clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Day: 16 April 2019 Page 3 of 14

Nhlumayo Clan Names 😍 Izithakazelo zakwa Nhlumayo

Izithakazelo zakwa Nhlumayo:

Khuzwayo origin 😍 imvelaphi yakwaKhuzwayo

uKhuzwayo Kwakuyingane yenkosi yakaQwabe yayizoba inkosi makukhoma uyise ngenxa yokuthi umndeni kaQwabe wawumkhulu kwaba nombango wobukhosi okwagcina buthathwe bayendlin ekwakungafanelekile u khuzwayo bamphuca ngoba bethi uluhlaza.

Bajika bathatha inganeyakhe bayikhethisa inkosi mabebuza abanye bomndeni bathi bona abasadlelani Γ±endlu khuzwayo wasethi u khuzwayo is omelette nisethe isbongoke mina nendluyami bathi uSmamane ngoba inganeyakhe imamathekele inkosi wasnqaba,bathi uMbhongela ngoba ubhongela inkosi imetha isbongo wathengamane edlinyama eyayihlatshiwe aGoduke,waDlawemuka kaQwabe.

Izindlu zikaKhuzwayo zaseziningi kangangokuthi ezinye zasezisukile Ingoe lasasibekwekhona singoQwabe sazesathola esithi Gumede ngoba ungovernable lunemigelekede emaguma uGumede uqhamuka kanjalo,so abanye bendlu kaKhuzwayo abazikwasala kwabanesbongo esasthola Ongoye ngoba isibongo sakithi sasvele ngesici oKhuzwayo ebasebesukile Ongoye ababebesayizwa eyokuthi thina singoKhuzwayo bakubo bathi ababona bona I dlamuka uMnguni insila yomuntu omvelaphi yakhe ikwaZulu.

uMzimela isici lapho omunye womndeni wazimelela ngenduku yethusi ekhaya

Qwabe surname 😍 Uzalo

uQwabe uzala uMahlobo
uMahlobo azale uSidinane
uSidinane azale uKhuzwayo
uKhuzwayo azale uSimamane
uSimamane azale uLufutha
uLufutha azale uMncinci
uMncinci azale uKhondlo
uKhondlo azale uPhakathwayo!

Izithakazelo zakwa Ndlela

Ndlela Clan Praises 😍 Ndlela surname

Ndlela,
Bayeni,
Machunu amahle anyathela ngemikhonto esanda kulolwa!

Izizwe ezabekwa isilo uShaka KaSenzangakhona

Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho.

Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe.

Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni.

Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka.

Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe.

Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu.

NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo.

Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi.

Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo (Ongoye) bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni.

Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi β€œuQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.

OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

Ndwandwe clan 😍 Izibongo

KwaNdwandwe kuzalwa uMngcwanga
UMngcwanga uzala uFekhaya
Isizukulwane sakhe uNhlekela noZwana noPhakathi

UNhlekela uzala uMsane
UZwana azale uMzimela
UPhakathi azale uMfeka

UMsane noMzimela kanye noMfeka yinto eyodwa ngimile kulelo.
UNtaka uqale eZaphowane ngokudla izintaka labo bangabakwaMzimela.

uMfeka no Gumede bahlobene na?

Imibono yabalandeli yale-blog

UMfeka wayezalwa uGumede kuyindodana endala,wabe eseshiyelana ugwayi nodadewabo wambamba oqitsheni uGumede wanengwa washaya uMfeka waze wamphosa olwandle.

Emva kwezinsukwana waya olwandle uGumede lapho amphose khona wafike washisa inoni kusenjalo memfu uMfeka ehlamba emanzini olwandle eza kuGumede,wabe esethi uGumede:isenzo osenzile sibi njengoba uzimelele ngomsila kudade wenu ngakho-ke awusesuye uMnguni kaYeyeye usungu Mnguni wasolwandle njengoba uphume olwandle nje zimele.Savela kanjalo ukuthi singabase Mazimeleni sizimele.

Umfeka,Mzimela yinto eyodwa yibo kuphela uMnguni wasolwandle.uma uthi Mnguni usuke ungakasho lutho.

Mina ngatshelwa uMkhulu wathi singaganwa kwa Gumede akusibo abakithi

Mzimela Clan Praises 😍 Izithakazelo zakwaMzimela

Mzimela

Mnguni

Donda!

Lwandle aluwelwa luwelwa ziNkonjane

Ntshishwayo wena wase Ndingazeni

Veziwomlomo Sihubela Sbhakuza salolukhethe

Njingili!

Umlando wakwa Khuzwayo 😍 Ubukhosi bakwaKhuzwayo

Khuzwayo origin 😍 Khuzwayo surname

Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi:

ymfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo.

Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu.

Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede.

Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela.

AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo.

Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika ingxenye yendawo,yakaQwabe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

Umlando wakwaQwabe 😍 Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe 😍 Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

Page 3 of 14

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: