clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: clan Page 5 of 9

Mabunu clan praises

Mabunu clan praises

umlungu omnyama, abampund’ezincane engazingongiwe
umasoka,

mzimkhulu,
ntanzi ,
rhoyi kunene kwelizwe,
unkumbuzo zika mdladla, nzimane,  nala mnandi obele lide lingang’elikabelelenyana, owancelisa umntwana engaphesheya komfula uthukela. isibhekuza esabhekuz’enkundleni kwa dadeboyise umntambose. izilila gazi abanye belil’nyembezi.amahomb’asezweni  awangaphumi mhla ligquthayo, aphuma mhla linethayo umfazi onamanxeba ngasemva nje ngamadoda.cabisa, mbengeshe, incuncu ezimlomo emide ,abantwana abesaba ukunatha amanzi amadwala banatha amanzi eziziba ngoba besaba umlomo ukungqindeka.thotholo into `wakahina.co.za`.ezathi xa zizawuvela kwangen’inkalankal’endlini…umlambo oowelwa ziinkonjane kuphela,nazo kuba zibhabhela phezulu zaxa, mbokazi, mehl’embuzi, masingila, ngwenya.

Izithakazelo Zakwa Mcineka Clan Names

Izithakazelo Zakwa Mcineka

Mcineka
Nkomo
Gwazela.
Mncinci.
Somtshiyosi!
Ntulikabongwa obongayo,
Gwazela ngokugwazela amanye amadoda owathi ukhomba inxeba
Wakhomba isidiya sempunzi kamfazi akashawa ngenduku ngoba induku iyabozisa,
kepha umfazi ushawa ngomucu!
Nkomo enkulu

Msimang clan names

Msimang clan names

nonkosi!
thabizolo,
muthwa,
nkomo eluthuli,
nodwala lakwanodumakazi,
abathwa abamzimbomuhle njengowosana,
kwangathi ngingawanga,
abaziqunjana zimbili,
esinye singenhla,
esinye singezantsi kwendlela,
abafunga unonkosi ngahawuka kwangathi nami ngingamfunga,
abanzipho zimnyama ngokuqhwebana,
usongo akamnci,
akamncinazana,
ehene iyanini mahlubi,
nihlabane ngezindlela zonke,
zonke,niyobikela abasemasimangweni,
ukuthi ubhedu lwaphukile,
amazala nkosi ngokuzala ubhungane,
ukhukho lomhlanganiso olwahlanganisa indlu yakwadlomo,
dlomo-dludlu kwabendlwana

Izithakazelo zakaShabane

Izithakazelo zakaShabane 😍 Shabane clan names

AbakaShabane abakaDwala kaPhingoshe kaSphaph’esihle kaLinda mkhonto uMkhont’usandulo Nolinda oCabaja kaMgoji oZebelibomve wen’Owabatshazwa yinyoka yathi”waze wamuhle weShabane”amaSom’amahle

Izithakazelo zakwa Mbokazi Clan Names

Izithakazelo zakwa Mbokazi 😍 Mbokazi Clan Praises

Donda,
Nxele, Sontuli,
Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane,
Zona eziphapha phezul’emafini,
Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho,
Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana,
Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni,
Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase,
Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

Izithakazelo Gamede

Izithakazelo Gamede

Magadlela,
Magadlela,
Mkholwa,
Sebenzekhaya,
Mbebe

Latha clan

Latha clan

Cwazibe
Nondaba
Mbetheleli
S’congos’nojojo
Mfaz’omabele made owancelis’umntwan’engaphesheya komfula
wena ka-Machoboz’umhlanga kuvelindlela
Mbubuzamabandla 

Dlamini Mntungwa Lokothwayo

Dlamini Mntungwa Lokothwayo

Dlamini
Mtungwa
Lokothwayo
Ndlebe ezim’chewane
Nibahle nina bantwana benkosi!

Izithakazelo zakwa Dlamini, Dlamini Clan Names , Dlamini Clan Praises

Izithakazelo zakwa Dlamini, Dlamini Clan Names , Dlamini Clan Praises

Lusibalukhulu,
Malandela ngokulandela izinkomo zamadoda
Jama kaSjadu, Nkomo zidla ekhaya ngoba zeswele abelusi
Mdlovu, Magaduzela, Magwenyane, Nkosi, Mzizi
Mdineka, Nyanya, Msuduka
Inkonekaz’evele ngobusw’emgedeni.
USamkethe, esinembay’emaLangeni,
UMswazi kaSobhuza
Sgwinya mkhonto notho lwaso
Wena owaFodo ka Nombewu kaNomagaga
Wena wase Dlebe
Mfolozi emnyama inkethabaweli, Nyanya
Mabonel’empunzini, Mlangeni
wena ka Miso (Misizwe)
Mgoqo ovimbe’sangweni nansi impi, izwe lafa ngathi na??
Ngonyama

Dlamini Zizi Jama

Dlamini Zizi Jama

Dlamini
Zizi,
Fakade,
Njokweni,
Ngxilinoboya,
Jama,
Sijadu

Page 5 of 9

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: