Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.

Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.

Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

97 thoughts on “Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. Nami ngiyabonga ukuthola ulwazi ngesibongo sami kodwa ngeshwa angicaciseleki kahlehle ngikhule ngazi ukuthi ngingu mchunu macingwane nyanda yemikhonto kuze kube manje angazi ukuthi kuthiwani emva kwa lokho kodwa manje sengiyaza ngyabonga isandla sedlula ikhanda ngenikwenze kimi

    Reply
  2. Ngicela izithakazelo zesbongo saka Zondi

    Reply
  3. Ngibonge kakhulu nina boNyanda yemikhonto ngokungincelisa ngokuzalwa ngiseGoli (Bonginkosi Thuthukani Ka Dlamini) ubaba uzalwa eLenge eMsinga emaChunwini ngingulo enimazi ngo Zolaseven

    Reply
    • Siyabonga ukuba wusizo, futhi kusinika umfutho ukuvakashelwa abantu abafana nawe kule ‘site’ kwazise silazi kakhulu iqhaza olibambile ukuthuthukisa umphakathi.

      Mbathastan

      Reply

Leave a Comment