clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: IsiZulu Esinothile Page 3 of 4

Uyihlo

Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UYIHLO

Uyihlo = ubaba wakho.
Igama ‘uyihlo’ liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: ‘ubaba wakho’. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: ‘ubaba wakho’, ungasebenzisa igama ‘uyihlo’. Awube usamfaka u-‘wakho’ emumva kokusebenzisa leli gama.

Igama ‘uyihlo’ (oyihlo ebuningini) ulisebenzisa kumuntu noma kubantu osuke ukhuluma nabo bukhoma, lapho usho khona ubaba wakhe uma emunye, noma obaba babo uma bebaningi. Awulisebenzisi kumuntu osuke ukhuluma ngaye, futhi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe.
Uqaphele lokhu kungakudidi: uma sithi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe, sisho lapho ukhuluma khona ngobaba wakho. Njengokuthi ngeke usho ukuthi ‘Uyihlo wami’ (lokhu akulungile). Kepha ungalisebenzisa uma uzisho wena, njengokuthi ‘Nginguyihlo mntanami’ (lokhu kulungile).

Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:
1) Akakafiki yini uyihlo weZandile?
2) Zingane kumele nibahloniphe oyihlo.
3) Bongani, tshela uyihlo ukuthi sengifikile.
4) Uyihlo uyakuthanda ukubuya ekhaya sekuhwalele.
5) Thoko ungakhohlwa wukuthi nginguyihlo, ngakho-ke kumele ungihloniphe.
Kule misho eyisihlanu engenhla, igama ‘uyihlo’ lisetshenziswe ngendlela okuyiyona okumele lisetshenziswe ngayo.

Ngezansi yizibonelo lapho okusetshenziswe khona igama ‘uyihlo’ ngendlela engalungile. Okusho ukuthi akumele lisetshenziswe ngalendlela (engezansi):
1) Ubotshela uyihlo kaZandile ukuthi akeze layikhaya.
2) Angimazi uyihlo kaBongani.
3) Uyihlo wami usemsebenzini.
Yomithathu le misho engenhla ibhimbile, ayibhalekile ngendlela. Igama ‘uyihlo’ alisetshenziswa ngale ndlela.

Ukusebenzisa leli gama (uyihlo) kumuntu omdala kunawe akuzwakali kahle futhi akusiyo into esiyitusayo ukuthi uyenze, kodwa lona alisiyona inhlamba.

Unyoko

Incazelo nokusetshenziswa kwegama: UNYOKO

Unyoko = umama wakho.
Igama ‘unyoko’ liyigama elilodwa elifinyeza inkulumo ethi: ‘umama wakho’. Ngakho-ke esikhundleni sokuthi uma ukhuluma nomuntu uthi: ‘umama wakho’, ungasebenzisa igama ‘unyoko’. Awube usamfaka u-‘wakho’ emumva kokusebenzisa leli gama.

Igama ‘unyoko’ (onyoko ebuningini) ulisebenzisa kumuntu noma kubantu osuke ukhuluma nabo bukhoma, lapho usho khona umama wakhe uma emunye, noma omama babo uma bebaningi. Awulisebenzisi kumuntu osuke ukhuluma ngaye, futhi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe.
Uqaphele lokhu kungakudidi: uma sithi awulisebenzisi uma ukhuluma ngawe, sisho lapho ukhuluma khona ngomama wakho. Njengokuthi ngeke usho ukuthi ‘Unyoko wami’ (lokhu akulungile). Kepha ungalisebenzisa uma uzisho wena, njengokuthi ‘Ngingunyoko mntanami’ (lokhu kulungile).

Ngezansi yizibonelo zokusebenzisa leli gama ngendlela eyiyo:
1) Akakafiki yini unyoko weZandile?
2) Zingane kumele nibahloniphe onyoko.
3) Bongani, tshela unyoko ukuthi sengifikile.
4) Unyoko uyakuthanda ukubuya ekhaya sekuhwalele.
5) Thoko ungakhohlwa wukuthi ngingunyoko, ngakho-ke kumele ungihloniphe.
Kule misho eyisihlanu engenhla, igama ‘unyoko’ lisetshenziswe ngendlela okuyiyona okumele lisetshenziswe ngayo.

Ngezansi yizibonelo lapho okusetshenziswe khona igama ‘unyoko’ ngendlela engalungile. Okusho ukuthi akumele lisetshenziswe ngalendlela (engezansi):
1) Ubotshela unyoko kaZandile ukuthi akeze layikhaya.
2) Angimazi unyoko kaBongani.
3) Unyoko wami usapheka.
Yomithathu le misho engenhla ibhimbile, ayibhalekile ngendlela. Igama ‘unyoko’ alisetshenziswa ngale ndlela.

Ukusebenzisa leli gama (unyoko) kumuntu omdala kunawe akuzwakali kahle futhi akusiyo into esiyitusayo ukuthi uyenze, kodwa lona alisiyona inhlamba.

Ningaphambanisi isiZulu

Iyahlupha lento yokuthi abantu bazame ukushintsha inkulumo yesiNgisi bayise esiZulwini njengoba injalo.Namuhla sekuyaye kuthi uma kukhona umuntu noma umndeni oshonelwe ilunga lawo okanye isihlobo sawo, uzwe abantu bethi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”. Lo mkhuba ususelwa enkulumeni yesiNgisi ethi , “I’m sorry for your loss”, bese abantu beyiguqula njengoba injalo bayise esiZulwini.

NgokwesiZulu umuntu oshonelwe uyakhalelwa, aduduzwe, hhayi ukuthi kuxoliswe kuye.
Uze uxolise nje ubulawe uwe yini lo muntu oshonile?
Uma umuntu exolisa usuke ecela uxolo. Uma usushilo-ke wathi, “Ngiyaxolisa ngokulahlekelwa kwakho”, kumele aphendule athini-ke lo okuxoliswa kuye (oshonelwe)? Athi, “Ngiyakuxolela”?

Yekani ukuphambanisa izinto ngoba nizama ukwenza eniyaye nikubone kwenziwa ngabezinye izizwe. Umuntu oshonelwe mduduze, umqinise idolo, uyeke ukuxolisa into ongayazi.

Izisho

Ngezansi izisho kanye nezincazelo zazo.

Isisho Incazelo
Ukuba inkomo kunobhutshuzwayo. ∼Ukungakwazi ukudlala unobhutshuzwayo.
Ukuba mtshingo ubethwa ngubani ∼Ukuba intandane.
Ukuba nenhliziyo engaphandle ∼Ukuhaha.
Ukuba nkomo ∼Ukungabi nokuzivikela, ukungalwi.
Ukuba yinyoka ∼Ukuba nobuqili obufihlakele.
Ukubamba isisila sehobhe ∼Ukuthembela entweni engenampumelelo.
Ukubeka icala ∼Ukumangalela umuntu.
Ukubeka inkunzi ∼Ukuphawula inkunzi.
Ukubhodlela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubhongela emswanini ∼Ukukhala emva kwendaba.
Ukubophela amanqina enyathi ∼Ukwakhela uzungu.
Ukubukana ngeziqu zamehlo ∼Ukungezwani.
Ukubulala inyoka ∼Izinto noma abantu abaningi.
Ukubuya inhlazane ∼Ukubuya kwezinkomo emini yasekuseni sezizosengwa.
Ukubuya nembande yesikhova ∼Ukuba neshwa ungaphumeleli entweni obuyizama.
Ukucela induku ∼Ukwedelela okudala impi.
Ukuchathazelwa kwelengane ∼Ukuxoxelwa izindaba ezingandile.
Ukuchitha kwenkabi ∼Ukumisa kwenkabi izimpondo zivulekile.
Ukuchunywa imfuyo ∼Ukwandelwa imfuyo.
Ukucupha uchuku ∼Ukwedelela abantu ngento eyaziwayo ukuthi abayithandi.
Ukudla impundu ∼Ukuba umuntu okhohlwayo.
Ukudla ubhedu ∼Ukuba ingqwele noma uhambe phambili kulokhu okwenzayo.
Ukudla udaka ∼Ukuhlupheka.
Ukudukuza oswini ∼Ukungabi namqondo, udidekile.
Ukufaka kwenkomo ∼ukugcwala kobisi ebeleni lenkomo.
Ukufaka Umunwe esweni ∼Ukwenza into komunye umuntu angayithandi emphatha kabi okanye emdinayo.
Ukufinya ngolimi njengenkomo ∼Ukuhlupheka.
Ukugaqela eziko njengengane ∼Ukuzisondeza engozini.
Ukugodla ubisi ∼Ukungehlisi ubisi kwenkomazi.
Ukuguda inkomo ∼Ukusenga inkomo engasenankonyane.
Ukugxaza amanzi njengencuba ∼Ukuhlupheka, ukuba mpofu.
Ukuhlaba usentu ∼Ukuqhwitha umhlabathi.
Ukuhlahla inhloko ∼Ukuklabela ukhanda lwenkomo.
Ukuhlala phezu kwezikhali ∼Ukuhlala ulindele noma yini engenzeka njengokuhlaselwa.
Ukuhlamba imikhonto ∼Ukuhlaba izinkomo emva kwempi.
Ukuhloba kobisi ∼Ukuvuthwa kobisi.
Ukuhosha umongulo ∼Ukusenga izimfihlo.
Ukuhudula izikhumba ∼Ukuhona
Ukujikela eshobeni ∼Ukungenela into lapho ingenangozi ngakhona.
Ukukhipha inhlazane ∼Ukuvulela izinkomo ekuseni ngaphambi kokusenga.
Ukukhiphela inkonyane ∼Ukukhipha inkonyane enkomeni efile.
Ukukhunga umntwana ∼Ukupha umntwana izipho.
Ukukhwela phezu kwendlu njengenja ∼Ukwedelela abadala kunawe.
Ukulala ngenkomo ∼Ukuzivikela.
Ukulala ngophondo ∼Ukuba sesimeni sokungakwazi ukuzisiza.
Ukulandela amabheka ∼Ukufuza ekhabonina.
Ukuma ngenkomo ∼Ukuma ubambelele ehawini.
Ukumisa amanhlakomuzi ∼Ukulala ubheke phezulu umise amadolo.
Ukuncelisa amawele ∼Ukuyishaya emuva uyishaye phambili.
Ukuncelisa umbele ofile ∼Ukukhohlisa.
Ukunyathela ngabantwana ∼Ukuba nezitho ezinhle.
Ukuphehla uzuthu ∼Ukusukela umuntu noma abantu ngoba wethembe ubuqhwaga.
Ukupheka inyama ngomhluzi wenye ∼Ukuhlaba njalo.
Ukuphonsa kwenkunzi ∼Ukuhlaba kwayo lapho ilwa.
Ukuphuma amathambo ∼Ukukhumuka kwamazinyo obungane.
Ukuqhuba intwala ngewisa ∼Ukwedelela.
Ukuqhuma abathakathi ∼Ukuvela kwamazinyo enganeni.
Ukusenga inkomo nenkonyane ∼Ukungabi nasimilo.
Ukusenga ezimithi ∼Ukukhuluma amanga.
Ukusengela ophondweni ∼Ukonela umuntu into yakhe.
Ukusengela umuntu esigujini ∼Ukulutha ufake enkathazweni.
Ukushaya utshani ∼Ukuvele uhambe ngokushesha noma ukubaleka.
Ukushisela uphondo ∼Ukususa uthuthuva.
Ukusongela inkomo ingakahlatshwa ∼Ukukhuluma sengathi into seyenzekile ibe ingakenzeki.
Ukuthola isisu ∼Ukukhulelwa.
Ukuthola umntwana ∼Ukubeletha.
Ukuthwala ilunda ∼Ukuzazi.
Ukuzalela phansi ∼Ukushonelwa abantwana.
Ukuzichoma kumalunda ∼Ukuzithintela, uzithele enkingeni.
Ukuzizala ∼Ukuzala umntwana ofana nawe.
Ukweqa izinyawo zenkosi ∼Ukuba nochuku wenze izinto ezingakufanele, ezingekho ezingeni lakho, ezifanele abakhulu kunawe.
Ukweqela inkomo ∼Ukuvimba inkomo uyikhalime.

Ezinye izisho zizokwengeziwa kulezi ezingenhla ngezinsuku ezilandelayo, qhubeka ubheke.

Masango 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Masango

Masango,
Vezi, Mvalane,
Wena owavala ngomkhonto emazibukweni,
Ntumbeza, Ntus’emhlophe,
Mdluli!

Maphumulo 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Maphumulo

Mashimane,
Doncabe, Zikode,
Zukuzela, Dubandlela,
Mgobode, Masiyane,
Cwalile!

Maphanga 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Maphanga

Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Maphalala 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa Maphalala

Khoza,
Mtimande,
Mavuso, Msuthu,
BeSuthu BaseNkalanjana,
Abamaziny’ansansa,
AbaseMbathamkhonto njengobhedu,
Abehla ngesilulu,
Bathi: “Zibukuzana zani lezi na?”,
Kanti `zinqama,
Wena wakwaMehlwana,
Wena wakwaMlotha,
Wena wakwaNungwana,
Msuthu waseMawusweni!

Manzi 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Manzi

Nonkululeko,
Qomazitha, Nyokayebululu,
Nondiyamzimba,
Njinji!

Manyoni 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Manyoni

Mlotshwa,
Mtuse, Choboza,
Mafuyanduna,
Msuthu,
Vaphi
Madebe!

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: