πŸ’›

izithakazelo

Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo Clan Names & history

4 Comments

  1. thembisile

    Ngicela usizo nge zithakazelo saka ngomane kulo tatiko

  2. Nosipho

    Ngcela ningiphe izithakazelo zakwa Mteshane

    • zamarh

      nam angizaz zonk ngaz ezincan mteshane,mnyeni,thumbeza

  3. themba twala

    ngicela umlando nezithakazelo zakwa Twala

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026