Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<
Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi
Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,
Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.
methuli Mnguni mdleleni
NoZulu mpafana thukela into ezawela umlambo okhulu ongawelwa zinkonjane zinamaphiko oompangazitha into ezaza ngococobelo zisuke’mbo amambanguba Oomnguni
Ayanda Gumede
Aybooo uDuma ungena kanjani manje koGumede? This is so confusing!!
Zandie Gumede
ay cha bandla asihlanganin nakancane nje noDuma
thobekanimzimela
Mina ngazi ukuthi uMzimela izithakazelo zakhe uMnguni,Β Mzimela,Jiji, Mbizeni,Β Ntaka, Sheleza,Β Lwandle aluwelwa luwelwa ‘zinkonjane ngoba zona zindiza phezulu, Nzungane!
Abanye bathi uMnyeni kwaku baba kaMzimela, yikho uMzimela engashadelwa kwaMnyeni. Manje engifisa ukukwazi between uMfeka noQwabe uMzimela ungena kumuphi?
Ubukhosi bakwaMzimela kusekhona Empangeni endaweni yase Ndlangubo ngaphansi kwaImpiyezintombi Mzimela.
Sbonelo mzimela
Mina ngazi ukuthi umzimela uzimele njengesibongo sakhe , ngizwa kuthiwa umzimela wazalwa undwandwe not umyeni , now umnguni lo okugumede ungumnguni kayeyeye lo okumzimela ungumngni waso lwandle . Omfeka ngizwa ngabo manje angbazi kodwa ke ugumede nomzimela bayaganana , o anti bam ababili bagane kwagumede
xolani Mfeka
Ubongfonela ngkuchazele kuthi uMzimela uvela noma ungena kanjani kuMnguni.
KHONZANE
HI Could u please find me izithakazelo za kwa-dlamuka.Ngoku dabuka sibuya ESHOWE(NDULINDE,NYONI)
vusi gumede
udlamuka u khuzwayo usuzoziqhubekela vele ukhuzwayo kusewu gumede
nkosy khuzwayo
Ubani ozala uDlamuka kwa Khuzwayo?
Zandie Gumede
Abakwa Dlamuka abakwa Mboyi, but ngzokbuzela more coz sinabo oDlamuka ngasekhaya
sboniso mnguni
Ake niveze isibongo sakwajila nezithakazo