The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.
Popular people from Dlamini last name
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]
Royalty from Dlamini last name
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.
Ntethelelo Dlamini mzizi jama ka sjadu,
Ngphuma eMsinga ko Dlamini mzizi sjadu mntwana osingathwayo, ngicela ukuba uDlamini uhlangan nj kuphel kube sibongo esisodwa njengoba sibhala phansi
Nhle
Ngicela ukwazi ngezithakazelo zakwaDlamini-Nkosi…nomlando wakhona
Nkunzebomv umabhakuza
Aningicaciseleni la boDLAMINI ngomlando wakwe2
ngingumalandela owalandela iznkomo zamadoda imfoloz emnyama inkethabaweli ugagane lukandaba olwagagamela amatshal luyawahlab ezbunjini luzumane ndaba komkhulu wena kanyanya omnyama ngokunyanya amanyala…
Ngolwaz enginalo uyena baba wodlamini loo bazalwa nguye bonke nezinye izbongo njengo mageba oyiwele lika phunga (zulu)
Bengicela onolwaz olufanayo nolubanzi ngalamakhehla Malandela, Luzumane, Ndabakomkhulu, noNYANYA kanye nenzalo yawo kuze kufike ezizukulwaneni odlamini, olusibalukhulu, onkosi, olatha, omlangeni, onyamayenja, omzizi, kuze kufike kuthunjana umswati
Ngiyobonga kakhulu sizwe skamalandela
Lindi Dlamini
Ngane yakwethu Nkunzebomv umabhakuza,
Ngabe nakhe ngakuphi nina Ndabomkhulu?
Sibusiso Jama
Uza kahle kakhulu zalo: I commented about this
Andisiwe Pakade
Mna ndinguMadlamini ujama kasjadu izizi elimnyama nenkomo zalo ufakade kacubungulashe umtikitiki unomane untabuyanyuka usandlulube nkosi umangxibinoboya unyawo ezineswekile.
Andisiwe Pakade
Malibongwe kaNkilivane Dlamini
Asibonge kumlobi ngoba abaningi uma bebhala ngomlando wakwa Dlamini bayamshiya uLatha indlu kaLatha ilaphaya eMsinga emabomvini kulinqiniso nokuthi thina bakwa Dlamini sihlomene nabakwaMkhize njengoba sidabuka eMombasa ngasezwenikazi lase Kenya siyinzalo kaDlamini wokuqala akukhathalekile ukuthi uzithakazela uthini
Busi E Dlamini
WeMalibongwe ka Nkilivane ngididekile nami njengoba ngingu Busi kaSgijimimu samadoda nabafazi ngoba umama wami umaMkhize phansi emakholweni eMbumbulu into enjani lena futhi bantu
Malibongwe kaNkilivane Dlamini
awu cc Busie usho uNondwayiza koPelepele ndaba kazibuzwa zibuzwa kwabaphambili? phela ungowakwethu nje wena eMahlokohlokweni phansi koMbonja, cha impela ngathi kuyavela cc ukuthi thina bakwaDlamini sihlobene nabakwaMkhize vele ziningi izibongo eziphuma kwezinye kungakwethusi lokho