Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

49 thoughts on “Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. ngicela usizo ngezithakazelo eziphelele zakwa Myeni makukhona ongaba nolwazi lwazo ngingathokoza kakhulu uma ngingathola lolu sizo from Sfiso

    Reply
    • ngicela onolwaz ngezithakazelo zakwa Radebe angisize bo

      Reply
      • Rhadebe
        Mthimkhulu
        Ndlebezinhle zombini
        Mafuz’afulelwe njengelifu lemvula
        Mashiya amahle njengenyamazani
        Sgoloza esimehlo abomvu esithi sikujoga kubengathi siyakujamela
        ……

    • nami ngyafisa ukuzazi ezaka Myeni bakith

      Reply
  2. I need a help for izithakazelo zakwaYengwa plz

    Reply
  3. Ngicela ukwaz ukuth zonke izibongo izifaka umnguni ngihlobene yini nazo njenboba mina ngingowakwa Myeni nje. Ngyabonga

    Reply

Leave a Comment