Skip to the content
- Wena sango elingezantsi, lapho besa khona imilomo!
- Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha, waphuma naso sivutha!
- Wena kaMboma os’hlahla samila edwaleni!
- Wena kaSoqhafuza, umlung’ odla izinkobe!
- Wena nyoka eyacaca emthini ingenazinyawo!
- Inkomo esengelwa emeveni ngoba wayisengela ethungeni, iyalikhahlela!
- Wena okhishwa ngenoni emgodini!
- Wena ophatha amakhosi uma esedukuzela!
- Wena owahlabana ngokwehlula izinyanga nezanuse!
- Wasuka lapho waxhoshiswa ngokasenzangakhona, ngezinkomo zekhethelo!
- Wakhushulwa, awabanankosi, ngoba inkosi yakho kungunodumehlezi kamenzi!
- Mboma, wena wase nkandla!!
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Umenzi
powerful clan names these