Izithakazelo zakwaMazibuko:
Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!
Unknown
Im also Mazibuko Xhakaa umlambo ongawelwa zinkonjane ngoba zona zibhabha phezulu
Unknown
Is Sodumase not a Langa clan name?
Unknown
Isbongo esinamandla amakhulu lesi esiphethe izinsizwa ezisuthayo nezintombi ezinhle kodwa umbhedo ke asizwani nawo futhi siyashesha
Unknown
Ngingu maGcwabe, uGubhela, umumbo omhlophe okhanya masi esiswini kepha ozalwa iqhawekazi lakwa Nzima,Umwelase…umuntu akaqedwa kodwa ngyabathanda abakomalume bami.βΊ
Unknown
Mazibuko mwelase Sodumase Nzima etc