Abantu bakwa Buthelezi Shenge
Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.
Izithakazelo zakwa Buthelezi
Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!
Popular people from Buthelezi last name
Former Deputy Minister of Finance of South Africa (2017-2018). Also served as Deputy Minister of Agriculture, Forestry and Fisheries. First chairperson of PRASA (2009-2014). Economist and former uMkhonto we Sizwe member. [Source: Wikipedia] [citation:5]
Managing Director at Buthelezi Vilakazi Inc, Chairman of KwaZulu Natal Growth Fund. Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN. [Source: UKZN Alumni] [citation:8]
Royalty from Buthelezi last name
Great-grandfather of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to King Cetshwayo during the Anglo-Zulu War. His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.
Father of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to the Zulu monarchy until 1948. Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.
Longest-serving traditional Prime Minister to the Zulu nation for 69 years, serving three successive Zulu kings: King Cyprian Bhekuzulu, King Goodwill Zwelithini, and King Misuzulu kaZwelithini. Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.
thandiwe buthelezi
syabonga nokho ngididekile umuntu ujola kwa khumalo manje ngabe lokho akuvumelekile ay ay ay lento angiyizwa tu tu tu
joseph phumlane
Ngiyakuzwa nami lokho and my first born dauther from kwaKhumalo so ngangingazi and lokho kusha and futhi sonke emhlabeni sihlobene
Vusumuzi M Buthelezi
Qha kakonakele Phungashe. AmaNtungwa angawakwaSokhumalo. Wena unguMlambo kaNyathi ungkaNqwababa zinezinyembezi. Ganwa nje. Shenge!
Mcebisi Buthelezi
Ngicela ukudlulisa ukubonga nami…Kuningi ebengingakwazi ngokudabuka koShenge kodwa manje sengiyazi…
Ndukenhle
Khumbulani. UNdaba ingane yokuqala nqa kaButhelezi ayizale kuKaMnguni. UNgwane uzalwa uShenge
Khulani Buthelezi
Sanibnani bantu abnlwazi ngomlando wakwa Buthelezi.Engicela ukukuqqonda ukuthi abantu bakwa Buthelezi njengoba isikhathi esiningi kuvame ukuthi umlando wabo ulandelwe ukugcina eMahlabathini nje,ngaphambi kokuba seMahlabathini babekade bevelaphi ngoba angikholwa ukuthi savele saqhibuka eMahlabathini? Ngiyathokoza – KHULANI SIMPHIE BUTHELEZI,eJabacu,eNquthu – KwaZulu-Natal.
Vusumuzi M Buthelezi
Sivela EMcakweni iBabanango leli lakhe enkabeni yethu kanjalo neThelezini.Shenge!
Siyabonga Ndabazamashenge Buthelezi
its true thanks Mina sengsizakele on my own ubaba akanaskhathi sabantwa so lokhu kungsize kakhulu sjabula khona lapho