Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

276 thoughts on “Abakwa Dlamini”

  1. Hi people, i need help abt my surname plz help if u cn. NguBafana Themba isibongo. I dnt undrstand tht ubaba wami uzwalwa nguDlamini bt azange ahlawulwa so i am currently using Themba as my surname. So i want to knw whethr i belng to Dlaminis or Thembas nd if Dlaminis plz tl me whch cultr am i hv to do as a young boy(18). Plz help.

    Reply
    • Ngokwe Sintu uma ungazange uhlawulwe noma umama engalotsholwanga wena ungowako malume. Kodwa lokho akusho ukuthi awusiye owakwa Dlamini. Abantu abaphethe impilo yakho yibo oThemba khabo mame.

      Reply
    • ma lil broe first themba is nt a surname its a name ,secondly u hve to use ur moms surname cz ur dad didnt pay 4 damages dat al i knw knw bhuti

      Reply
    • hy guys i am living in durban may you please tell me if there is Dlamini’s ceremony or gathering around Durben i want to khow more about our surnames email me sizasilvia@gmail.com any time bt i dnt use social networks

      Reply
  2. ngizwa ubuhlungu uma ngabe lesibongo engiziqhenya ngaso sehliswa isithunzi kanje la kuma website cha mina ingphatha kabi lendaba yodlamini abahlukeni ngoba lokho kuyasiphoxa ngoba kusho ukth thina bodlamini asiyona into eyodwa kodwa simanhlalunhlalu bafwe2 ngyacela asivezen iqiniso ngesbongo sethu singadukisani udlamini uyiswati ngyaphela lapho

    Reply
    • Sbonelo

      Ngizocela ufundisise kahle okubhaliwe ngapha ngenhla. Akukho lapho sithi o Dlamini bohlukene kodwa sibeka iqiniso lokuthi bagcwele lonke izwe futhi bakhuluma izilimu ezehlukene which is a fact.
      Fundisisa kahle uzobona ukuthi isikhalo sakho is baseless.
      Siyabonga ngokufaka umbono wakho ungaqhubeka futhi usho lapho ungagculiseki khona.

      Mbathastan

      Reply
      • Mf2 yebo uqinsile kulokho ekukholelweni kwabaningi oDLAMINI abayidli iMVU bt laba abanye bayayidla oDLAMINI ngamaSWAZI…ODLAMINI SIBALUKHULU,MLANGENI oMALAMBULE ukhokho khulu owafika la emzansi ezofutha amaphela benoMAGUTSHWA bazibonela abesimame abahle la koMZANSI basho ngaleyonto bathola abantwana baya eSWAZINI sebeyobika usuku lokub begcagcelwe la emzansi till baze bazinza la n abacabile ebusweni notMALANDELA.

    • nop broe asibona amaswati sonke ,kukhona amazulu their orign ise Dlebe place n osjama amaxhosa so ungasihlanganisi bt ke at de end we r al Dlamini

      Reply
  3. Mina ngcela ukucaciseleka ngodlamini sibalukhulu ngoba kubona nginokudideka

    Reply

Leave a Comment