πŸ’›

izithakazelo

Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.

Popular people from Dlamini last name

Lindiwe Dlamini (Finance/Legal)
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]

Royalty from Dlamini last name

Dlamini I (Matalatala) (Royal Ancestor)
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
King Mbandzeni (Dlamini IV) (1858-1889)
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
House of Dlamini (Reigning Royal Family)
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
Inkosi Melizwe Dlamini (c.1950-2021)
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Prince Nqalabutho kaMelizwe Dlamini (Contemporary Royalty)
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.

Previous

Makhathini, Malinga, Zungu

Next

Abakwa Mthethwa

10 Comments

  1. Sphumelele

    Angikhuleke Kuma Dlamini amahle ephelele, kukhona lapho ngingaqondi khona uma kuza ezethakazelweni zakithi. Ake ngizisho

    Mina ngingu:

    “Dlamini Sibal’khulu, mdlovu, magaduzela, mabonel’empunzini( wena owavuka ekweneni wagwaza um’thikithiki) Khushwa, mencwa, mdineka owadinwa inyama, Kathi marhashule, nkundlaz’bomvu

    Okungididayo lana, ukuthi selokhu ngifunde ikhasi elingenhla kanye namanye ama comments nama post. Akekho esengike ngamuzwa encika kakhulu kulezi ezibizwa emzini kaMkhulu UVelaphi. Ngabe kukuphi lapho siylahla khona thina

    • Cecil Thambo Dlamini

      Siyabonga Nkosi mswati omuhle

    • Sibusiso Jama

      Mndlovu, sisonke zalo: singazixakekisi noma sizidide ngezinto eziningi ngoba okudala ukuthi sehlukane lana nalaphaya ukuthi sisuke sifake “amagama abantu” ezibongweni, kubesengathi sehlukile kanti lutho! Abanye sinokufaka amagama okhokho bethu and bona babezalana!

      njengehloko yomuzi kubesekubizwa igama lakhe! Umtikitiki ukhona kumaZizi ase South Coast (Ixopo, Gqwathaza, Nhlangwini, Mzinto, Mzimkhulu etc

      Kungenzeka ukuthi lensizwa ezala nina yagwaza umfowabo uMtikitiki, yabaleka! Yingakho nje kuthiwa “mabonelempunzini”

      Impunzi yaziwa ngejubane nobuchule bayo uma ibalekela isitha/umzingeli!

      Sibanye gaz’ lami: oSibalukhulu baningi eZululand (oNdini, Babanango etc) ene yilapho imvelaphi yethu ekhona…..Babanango…eMakhosini etc

  2. Lehlohonolo Mzizi

    Mina ekhaya When they say they as we are from bergville and call themselve uMzizi abakMpofana ne Tugela. They argue a lot about isibongo sa se khaya. From a bergville they moved to Free State. i did my reseach and i found that we are from Dlamini clan. Manje i would to confirm that if it is true. I heard eKZN kune ndawo called Mzizivillage.

    • sibusiso

      It is very true boet: Dlamini is the original surname. We are all one! I know for a fact and there is a few in Bulawayo, Zim who also use Thukela and salukazi esimabele made esancelisa umuntu engaphesheya koThukela

      • Sympathy Dlamini

        Im one of them from bulawayo….but i have no clue of my clan name..kindly assist hlee bhut wami

  3. Fikile Nkosi

    Sanibonani mina ngingu Fikile Nkosi Dlamini Ngicela ukubuza ukuthi ngiyahlobana nabantu bakwa Maseko na? Ngoba abadala Bathi akumelanga ngithandane nabantu bakwa Maseko and kuno bhuti wakwa Maseko engimthandayo.

  4. Siviwe Magaba

    Mna ndinguDlamini uNdlovu zidle’khaya ngoswela umalusi, uWulana, uNdzisane, uMangxama..uNdongeni I surname bendicela ucaciselwa ngentsusa yam

  5. Jabulani

    Mina ngifuna ukwazi zakwa Dlamini omtungwa please help ngingu Jabulani Dlamini

    • Sawubona Jabulani, uDlamini, Mntungwa, Gengezi, Malunga, Ndlovu zidlekhaya yhi Hlubi imvelaphi yakhe.

Leave a Reply to Lehlohonolo Mzizi Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026