Category: clan Page 4 of 9
Izithakazelo Zakwa Sikhosana 😍 Sikhosana Clan Names
Sikhosana!
uMusi kaMhlanga
Novaphi
Nolinda, ulinda mkhotho njengeNsele
Mphandaphanda
Magwace!
Gwayiba
Hlahl’Ulundi lungenandlela lwaba nezindlelandlela
Zitsha ezinhle njengezokubolekwa
Mtungwa!
Gxamugxamu sikhumba seMpisi asibethelwa ekhaya ngoba izinkomo zizobovuka!

Izithakazelo zakwa Lushaba 😍 Lushaba clan praises
Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!
Izithakazelo zakwa Mbonambi
Mbonambi,
Mabhodla,
Mbuyazi,
Ngiba kaMananga,
Wena owaya ngaphesheya kwezilwandle wabona abantu abazindlebe zikhany’ilanga,
Mabuya nomuntu abuye nenkunzi,
Ndunakazi!
Shabane,
Dwala,
Dwala ka Mbatshazwa,
Sembathwa, wena owabona itshe lembethe ingubo.
Phingoshe,
Sozwakade,
Gcagcabane,
Sochaya,
Lindabutho,
uNceshe olinde impi ngesinqindi somkhonto osebeni lomfula
Jongisa,
Mqhakama,
Ndlondlo eme ngomsila kwelaMpondo, eyawela umfula ngezembe
Bhovula,
Mabhala ngozipho abanye bebhalangamapensela. Majiya ojiya njengotshani
Zembelibomvu lokuhlahlela izinkomo.
Nina enabona isihlakothi sehla ngomfula nathi nansi inyama.
Nina bothala livuzinyama ngoba behlala bedla. Hleza goduka hleza kaMboli
Mdlovu omnyama.
Hleti elibomvu elimmbila mhlophe, wamuhlumuntu
Nina enigezela emadwaleni abanye begeza emaxhaphozini
Nina enaqeda uBombo ngokuhletetela
Nina baseSwatini,
Mhlambanyathi
Manyela indlela eyakulonina abuye ngenye. Nhlungu zahlula insunguzi
Ncincimane
Sithuba

Izithakazelo
Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
Izithakazelo zakwa Ninela 😍 Ninela clan
msawoni,
ganwa,
magadlela!
mdlolo onhlokonde,
owafica ingoma ihlokoma,
nhokozimphatha,
gcogcololo!
msawoni,
ganwa,
magadlela!
mdlolo onhlokonde,
owafica ingoma ihlokoma,
nhokozimphatha,
gcogcololo!
Izithakazelo Zakwa Lamula 😍 Lamula clan
Lamula
Jiyane
Mpangazitha omhlophe
Slokazi livico kawugezanga wabuya nensila emfuleni wathi ugezile kanti unyambisile.
Bantwini
Mthonti
Thembu
Lutholoni
Mdlenevu!
Mzila Clan Praises
mzila,
nyambane,
mzila wezinkomo,
vavolukhulu,
olwangasentimbili lwavungama,
msila wesilo ugoqolo,
nina bakowoza,
nina enagqiza ngesongololo abanye begqize ngobuhlalu,
dadase