πŸ’›

izithakazelo

Buthelezi Clan 😍 Umlando

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN.

His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.

Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.

Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe 😍 Ngobese Izithakazelo noMlando

10 Comments

  1. Lethiwe

    mina Ngyaye ngizwe kufakwa no Guda makuthakazelwa kwa Buthelezi ngabe sikhona leso or ilezi eszingena nje ngokuhlukana kwezindlu , njengoba kunabase Nhlangano,Nukwa,njll?

  2. oka shenge

    this information is incomplete. one needs to refer to the Buthelezi Family tree to get the full picture. okunye okubhalwe lapha akusho khona. ngicela ukungandi kakhulu

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Shenge Sowalisa!
      AmaNtungwa ngawesibongo sakwaKHumalo. Nxa kuthiwa Shenge ka Ndaba, kakushiwo uNdaba wakwaZulu noma emaMbatheni. Shenge isibongo salwaNdabandaba, bangabaKWAButhelezi. Babebulawa laba beNdlu kaNdaba okwaholela ukuthi baze bazibize ngoNdabandaba. UNdaba uzimele gelekeqe. AmaNtungwa lana angawaKwaSokhumalo Shenge.
      Emsinga nje, Shenge ucosha abantu bakwaDlamini. E-Bulwer ucosha oDlamini….E-Winterton usosha oDlamini, etc. yebo baklhona oDlamini bakwaDlamini. Kodwa abanye banga bakwaButhelezi , bangabeNdlu kaBheje kaNdenge kaLudaba kaQwangubana ozalwa yiNkosi uShenge . Baphoqeleka ukulahla isibongo ngoba babebulawa.
      uButhelezi uyedwa vo. Ningaganani. Nxa ubona udadewenu uzibonela nje omunye umfana wakwenu.
      SHENGE! SOWALISA! NKONYANE KAMLAMBO!

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Kungakuhle wande Shenge. Akekho okhuluma ngokugogda lapha ukwenza ulwazi lwakwethu kube yi-property yakhe.

      Shenge!

  3. Phumlani

    Hi guys is very good to anyone to know IMVELAPHI YAKUBO

    • Lethiwe Buthelezi

      AmaNtungwa futhi ayangena kwaButhelezi ..mina njengoba ngiqome kwaKhumalo nje into ethiwani? Angena kanjan amaNtungwa la?

      • siphelele buthelezi

        haw cc sale usumshiya loyomuntu phela owakith makunjalo

      • Londiwe Buthelezi

        Ngyamangala nam Shenge ngoba ngiqome kaKhumalo

      • Gatsheni Ndlovu

        Empeleni inkosi endala yakwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele yini, lenkosi yayiganwe amakhosikazi amathathu. Kwakungu MaKhumalo noKaMabaso kanye nomunye wesithathu. Lamakhosikazi ayehlala ndawonye enxiweni elilodwa. Lowo muzi wagcina sewubizwa ngokuthi kukwaButhelezi eMaNtungweni bngoba zimbili izintombi zakwa Mntungwa ezazihlala kulowo muzi wenkosi yakwa Buthelezi. Lezo zintombi ilezo-ke ezingu KaMabaso noMaKhumalo ngoba bangamaNtungwa bobabili. Abukho ubuhlobo phakathi kuka Buthelezi noKhumalo noma Mabaso.

      • ntuthukozwane

        AmaTungwa = AmaTau (Ngonyama, Sibande, Mpande, Mathe, Mande, Dawuduna, Mandebele or Bereu Bakolong or Barolong BaRraTlou (Ndlovu or Ndou or Zhou or Sono or Chobi/Jobi) = AmaNdawo (or AbaTswa-Tsonga, lapha abagcina bebuswa nguSoshangane or Shah of the Ngan/Tau/Ngwane/Goane – also called abaTwa or Mpanga/Baka or Bakga.

        Most of us fall under the Ntungwa caste but it does not necessarily show kinship. Kinship, as far as I know, is same surname and the surnames we are told not to touch. Also ask a person all their family tree before you wed them including what they don’t call themselves anymore and the Zulu rule is go back 3 generations and you are safe, uphephe sisi.

        AmaThelezi amaKhafula (not Kaffir – that is a destraction to hide who we are) = AmaKwa/Ngwa + Fula/Mvula/Pula/Bula – UbuFula into esibaningi esiyiyo la eAfrica. Fula = Mbulwa or Mburwa = Borwa (the name of our country ngesiSuthu). Google Fulani people and see that the West Africans dress like Lesotho Sothos when in traditional dress. Lesothos Sothos are Zulu Hlubis – who are Amalala or Mpangalala to be exact or BakgaTla or BakaDla abeKunene or as we have come to know them – AmaSwati/Swazi bephuma kwabakwaSibiya, okunguyena owazala uTsulu owazala oThecua/Thekwa owashada noNala nano Hala kwaphuma amaThembu angaMpondo (Nala Ndebele or Nwa – as in Vanwa’nathi or simply Swati) and Hala Thembu. The = Nde in Mande or Mathe. Mbu = Fu = Pu.

        So, thing to remember is Suthu = Zulu (that’s why kuthiwa uZulu uSuthu) = Xhosa = Ndlovu = Tau = Soka = Sao = Sawo = Bonga = Buka = Phoka = Phalo = Nyika = Nyai = Mchichenda = Mjikenda. All South African people are the same. This tells me OButhelezi bagcwele emaXhoseni – oShenge or Sekwe or Sengwe or Seku or Sengo = Segou = Seko = Sowe = Showe – amaShowe.

        Also, look up the Telezi in Kenya but they come from West Africa amongst the Mande tribes that live there today.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026