uMlando wakwaMbambo:

ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-

Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa

ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza

kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana

kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli

obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo.

Kuthiwa uMbambo lona wayengaganiwe futhi

engakufuni sidalo. Wayezikholisa ngabafazi

babafowabo ngesikhathi besempini. Kwathi

angabanjwa ukuthi ugila lo mkhuba, wabizelwa ecaleni kodwa akayanga lapho.

Wavele wazigibelela injomane yakhe. Ngaleso senzosakhe wabe esebizwa ngokuthi nguNjomia okwagcina sekungesinye sezithakazelo zakwaMbambo.

AbakwaMthethwa banquma ukuba bamhlasele

ebusuku engazelele. Sebemkakile, wavele

waphuma nezinkomo zakhe wagoba walingana

nazo futhi wagobisa izandla njenge-zimpondo.

Wahambake nemfuyo yakhe wayozinza

ngaseMvoti. Lapho ke wafika wakha umuzi

wathi kukwaMbambo. Ngenkathi elapho

uMbambo, waqala wakhumbula ukuthi

kufanele aganwe ma-nje ngoba babengasekho

abafazi babafowabo njengenkathi

esekwaMthethwa. Waganwa ngamakhosikazi

amane.

Wazala kakhulu, uzalo lwakhe kwaze kwathiwa

ngolwakwaMbambo. Inkosana yakhe kwaba

nguZikhohlwana. Nayeke uZikhohlwana

waganwa. Inkosikazi yakhe yayengelwa iNdiya

elabe lakhe eduzane kwabo, wagcina ezale

ingane yomfana igama layo okwabe

kunguNkobezemfe. Naye uNkobezemfe wazala

inkosana yakhe uLusongo okwagcina exabana

nomndeni ngoba umsola ngokuthakatha.

Wabaleka wayokwakha eThekwini. Nethuna

lakhe lilaphaya eZimbuzini, ngaKwaMashu.

Kunabanye abakwaMbambo abalaphaya

eNdwedwe, bonake abazibiza ngoGoba.

Bakanye nabo laba abaphuma kwaMbambo

ngoba kuthe sebehambe kakhulu, base begoba

amadolo.

Bakhona abanye abahamba bayokwakha

eMthwalume naseBulwer. Kuthe uma abelungu

sebenikeza uMqundane kaMaboyi wakwaMlaba

eMahlabathini indawo, abakwaMbambo

nabakwaVilakazi bahamba nabo okwagcina

abakwaMbambo beba ngondunankulu

bakwaMlaba. KunabakwaMbambo

abaseDundee bona abazibiza ngoChiliza kanti

uma uya eMkhambathini, kunabakwaMbambo

abazibiza ngoMdunge. Kuyavela futhi

emlandweni ukuthi endlini encane yakhona

eMaDungeni amaDunge abuye athakazelwe

ngoMageza ngobisi lwenqu….. yabafazi ba-

manye amadoda.

OMbambo baseMvoti belamana kanje: UKhayi

wazala uJangaza, uJangaza wazala uMbambo,

uMbambo wazala uZikhohlwa-na, yena wazala

uNkobezemfe yena owazala uLusongo, uLu-

songo wazala u-Isaac ozala uJotham.

OMbambo abaKwaMaphu-mulo bazalana

kanje: USikana (uNjongolozemikhonto) waza-

la uSambane (onguMavalane ibutho lakhe)

yena wazala uNtinti.

OMbambo baseNhlungwane eMahlabathini

bazalana kanje: UNdaba uzala uBhubhu

(owakha umuzi wasoDondolo) wazala

uMahawule, uSikhulumi noNomalenje.

UMahawule wakha umuzi waseNkalangiphethe

nethuna lakhe likhona lapho.

USikhulumi wakhe umuzi wakwaDingumphathi.

UNomalenje uzalo lwakhe luseNjampela

KwaNongoma. UNomalenje uzale uNdindindi

noMbhali owaphuma nomuzi wasoDondolo.

USikhulumi wazala uChwasha (uShayitshe) no

Madolo.

IZITHAKAZELO ZOMBAMBO

Mageza ngobisi lwenqu… yabafazi bamanye

amadoda, abafakozana begeza ngamanzi,

Ubambo kaludliwa ngabafokazana, ludliwa

umlandokazi, Mbiko, Mkhemezela, khethwayo,

Jangaza, Bhubhu kaNdaba, Goba ngokugoba

amadolo, Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka

Mandlovu.