Abantu bakwa Buthelezi Shenge
Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.
Izithakazelo zakwa Buthelezi
Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!
Popular people from Buthelezi last name
Former Deputy Minister of Finance of South Africa (2017-2018). Also served as Deputy Minister of Agriculture, Forestry and Fisheries. First chairperson of PRASA (2009-2014). Economist and former uMkhonto we Sizwe member. [Source: Wikipedia] [citation:5]
Managing Director at Buthelezi Vilakazi Inc, Chairman of KwaZulu Natal Growth Fund. Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN. [Source: UKZN Alumni] [citation:8]
Royalty from Buthelezi last name
Great-grandfather of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to King Cetshwayo during the Anglo-Zulu War. His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.
Father of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to the Zulu monarchy until 1948. Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.
Longest-serving traditional Prime Minister to the Zulu nation for 69 years, serving three successive Zulu kings: King Cyprian Bhekuzulu, King Goodwill Zwelithini, and King Misuzulu kaZwelithini. Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.
Lungisani Mpongoma
Ngqenglele oyivalo zibili othi lesi ube uvula lesi
Mbozisa
My understanding,amakhosi amakhulu emlandweni,uButhelezi,uNdwandwe,Mthethwa then uZulu,sasingakhonze kumuntu kusuka eMcakwini.Sesikhonziswa ivukana likaNandi lisizumile.
Mbozisa, and his sons
Mbozisa,ngelekelela nginike amadetails akho
lutho Nduvane
Could you please provide me more information about Nduvane
zakithi Buthelezi
can you please give me some information about the late Chief Mathole Buthelezi.I just want to know his backround and history of him please m begging you.
Mbathastan
Ok I will write more about him soon Phungashe
Jabulani Buthelezi
When are you going to write what you promised 2 years ago
Sibonelo Mpntshane
Can please tel me ukuthi isibongo sakwa MPONTSHANE singena kanjan kaBUTHELEZI please forward to ben.mkam@gmail.com
banie
kwasala kancane ukuba ngimfice kulomhlaba umathole khokho wam gqooo
Vusumuzi M Buthelezi
Inkosi Mathole Buthelezi, is your paternal great-Grandfather. He is son to Inkosi Tshanibezwe Buthelezi. He succeeded him to became Inkosi of Isizwe saKwaButhelezi.. He became Prime Minister to His Majesty King Solomon ka Dinuzulu (KwaDlamahlahla Place). Princess Constance Magogo Sibilile Ngangezinye Thombisile ka Dinuzulu married him to give birth to your Grandfather uMntwana waKwaPhindangene: your Fatherβs Dad.
We do not chiefs but amamkhosi, Son!
Your loving uncle
Vusumuzi M Buthelezi
nana buthelezi
mmm so happy to know my Surname history, Oshenge abahle.
thank you Vusumuzi M Buthelezi. i did learn more about Buthelezi’s Clan.
Luntu
Luntu
Siyabonga ngomlando wakwa Buthelezi. I would love to know more about the early 1920s era, same timeframe as ukuzalwa koMntwana kaPhindangene. I would like to know who are Nkosi Mathole’s other sons and daughters.
Ngibonge ukuphendulwa
khumbulani buthelezi
Siqhamuka kanjani isthakazelo esithi Ngwane nesithi Ndaba esibongweni sakwabuthelezi?
snesh
aycha nam ngyadideka ngo Ngwane nonyath bangena kanjan Mina gogo wam ozala ubaba uma Ngwane ay ngeke ngyayiphika ekangwane no nyathi
Gcwalie Buthelezi
Nami mfe2 iyangixaka eka ngwane ko shenge ngidinga ukuchazeleka kahle cauze ngyadideka no khumalo khona lapho
Scendulo
Sivela kanjan oNGWANE noNDABA
Mbozisa, and his sons
Shenge,singena ngoba UShenge emadodaneni akhe wayizala Indodana ayiqamba igama elithi uNdaba
Buthelezi Nzuzo
Wow! This is really great to know (in detail) my ancestors whom are responsible for my surname. I think I’ll get my son’s first name in those names above. Thanks you guys.
mbukiseni samuel buthelezi
I like this thing of our history as we are buthelezi family
Mbozisa, and his sons
MaShenge,ngelekeleleni ngicela oShenge abazalwa ukhokho uMbozisa,bangixhume kule email address. fanabuthelezi50@gmail.com
SiboneloMpontshane
Boshenge ngicela ukubuza isibongo sakwa Mpontshane singena kanjan kuButhelezi.