clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Category: IsiZulu Esinothile Page 2 of 4

Sleep well in Zulu [SOLVED ] Google Translator is Wrong!

Sleep well in Zulu: Lala Kahle

I miss you in Zulu [SOLVED]

I miss you in Zulu: Ngikukhumbulile / Ngiyakukhumbula

English to Zulu Translation

English
Zulu
(isiZulu)
I
ngi-, mina
you (singular)
u-, wena
he
u-, yena
we
si-, thina
you (plural)
ni-, nina
they
ba-, bona
this
lo, leli, lesi, le, lolu, lobu, lokhu
that
lowo, lelo, leso, leyo, lolo, lobo, lokho
here
lapha, khona
there
lapho, laphaya, khona
who
ubani (interrogative)
what
-ni, yini (interrogative)
where
-phi (interrogative)
when
nini
how
kanjani, ngani
not
a-, akekho, abekho
all
-nke
many
-ningi
some
-nye
few
-mbalwa, -ncane
other
-nye
one
-dwa, -nye
two
-bili
three
-thathu
four
-ne
five
-hlanu
big
-khulu
long
-de
wide
-banzi
thick
-qinile, -gqinsi
heavy
-nzima
small
-ncane
short
-fuphi
narrow
-ncane, -msweswana
thin
-ondile
woman
umfazi
man (adult male)
indoda, umlisa
man (human being)
umuntu
child
umntwana
wife
umka-, inkosikazi
husband
umyeni, indoda
mother
umama
father
ubaba
animal
isilwane
fish
inhlanzi, ufishi
bird
inyoni
dog
inja
louse
intwala
snake
inyoka
worm
isibungu, umsundu
tree
isihlahla, umuthi
forest
ihlathi
stick
induku, uthi
fruit
isithelo
seed
inhlamvu, imbewu
leaf
ikhasi, iqabi
root
impande (of a plant), umsuka (cause, origin)
bark (of a tree)
igxolo
flower
imbali
grass
utshani
rope
intambo
skin
isikhumba
meat
inyama
blood
igazi
bone
ithambo
fat (noun)
amafutha
egg
iqanda
horn
uphondo
tail
umsila
feather
uphaphe
hair
unwele
head
ikhanda
ear
indlebe
eye
iso, ihlo
nose
ikhala
mouth
umlomo
tooth
izinyo
tongue (organ)
ulimi
fingernail
uzipho
foot
unyawo
leg
umlenze
knee
idolo
hand
isandla
wing
iphiko
belly
isisu
guts
ithumbu
neck
intamo
back
umhlane
breast
ibele
heart
inhliziyo
liver
isibindi
to drink
-phuza
to eat
-dla
to bite
-luma
to suck
-munca, -ncela
to spit
-phimisa
to vomit
-phalaza
to blow
-vunguza
to breathe
-phefumula
to laugh
-hleka
to see
-bona
to hear
-zwa
to know
-azi
to think
-cabanga
to smell
(to have a particular smell) -nuka, (to sense the smell of) -nuka, -zwa
to fear
-esaba, -saba
to sleep
-lala
to live
-phila, -zwa
to die
-fa
to kill
-bulala, -fisa
to fight
-lwa
to hunt
-zingela
to hit
-shaya
to cut
-sika, -nquma
to split
-dabula
to stab
-gwaza
to scratch
-klwebha
to dig
-mba
to swim
-bhukuda
to fly
-ndiza
to walk
-hamba
to come
-za
to lie (as in a bed)
-lala (lie down, sleep), -cambalala (be lying down)
to sit
-hlala (sit down), -hleli, -hlezi (be sitting, be seated)
to stand
-sukuma (stand up), -ma (be standing)
to turn (intransitive)
-jika, -guquka, -phenduka
to fall
-wa
to give
-nika, -nikeza, -pha
to hold
-phatha, -bamba
to squeeze
-cindezela
to rub
-hlikihla
to wash
-geza, -hlamba
to wipe
-sula
to pull
-donsa
to push
-sunduza
to throw
-phosa
to tie
-bopha
to sew
-thunga
to count
-bala
to say
-thi
to sing
-cula, -hlabelela, -huba
to play
-dlala
to float
-ntaza
to flow
-gobhoza
to freeze
-nquma (solidify), -qanda (be freezing cold)
to swell
-vuvukala
sun
ilanga
moon
inyanga
star
imbasa, inkanyezi
water
amanzi
rain
imvula
river
umfula
lake
ichibi
sea
ulwandle
salt
itswayi, usawoti
stone
itshe
sand
isihlabathi
dust
uthuli
earth
umhlaba
cloud
ifu
fog
inkungu
sky
izulu
wind
umoya
snow
iqhwa
ice
iqhwa
smoke
intuthu
fire
umlilo
ash
umlotha
to burn
-sha
road
umgwaqo, umgwaqana
mountain
intaba
red
-bomvu
green
-luhlaza
yellow
-liphuzi, -ncombo
white
-mhlophe
black
-mnyama
night
ubusuku
day
ilanga, umuhla, usuku
year
unyaka
warm
-fudumele
cold
-makhaza
full
-gcwele
new
-sha
old
-dala
good
-hle
bad
-bi
rotten
-bolile (decayed), -bi (bad)
dirty
-ngcolile
straight
-qondile
round
-yindilinga (circular), -yimbulunga (spherical)
sharp (as a knife)
-bukhali
dull (as a knife)
-buthuntu
smooth
-bushelezi (not rough), -mnandi (comfortable)
wet
-manzi, -nethile
dry
-omile
correct
-lungile
near
eduze
far
kude
right
kwesokudla

Umqala noma intamo?

‘Umqala’



Iphutha:
‘Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu’

Isisombululo:
Ngesizulu esiqondile asisho kumuntu ukuthi ‘unomqala’ othize. Ungasho njalo enkukhwini hhayi kumununtu. Uma ubona amaqhude anomqala omude, yilapho okumele usebenzise lelo gama, hhayi kubantu.

Uma ufuna ukuchaza okubonile esidlakeleni, esikhundleni sokuthi ‘Ngibone isidlakela esinomqala omkhulu’, kumele uthi ‘Ngibone isidlakela esinentamo enkulu’.

Inqwaba Yabantu?

‘Inqwaba Yabantu’


Inkinga:
‘Ngibone inqwaba yabantu!’
Isisombululo:
NgesiZulu esiqondile asisho ukuthi abantu bayinqwaba. Lokho kushiwo uma uchaza amatshe.
Uma ubona amatshe amaningi, yilapho kumele usebenzise lelogama ukuchaza ukuthi maningi, ayi abantu.
Uma ufuna ukuthi ubone abantu abaningi: vele uthi ‘Ngibone abantu abaningi’ noma uthi: ‘Ngibone abantu abaningi bengangoZulu eya eMakheni!’
Ngosizo luka: Ngizwe Mchunu – Ukhozi FM

Uyini Umembeso?

Umembeso wenziwa insizwa esuke isiganiwe lapho isuke ihambisa izipho ekhweni layo.
Izipho lezi zisuke zibhekiswe kubazali bentombi kanye nasemndenini wayo. Umkhwenyana ubhala incwadi ayithumele ekhweni ukubazisa ngosuku azofika ngalo ukuzoletha lezozipho.
Ngosuku lomembeso abakubo kwentombi bahlaba izimbuzi ezibizwa ngokuthi amakhambi lezizimbuzi kuhlatshiswa ngazo abakubo kamkhwenyana basuke bamukelwa umndeni wakubo kamakoti.

Abakubo kamkhwenyana bambesa umakoti wabo bamuphe nezipho ezinhle kanye nomakotshana wakhe. Baphinde bambathise umama nezihlobo zikamakoti ngezingubo zokulala, amaphinifa, amaduku, izitsha, amabhodwe nezinto zetiye. Ubaba kamakoti yena umbathiswa ngejazi, isigqoko, isambulela kanye nemvubu.

Ngosuku lomembeso umkhongi uyamukhehla umakoti. Ukukhehla yilapho umkhongi usuke enikeza umakoti izipho emgcoba nensoyi ngoba usuke esezoshada. Lokhu kuyisiko nje kunoma imuphi umkhongi uma ekhonga.

Umemulo Wentombi Nto!

Umemulo wentombi nto

Uma intombi nto yenzelwa umemulo kuthi ngesikhathi izokwenzelwa umemulo kufanele iphume nezinye izintombi ezisagcwele ihambe iwoyiza ebuntombini bazo. Uma kuwoyizwa, intombi leyo uzowoyizela ezihlobeni zayo lapho isuke ibamema ukuthi bafike kumemulo wayo. Intombi le esuke yenzelwa umemulo isuke igcobe ibomvu ebusweni. Lapho usuke iwoyiza nomakotshana wayo. Kuzothi ingaqeda ukuwoyiza kanye nezintombi lezo ebeziyiphelezela iyahamba iyolanda umkhonto komalume bayo. Kodwa uma ukuthi iyalotsholwa izohamba iyolanda umkhonto wayo emzini. Kuzothi ingabuya komalume kuhlatshwe imbuzi yokuguqa. Lembuzi ihlatshwa ngoMsombuluko lapho intombi ayisezukuphuma endlini. Uma kukhona ekudingayo izolethelwa umakhotshana wayo. Ngenkathi isuke ihlezi endlini usuke igcobe ibomvu.

Kuyothi ngosuku lweSabatha ntambama, seliphelile iSabatha bese kuhlatshwa inkomo. Kudliwe inyama yangaphakathi. Ekuseni izintombi ziyahamba ziyogeza ibomvu emfuleni esuke iligcobe ngesikhathi isuke igoyile. Zizothi zingabuya zihambe izintombi ziyogqoka imvunulo yazo. Nayo intombi leyo eyenzelwa umemulo iyavunula bese ifakwa nomhlwehlwe wayo izobe isihamba iyosina esigcawini.

Uma kwenzeka kanti kukhona intombi engaphelele yayikhishiswa inkomo kuqala kaZulu kanti ekuPhakameni, intombi ifakwa isiphandla sayo inkomo ehlatshiwe. Ziyahamba ziyogezwa emfuleni izintombi zibuye zifake iziphandla zazo. Uma intombi izazi ukuthi ayisiyona intombi ayiwufaki nhlobo umhlwehlwe. Ngoba uma umuntu efihlile kubonakala umhlwehlwe uyadabuka kanti kuqala kwakubonakala ngezalukazi zikhwifa phansi inyama. Zithi sawudla udoti ngoba bathi inyama iyazwakala.

Uma sekuyisikhathi sokusina esigcawini akufanele ime iqonde kumele igobe futhi ingababheki abantu.Β  Ngenkathi isisina imkhonto igwaza phansi eduze kwezihlobo zayo zakomalume. Uma kungabasemzini izogwaza phambi kwabo lapho kusuke kumele ukuthi bayikhunge. Uma imali bengenayo kumele bayihlome noma isipeletu. Ngenkathi kusinwa kusuke sekukhona izinsizwa sezizobheka ukuthi zingabathola yini abazozigana. EkuPhakameni kusuke kusho ukuthi intombi isingahlala esigcawini ikhethwe ngokwebandla ukuthi izogana bani. Umemulo uwusiko okumele umzali ayenzele ingane yakhe uma isikhulile ngoba uyakhalaleka ukuthi uma ungenziwanga.

Yini Umemulo?

Umemulo usiko olwenzelwa intombazane uma iziphathe kahle ebuntombini bayo yangabaphoxa abazali bayo.
Isikhathi esiningi lolusiko lwenziwa uma intombazane iziphathe kahle yaze yafika eminyakeni engamashumi amabili nanye – 21, ikakhulukazi lwenziwa amaZulu.

Umemulo is a traditional Zulu coming of age ceremony for women. The rituals involve slaughtering a cow and the traditional Zulu dance Ukusina involving a spear. A woman’s Umemulo ceremony signifies that the she is now ready for marriage.

Yini isipheko?

Isipheko usiko lokuncedisa/lokusiza labo abasuke benze umcimbi. 

Kuye kwenzeke ukuthi kube nomshado, isifo, noma itiye, besekuthi labo abamenyiwe baphathe izipho zokudla ezinjengama khekhe, okuphuzwayo, izithelo nokunye abaye babone kubalulekile ukuthi basize ngakho ukuze umcimbi waloyo abaseke bemuhambele ube yimpumelelo.
Isipheko akuphoqelekile ukuthi usiphathe kodwa lona umkhuba omuhle otshengisa ukuzwelana nokubambisana kwabantu.

Ukhule Uze Ukhokhobe

EsiZulwini uma sifisela umuntu unwele olude siyaye sithi, β€œUkhule uze ukhokhobe.” Lokhu kushiwo ngoba uma umuntu esemdala kakhulu uyakhokhoba uma ehamba. Ngisho noma ngabe mfishane, noma ngabe mude kuyafana, uma eseguge okwangempela uyakhokhoba uma ehamba.
Lowo-ke osuke ekufisela unwele olude bese esho la mazwi (ukhule uze ukhokhobe), usuke ekufisela ukuba ukhule uze ufike kulelo zinga lobudala. Akukhona ukuthi usuke ekufisela ukuthi uzithole ungasakwazi ukuhamba kahle.

Kunenkulumo-ke esijwayelekile kubantu, ngisho nasemisakazweni yesiZulu imbala uzwe abantu bethi, β€œUkhule ungakhokhobi.” Kuyiphutha lokhu. Kasazi noma basuke bekufisela ukuthi uma usugugile ungabe usakwazi ukuhamba kepha uhudulwe okanye uqhutshwe ngenqola, ngoba phela angeke uguge okwangempela kodwa ujike ungakhokhobi uma uzihambela ngokwakho.
Kungenzeka basuke bekufisela ukuthi ungafiki kwakufika kulelo zinga lokuguga, kepha usheshe udlule kulo mhlaba. Kasazi. Yibona (abakushoyo lokho) kuphela abanencazelo yalokho.

Asingazami ukuguqula isiZulu esiyisona, sikhulume okuthandwa yithi sibe singayazi incazelo yalokhu esikuguqulayo, futhi singakuhlaziyanga kwakhona lokhu okusha esisuke sesiqhamuka nakho.

Page 2 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: