clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Mthembu 😍 Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mthembu

Mvelase,
Qhudeni Mvelase,
Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,
Mvelase kaGuda,
Ongawadl’amathibani,
Angadl’amathibane indlala ngabe iwile,
Mnisi wemvula ilanga libalele,
Ngoz’ovel’eNyandeni,
Ngoza kaMkhubukeli, kaGazi,
Nina baseMlamlankunzi!

Zikhona izikibha zakwa Mthembu: 061 868 5163
 



More information is available on our YouTube channel


Previous

Mngwengwe 😍 Izithakazelo

Next

Mthiyane 😍 Izithakazelo

35 Comments

  1. Mthandazo

    Nibowufunda umlando ka mabaso NoMthembuIndodakazi ka Mabaso yagana Kwa Mthembu.Umama lo wangathola indodana okwakufanele ithathe ubukhosi.Ngelinye ilanga wathi angateta lomama wakwa Mabaso,ethole intombazane,kwavele kwanyonyobiswa umntwana womfana esingazi ukuthi wayezelwe wubani evela ekhaya kwa mabaso kwathiwa uzelwe yilomama.Kwathiwa lomama wakwa Mabaso uthole amawele.Basola kodwa abantu ngoba lomntwana womfana wayekhulile kunalo dadewabo.Kodwa ekugcineni wabusa.Besaba ukukhononda kuyise uMabaso ngoba wayesatshwa endaweni futhi ethakatha.Wagcina londodana mbumbulu ethathe ubukhosi. Mina ngisafuna ihubo lakwa Mthembu lokujabula nelokukhala.Ncedani.

  2. Jama kasjadu nogwaja omuhle ngemilenze ndina qhudeni…mnisi wemvula ilanga libalele

  3. umthembu noJama uhlobene? cz ubaba ongizalayo udla amasi kwaJAMA(uwumshana)

  4. My surname is Mncadi. I'm in search of my people. Are you still alive?

    • Wayne Mncadi

      Yes were are there my brother

  5. No asihlobene nakancane,thina iNkosi yakwaMthembu u Ngoza eyakwa Tembe ubani

    • Mthandazo

      Zihlobene bafo.UMabhudu waba nabantwana ababili,uTembe no mthembu.uTembe waphokophela enyakatho neqembu lakhe.UMthembu wasala lana emzansi.Thina sonke sibizwa ngamagama alamadoda amabili.Abasala no mthembu as igama,kwaba abathembu.Abahamba no Tembe as igama kwaba abaka Tembe.So ubaba walamadoda uyedwa.Nokuthi ke kwakungekho okuhlukanisa i so called Mozambique nomzansi.Until kuxabana Ama brithani ne portugal .Bavuka nje bacabanga ukuthi benze i border ehlukanisa Umzansi ne Mozambique.Okuzokusiza ukwazi amakhosi ngokulandelana kwawo.Ungaqhamuki nje usubiza uNgoza kanti kunabadala kunaye{geonology).Asifundeni bakwethu.UMthembu usabalele i Afrika yonkana kodwa ngokuhamba kwesikhathi kuba noshintsho oluncane ngokubizwa.Abanye bagcina bebizwa ngomkhulu walelokhaya.but,lets read. AbakwaXhosa nje abethu.Abo hem hem vela bambhensele.Asingayikhi phezulu.So ngesikhathi sika Ngoza,KwakuwuNgoza.Yingani ufuna kube namakhosi amabili ?

  6. Mdakazana ompofana wazisho ngagezeka inhliziyo

  7. Is Themba related to Tembe?

  8. I just found out that I'm Guda how do I go about perfomi amasiko

  9. Is Mthembu related to Sithole?Just met Mrs Mthembu but her maiden name is Sithole

  10. Why a bird?

  11. The issue of T Shirts is need to be reviewed including the colour as is not a true reflection of who we are. We need an emblem of a bird that symbolises all the abathembu from all walks of life.

  12. Hi There .

    I need your help please?

    Is Mthenjane related to Mvelase?

    Thanks.

  13. Ngoza wazisho kwezwakala

  14. Guys are you zulu or xhosa?

  15. Ahhhh eBathenjini abahle…nginithandani zingan zakwethu

  16. Musho!

  17. Musho!

  18. Mthembu, Mkhulisi, qhudeni, ongadla amathibani kobe Indlala iwile, abakhonza begoduka, abangaxakwa ithambo lasemzini

  19. Mthembu
    Gabadele
    Mvelase
    Qhudeni
    Jama ka Mnisi
    Mnisi wemvula
    Ngoza
    Cuphayibambe
    Mhlakazanhlansi bayosala becisha abafokazane
    Guda kangoza ka Ngwavuma
    Wena owathembelenjeni imithi wathi uzosenga ngenxa yokuzingelwa yizitha nabafokazane
    Wena owavelenyandeni yakwa Mabaso
    Wena ka Guda!
    Ndaba!
    Wena ongawadli amathibane ungawadla indla indlala iwile ezweni!
    Ndab'ongakhothameli amakhosi angakhothama kuyozilwa e Qhudeni!
    Mthebobomvu
    Myayiza omuhle nezinyawo zakhe!
    Wenophuza kwezindiziziba
    Uphuzophongolo ways wayophuzeManguza!
    Usikhothanyelwa kama Kholokotho ngokukhothanyelwa zintaba zo Bombo no Phongolo
    Jama wena owajamela imingcele ka Sobhuza neka Soshangane!

  20. I would like to know if Mthembu is related to Mabaso since Owavel’eNyandeni yemikhonto yakwaMabaso,

  21. Mkhulisi Mthembu mvelase qhudeni nina enavel'enyandeni omakhonz'agoduke abangawadli amathibani bangadla amathibani ingabe indlala iwile abehla nge silulu

  22. Mkhulisi Mthembu mvelase qhudeni nina enavel'enyandeni omakhonz'agoduke abangawadli amathibani bangadla amathibani ingabe indlala iwile abehla nge silulu

  23. Mkhulisi Mthembu mvelase qhudeni nina enavel'enyandeni omakhonz'agoduke abangawadli amathibani bangadla amathibani ingabe indlala iwile abehla nge silulu

  24. Gabadela Mthembu Ongawadli amathibane!! Musho Inkosi ayiqedwa

  25. I would like to know if Mthembu and Sithole are somehow related?

  26. Yes they are related

  27. I would like to ask if the Tembe are somehow related to Mthembu.

  28. Mvelase owavel'enyandeni
    ngoza kamkhubukeli
    Ongawadli amathibani
    angawadla indlala mayiwile
    Thina esathemb'inja imithi sathi izozala sidle amasi
    Yithina Ondabezitha
    Umthatha wonke izwe labathembu
    omadiba, noholomisa
    Khumu Bathembu nina basebukhosini

  29. I would like to know why one can not find izithakazelo zakwa-Mncadi anywhere on the net

  30. Dankie Nkosi yam

  31. Bathembu bakithi

  32. I want to know if Mthembu is anyway related to uMthembu. I am asking as I have ahd rumours but I have not confirmed such.

    Thank you

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: