πŸ’›

izithakazelo

Buthelezi Clan 😍 Umlando

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN.

His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.

Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.

Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe 😍 Ngobese Izithakazelo noMlando

6 Comments

  1. Sthokozo

    Its really gud to knw your background. Yaz nami ngihlale ngizibuza ukuthi sihlobene yini nabakwa Khumalo ngoba indawo yasekhaya ibizwa ngokuthi iseMantungweni LE phansi kwase KuShumayeleni eMahlabathini

    • Sandile

      sawbona mft. ekushumayeleni igama lomuzi we nkosi umnyamana ka nqengelele

  2. Lungisani Mpongoma

    Ngqenglele oyivalo zibili othi lesi ube uvula lesi

    • Mbozisa

      My understanding,amakhosi amakhulu emlandweni,uButhelezi,uNdwandwe,Mthethwa then uZulu,sasingakhonze kumuntu kusuka eMcakwini.Sesikhonziswa ivukana likaNandi lisizumile.

      • Mbozisa, and his sons

        Mbozisa,ngelekelela nginike amadetails akho

  3. lutho Nduvane

    Could you please provide me more information about Nduvane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026