Dube, Ngcobo, Dlodlo, Nzimande

Ngcobo

  • Mapholoba,
  • Nyuswa,
  • Fuze,
  • Mavela,
  • Mafuzafulele njegefu lemvula,
  • Mashiyamahle sengathi azoshumayela,
  • Mavulankungu kuvelilanga,
  • Sididane,
  • Ngongoma,
  • Maqadi amakhulu,
  • Mbili

Dube

  • Mbuyazi,
  • Lushozi,
  • Mafukuzela,
  • Nyamazane,
  • Nzwakele,
  • Mbuyisa,
  • Gobhozi,
  • Nyuswa,
  • Ngcobo,
  • Fuze,
  • Mapholoba,
  • Ama-Qadi

Abakwa Dube nabakwa Ngcobo abantu banye.

Dlodlo:

  • Mabanga,
  • Mtingi,
  • Bangile,
  • Bhengela,
  • Mthiyane

Duma/Dumisa:

  • Ntenga,
  • Mthombeni,
  • Walaza,
  • Dlangisa,
  • Gcwensa,
  • Ndimande,
  • Mvula

Nzimande

  • Mphephethwa,
  • Mdluli,
  • Mdlobhiya,
  • Mangcamane,
  • Ngwekazi,
  • Gwala,
  • Mancama,
  • Vilakazi

Dumakude
Shange

Nzimase
Sishi

Goba
Jangaza

Ntshalintshali
Phathwayo

Gwagwa
Mlambo, Qunga

Gwamanda
Yenga, Sochumase

Jwaha/Jwara:

  • Mbelwa,
  • Mnangwe,
  • Sjekula,
  • Gubeshe,
  • Theleza,
  • Lenge,
  • Ndawonde

πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

60 thoughts on “Dube, Ngcobo, Dlodlo, Nzimande”

  1. Ngicela onolwazi angsize. Ngabe u Mthiyane u Sokhulu no Skhangane bahlukene yini. Uma behlukene bobabili bazihlobo yini Kwa Dlodlo.

    Ngyabonga

    Reply
  2. ake ngibuze kulaba abathi uMafukuzela njengelang akahlobene no Dube .kusho ukuthini ukuthi Ngcobo ?

    Reply
  3. EsiZulwini amakhosikazi abanamagama mathathu kuphela. YiNdlunkulu, yiKhohlwa kanye neQadi. AmaQadi aphuma endlini yentadokazi yikho ebizwa kanjalo. Akusona isithakazelo, iNdlunkulu yamaNgcobo amaNyuswa abeKhohlwa kube amaNgongoma bese kugcina amaQadi. Kodwa oNgcobo bonke behlukene ngezisu isende linye. Sesingaya emlandweni ke ukuthi baqembuka kanjani kwaZulu

    Reply
    • Wabeka Jabulani kodwa ikhohlwa oFuze ayi amaNgongoma, UNgcobo wazala uDingile wazala uNyuswa,uZonca, UGasela, uNombika,uXhonxo kanye noNgothoma.
      AmaNgongoma azalwa endlini kaNombika, kanti amaQadi azalwa endlini kaNgothoma bese kuthi (ikhohlwa) oFuze bazalwa kuXhonxo. Ndudzo Ngcobo

      Reply
      • Wena kaVumizitha, lomlando wezindlu ume njengoba usho. Cha kuhle ukwelulekana lapho sisala khona, mina ngiphuma kulendlu yeKhohlwa( AmaFuze).

Leave a Comment