πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

21 Comments

  1. oNdlangamandla baphuma kuphi nendawo

    • thulani nkosi

      ONdlangamandla babuya eNgoje Lapho sekuthiwa khona kuseLouwsberg UDawid Louw waphiwa lendawo ngoba wayebuya ebusotsheni wase enikwa indawana nje ezweni lakithi ngoba sasesichithiwe Lona leliya elakithi Kondwa inkulu indawo yamaNdlangamandla Umlondo wonke useNgoje enkosini yamaNdlovu INkanyamba

      • thandanani

        Ingoje ylona izwe lakith kwa Nkosi noma kukhona abazama kulibanga

    • Thabo

      Ondlangamandla baningi endaweni yase Phongola lapho ngibuyakhona. Ondlangamandla, Nkosi, Mntungwa, phazima kalanga, swela sasemandlovini, omabele made wancelisa ingane ingaphesheya komfula. Umbhulaze umnyama. Thabo James Ndlangamandla Mahlangu. 079 940 2923

      • Thulani Nkosi

        Wena weNdlovu enamandla Ngiyathemba senizwile ngomkhosi wamaNdlovu wonke ozoba ngomhlaka 19 September eNgoje Uyoze uphele ngomhla ka 20 September ngakusasa Bikela bonke obaziyo Mphazima ukuze siphelele sonke isizwe sakithi

        • Khaye Nkosi

          Kwenzeka mnyaka yonke noma ??

      • Musawenkosi Mntungwa

        Thabo, “omabele made wancelisa ingane ngaphesheya komfula” bayangena koNkosi Ndlangamandla?

    • Phumlani

      Ophongolo oPhondwane I’m imvelaphi yabo isengoje

  2. Smangele Dlamini

    Mina ngcela ukbuza ukth abakwaDlamini abanesthakazelo esinguMntungwa bayini ngokoLimi? N bahlobene yini noNkosi?

    • Nomfundo Dlamini

      Bangama swazi and yebo bahlobene nabakwa nkosi

    • Dayday

      ODlamini abathi Ndlovu noma Nkomo ezidla ekhaya ngokweswel abelusi inzalo yakwaMaseko amaNtungwa.odlamini base Swazini bangamaTsonga not Ngunis so angrke baba oMntungwa

  3. Mlungisi Gasela

    UGasa uhlobana kanjani noSiwela ngoba phela yena engowakwaNdwandwe, Mina ngazi usiwela ehlobene noKhumalo uGasa yena ezalana nabo Zwide kaLanga naboSoshangane. UMashobana yena ngowakwaKhumalo hayi kwaZikode looqanjwe ngaphezulu, angazi njalo ningiqondise uma ngiphosisa. Ungathi yingxabangxoza le ebhalwe la.

    • @Mlungisi oGasa babili, ukhona owakwaNdwanwe ozalwa nguLanga kaXaba yena ezala uMhlaba ozala uSojiyisa (Ref: The South Eastern Bantu P82). Bese kubekhona owakwaKhumalo ozalwa nguZikode yena ezala uMagugu, Donda noSiwela.

  4. Bongani

    Giyacela Ukuba Uisbuze Ukuthi Uthini Umlando Wakini Sizokwazisawona tThina Sigo Nkosi Ndlagamandla Mphazima Kalanga Aisihlobananga No Dlamini Futhi Saphuma Kwa Khumalo

    • Bongani Nkosi

      Bafo ngicela ukwazi kusho ukuthi ngingaba nobudlelwane nentombi ezwalwa kaNkosi Dlamini noma isebenzisa isibongo sakwaNkosi noma uDlamini

      • Senzo

        Nami yilokho engfisa ukukwazi zalo uma kuthiwa asinabo ubuhlobo noNkosi Dlamini kusho khon ukuthi siyathatha khona nabo bayathatha kithi vele asihlobani bona bangoDlamini thina singabakwaKhumalo

        Kuyacaca

      • Tony Nkosi

        Syabonga Nkosi I ngathi singaphumelela sonke isizwe sasemandlovini

    • Dlamin noNkosi kuyahambisan njalo nje ngeke ngize ngqomise kwa dlamin ngngowakwa Nkosi?

      • makhosonke

        ngicela ningisize ngomlando wakes Magugu

      • e v ndlamangandla

        Ngibingelele isizwe senkosi ukuzalana kwabo kwabakanjena. Ngofishane nje umntungwa wazala ukhumala. Khumalo wazala umzilikazi. Umzilikazi wala umashobana nondlangamandla .Undlangamandla wazala.uvezi Indiana. Uvezi wazala umakhwela. Umakhela wazala indlala .undlela wazala umlotshwa. Umlotshwa Waze kakhulu ngoba naseswatini wazala Usiwela inkosana yakhe. Usiwela wazala ufelaphakathi kanye nophefeni novukayibambe nabanye Ngeke ngabaqeda Bona bazala omkhulu abazala obaba. Ngazi lapho Nami.

  5. Thandeka

    Ngicela ningisize ngomlando wakwa Khwela (ngishadele khona) no Mngadi ( ekhaya kithi)

Leave a Reply to Bongani Nkosi Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén