Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.
Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.
Izithakazelo zakwa Myeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.
0725311742
nazi izithakazelo zakithi uma seziphelele
Mnguni,nsinde, mzimela
mnguni waseningizimu
wena owawela imfolozi nemfolozana
wawela umkhuze nomkhuzana
wathi ungaphesheya komfula wachatheka ugwayi wabhema
ngisho nasentendeni yesandla uyenela
wena wakwa Mdolomba ongengakanani
ngoba nasothini lomkhonto uyahlala
mabasa endleleni zombili
enye eyokuya enye eyokubuya
nanti I HUBO lakwa MYENI
AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
SAZE SAFELA NDAWONYE
AY WE MANKWILI
AKE SILUNGUZE SIKE SIBONE
SAZE SAFELA NDAWONYE
ELINYE LITHI
YATHUTH’ INTUTHWANE
IYISA KWA MHLABA
BAYENQABA NGINGENE ESOKWENI
Nosipho myeni
Ngcela ukwaz ukuth abakwamyeni bakuhlanganisa konke yini umdolomba no mnguni ngizwa abaye bath bahlukene omyeni
Nontobeko Hlekwayo
Ngicela ongangisiza ngezithakazelo zakaHlekwayo