πŸ’›

izithakazelo

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:

>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<

credit for post: indabukoyakho

Royalty from Mkhwanazi last name

Mkhwanazi Clan (Traditional Leadership)
The Mkhwanazi clan is one of the families in northern KwaZulu-Natal that has been recognised as having traditional leaders in the Mtubatuba area. Alongside the Mdletshe, Hlabisa, and Mdluli clans, they have chiefs who were appointed in areas where they arrived after the Mfekayi people, according to historical claims by the Mfekayi clan.
Royal Land Dispute
The Mkhwanazi clan is currently involved in a land dispute with the Mfekayi clan, who claim to be the original custodians of Mtubatuba land from the Mfolozi River to the northern coast of False Bay. Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.
Mkhwanazi Royalties
Alongside the Dube, Mbonambi, and Sokhulu clans, the Mkhwanazi royal family oversees community development funds from titanium mining operations on their ancestral lands near Richards Bay, receiving mining royalties from Richards Bay Minerals.

Previous

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Ndlovu Izithakazelo noMlando

6 Comments

  1. sabelo Mkhwanazi

    Mina ngingu Mkhwanazi Mpangazitha ngicela ukwazi izithakazelo zakhona nokuthi sivelaphi?

  2. sizani Shiva Masina

    Mina nginguSizani ozalwa nguKhekhe Shiba ngibonga ukuzwa ngalomlando bengicela abakwaShiba me bazisho ngifisa ukuzazi ngendele ka Masina

  3. nosipho mkhwanazi?

    Yithi me labo ondonga oshamase ngyasithanda isibongo Sam sengyaz nokuth sidabuka kuphi

    • Mongezi Mbongiseni

      Ngibonga Ukuzazi Nami Ngisuka kude khona NGipheleliswa kahle ukusuka ngo 2011 kufikela Manje 2017 Ukuzazi kukhulula Amafindo wethu amaningi Ma Africa,Mpukunyoni ,Ndonga ,Shiba

  4. Kush kut sizihlobo sonk emhlabeni,noMthethwa bayangena kwaMkhwanazi,mina ngowakwaMthethwa ngizalwa uMaMkhwanazi this is confusing bt ngbathanda kakhulu oSHAMASE,ngoba ngakhuliswa khona ngiwmlanjwana wakhonga….proudly Mashukumbeya

  5. Clementia Mkwanazi

    Ngiyabonga ukwazi izithakazelo nemvelaphi yethu,I’m a proud Nkwali,Ndonga,Shamase

Leave a Reply to sizani Shiva Masina Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén