Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

276 thoughts on “Abakwa Dlamini”

  1. Sanibonani Ngiyabonga Kakhulu ku-Elias Mzwenhlanhla Dlamini uwusho wageqa amagula NgoLatha! Ngiyabonga mina

    Reply
  2. Nina Bakithi…

    Mina ngingu Dlamini, Mntungwa, Mhayise, Lokothwayo, Omuhle UMntwanenkosi,
    Ngokuthwala incema yo Msingizane Ngabe eyethusi ngabe iyadabuka,
    Ithwalambiza njengoMsuthu Imbeka kudele abafazi namadoda.

    Abaningi oDlamini Mntungwa ubathola ekuqaleni kwezintaba zoKhahlamba enhla kwentshonalanga yakwa Zulu-Natali baze bandulele eFree-State NaseMpumalanga. Amakhosi akwaMntungwa Dlamini akhosiza emabhunwini, ngenxa yobandlululo agcina esesebenza emapulazini amaBhunu. ngokuhamba kwesikhathi basuka baya emadolobheni afana noNewcastle, Standerton, Memel, Vrede nase Goli.

    Lona ohambisa lolusiba isizukulwane sika Nkomiyahlaba, elandelwa uMahambayedwa, kuze
    uMacalingana Kanye No Khimbili.

    Reply
    • Ngicela izibongo lesi sakwa Dlamini mntungwa lokothwayo

      Reply
    • uDlamini aze ahluke nje wayesukaphi indabuka?

      Reply
      • Ngicela ukwazi ngoMbokodo Ozawa uCwazibe Dlamini namadodana akhe. Ngiyabonga

        UMashwabada,Sishosonke Dlamini

    • bafo wena wasekhaya…….udlamini mntungwa…. please facebook me sihle dlamini

      Reply
    • Is here anyone who can help me with this clan name ?

      Dlamini mntungwa lokothwayo Nina bantwana bethuse ndlebe zikhanya langa

      Reply
  3. Izibongo zamakhosi akwaDlamini Latha.

    Izibongo zikaMashwabada
    UMashwabada owashwabadela idlebe lendlovu kwafaneleka.

    Izibongo zikaJokozela
    Umagwaza aqephuke njengempongwane

    Izibongo ZikaMahleza
    Ubugwaqagwaqa bezinkomo zakithi ePhangweni
    Ingabe kazinadlelo nje zodlaphi ngoba zavinjelwa ezasekuVukeni eMachunwini
    Lezonkomo zakithi azinadlelo nje zavinjelwa ezaseMnyembezini eNgome
    Lezonkomo zakithi nje zavinjelwa ngoba zavinjelwa ezaseziNqoleni

    Umshosholozi aze ayebuya kwelamaThonga
    Uye wakhwela ngokhalo olungelwezinkoni
    Umhloli wezinqaba zakwaZulu
    Ngoba uye wahlolela abantwana bakaMpande
    Wathi izwe lizokonakala nembala lonakala

    Reply

Leave a Comment