Shibase Clan Names 😍 Izithakazelo zakwa Shibase
Shibase
Zondi
Nondaba
Mqathongo
Mancinza
Wena owancinza intombi wayibuyisela esonkeni
Mzekwayo
Gagashe
UMthungwa
Luqa?
Day: 10 November 2020
Ngonyama
Gabede
Mshishi
Mdumezulwini
Thethelwayo
Mhlongamvula
Tshoza
Cwazibe ! ?
Ngcebengwa
Zitha kaLabase, Ndawonde! S’bhene senala! Chochozela! Nyama yentini! Wen’owangena esibayeni kwanuk’inyama! Wangen’exhibeni kwanuk’utshwala! Madani! uZitha omuhle omhlophe nangenyawo! uMakulandela owalandel’ inkosi wayibiyela ngodaka! KwaZitha akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngamakhand’ amadoda! Omgingqi omphaqeka! Omahlekeshiyana! Ombil’ emnqini!
Goge Clan Names
Ncome
Thumbeza
Izithakazelo zakwa Nzalo 😍 Nzalo clan names
Nzalo
Hlahlekhulu
Mnandephethe
Mahhumane
Izithakazelo zakwaMpembe 😍 Mpembe clan names
Mpembe Nala Ndokose Nojakadelana Nongquma,
Mangqangqangqa khany’enkungwini kuvel’ilanga,
Abakhany’ehlungwini kube kuhlwile,
Ngabaphembel,umlilo emanzini,
Bewuphemba ngamabele,
Abanye bewuphemba ngezibi,
Ngababas,esizibeni kuvuthe kuthi bhe,
Ngomvul’eyana ngobusuku kwasa kubonwa ngezikhukhula,
ImiGobhozi emihle yaseMithonjaneni,
NgamaMpembe amhlotshana,
Inkom’entle ungayinik’amaMpembe,
Kodw’ibala layo libe Nala aze kuhamb’ezidumisa,
Bangaqundana yazi ukuba bamphethe,
Bangaba ngumphangalalana,
Yaz’ukuthi sebehlukene naye,
S’bhekuza sikaNzima singathi bheku konakele,
Umaphal’engceni njengenyamazana,
Thunga elikhulu elingagawulwa ngamavila ligawulwa zizikhuthali.