! 

ubhoqo walu kusineka usankusane salukumila! ongenjobo ngeyethusi ngeyakithi ephangandlovu!  ongemabala ngawengonyama!   umthimkhulu omuhle ofana nondlanzi wakwa lokothwayo

umthimkhulu ubengawuvutheli umlilo ubengafani namakhosana akwabo wona abethi ayawuvuthela kanti ayawubhebhezela! 

umarhogo uyababa njengetshongwe yomlambo! 

inyoni emaphiko made, endiza ezingweni zothukela!

ndlubu ezamila emthondweni!

mafuze afulele okwelifu lemvula! 

umashwabadela izinkomo nezimpondo zazo! 

isilo sikamhlola esilwa impi ngemuva nangamphambili! 

bhucwa obuthakathaka owabhucwa kwaze kwaphuma ilanga! 

nhlabathi yondi nothukela!  

ngifike beyihlenga beyiphalaza, nami ndayihlenga ngaze ngaguzubala! 

ndlanzi enhle yakwamthimkhulu eyawela umlambo impofana nothukela, ingawelwa ngezinyawo, iwelwa izinkonjane nazo ngoba zibhabha phezulu!     ludwadwa lwezinkomo zakwanonqayi ezilala ngetshungu zivuke ngayo!      mphuhlane ophuhle wavelela phezu kwamahlubi! 

hlubi elihle!

bayede silo samahlubi!

inkosi ayiqedwa! 

ibinda mahlubi!

izibongo zakwa hadebe zinde kakhulu, kungashona ilanga zishiwo, abantu bavukwe uhlevane, usinga kanye namadlingozi, kuze kubange abemnyama amafu kune nezulu. khumbula inkosi yamangelengele ayikaze imbelwe ithuna, kodwa iyathathwa isizwe samangelengele uma isikhotheme ayoyibeka emangelengeleni (emadwaleni, emaweni) asabekayo okungafinyeleleki kalula kuwo.

Namanje kuyaziwa ukuthi uma kufuneka kuyocelwa izulu kufanele kuhanjwe kuyiwe enkosini yamangelengele, ngisho nabamhlophe abangabalimi eduzane bayazi ukuthi akugeji uma kungaze kuyiwe enkosini kuyocelwa izulu, ngisho ngemikhosi yamahlubi, noma ikanjani kufanele line izulu noma belingekho kangakanani.

Amangelengele athembele emthandazweni wawo awunikwa umvelinqangi, nozwakalayo kuye ngalesosikhathi. uma ke wena ungafika nowakho umthandazo owawufunda ndawothizeni, angeke nakanjani kwenzeke lutho, noma ungajula kanjani!

Ngizothola ilanga ngizibhale cishe zonke noma ngingeke ngaziqeda ncamashi ngoba zinde futhi zifuna ulwazi olubanzi, umnotho wethu, umthandazo wethu uma ushiwo umvelinqangi ezwe manje aphendulu manje futhi abonise imimangaliso yakhe manje.

Ngiyanxusa izibongo zethu zishiwo njongoba zinjalo, zingacwecwa ndawo ngenxa yokholo, konke okushiwoyo kunomlando omude kanye nezincazelo zakhona.

Alikho ihlazo kanye nezinhlamba ezibongweni zethu. e.g, umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga bhungane! ungabhala imiqingo yamabhuku amakhulu najulile nje ngalowomlando kanye nanesisusa salesisibongelelo, lokho kusho mahlubi, akusho ukuthi singabahedeni. khumbula ukuthi amahlubi isizwe esidala (acient tribe which date back from north africa to central africa, to east southern africa to finally southern africa) ukudlula zonke izizwe e southern africa, futhi singabaphembi bezinye izizwe, umlando ngalesosibongelelo siqalisa lapho kufika abamhlophe beqalisa befundisa ngokholo, bechitha futhi beyamanisa konke okwethu nedimoni kanye nosathane.

phela ngesikhathi sikabhungane, kwakusuthwa emahlutshini, nobukhosi babubukhulu futhi bunamandla kakhulu, kuningike okwavela ngalesosikhathi.

qaphela kulokhu, olimini lwabantu abansundu, igama elithi dimoni kanye nelithi sathane asinalo, amagama wokufika lawo olimini lwethu. amahlubi kanye nezinye izizwe ezinsundu, azange abenosathane kanye namadimoni, kepha abamhlophe yibona abafika nabenza lezozinto kanye nalezozenzo ezizweni ezinsundu, izizwe ezinsundu zazinobuntu ikakhulukazi. izinto ezinjengalokhu zenza amahlubi azabalazisane kakhulu nabamhlophe, okwenza ukuthi amahlubi kugcinwe kuthiwe isizwe esinenkani ngendlela eyimangaliso, nesingezwa ukudlula zonke izizwe ezinsundu.

eqinisweni mahlubi amahle, igama elithi nkulunkulu kalikho olimini lwabantu abansundu ngisho nasemlandweni wabantu abansundu, kulibizo elakhiwa ngabamhlophe bezama ukuchaza ukuthi lona abakhuluma ngaye mkhulu kakhulu, nkulu nkulu, lokho kusho singakuyamanisa nolimi olubizwa ngesifanakalo. abamhlophe bafundisa ngokholo lokufika oluno nkulu nkulu oziqu zintathu, (trinity) becacisa phakathi kokholo lwabo kanye nolwamandulo elaliku mvelinqangi, uqamata okwakukholwa kuye.

izibongo ezithi umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga bhungane oziqu zingamakhulukhulu zavela ngalesosikhathi, amahlubi awazange abone kahle ngasolinye kanye nabamhlophe ezintweni eziningi, okwaholela ekutheni ekugcineni ngci ngesikhathi senkosi u langalibalele, amangisi anqume kwi proclamation yabo yokuthi akusafuneki kubekhona isizwe okuthiwa amahlubi kanye nobukhosi bawo.

okunye nakhu. inkosi ubhungane la yayithinte khona kwakwanda, yingakho ezibongweni zenkosi ubhungane kuthiwa: bhungane wenza ngakuningi.

(2) ndlubu ezamila emthondweni, abanye ngokubona ihlazo noma inhlamba, bayavama ukujika lokhu bese bethi, ndlubu ezamila kabi, njalonjalo, konke lokho akukho.

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Kabini Clan

Hlalithwa Clan Praises :

marhong’wane, madindwasi!!!

uhlalithwa ngu kabini omnyama namadodana,

ngu thayi thayi bemusukela esgodini kwakama        

ngu nzima limnyama ingamhlanga utjhizolo,

u hlalithwa ngu ngalo ziyabikwa emandebeleni

mfazi owamunyisa umntwana ngaphetjheya kweligwa ne ligwana,

ngu msila os’thithibala wakwa nzunza, nalokhu loko usathithibele,

osirhononako akaqali emuva umhlanga usithintile.

ngu makgwadi wakwa mdakana, wona odla umbinazo nguso gegana

ngu pengu ayithunywa, wayithuma iyathumba. yathunywa e swazini yathumba, yathunywa kwa sigwadi yathumba. yathunywa kwa gobha nakhona yathumba.

uhlalithwa li qina eleqa ngamlenze munye, lisenza amano wokweyama eendunguzweni ezimbili ukuya emthonjeni ongaphetjheya kwe ligwa

ukabini mthombo kawuselwa.

umfazi angawusela uyabhijidelwa.

indoda yangawusela ibhodla isibhorho

madindwasi!

Mbanjwa Khathini clan

Izithakazelo zakwa-Mbanjwa:

Sokhela,

Nyon’emyama,

Eyabizwa ngekhwela yasabela yathi tshiyo,

Gqabela kavezi,

Wena ozalisa abafazi baliwe amadoda abo,

Mzukuzeli ulwandle aluwelwa luwelwa zinkonjane ezindizela phezulu,

Mpazela,

Sisho wena nkanyezi yezulu,

Mzekwa,

Galaza,

Magujwa,

Dindela!

Page 2 of 14

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: