πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

11 Comments

  1. jabuh

    Guys ngicela ukubuza mina ngingowakaKhumalo bt ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe iyisima kanjani me indaba yam?

  2. Mina ngyadideka ke manje kwa Mtolo, kuvela ukuthi uDlangamandla wayengu mholi wamaTolo safikela ezweni lezintaba zokhahlamba sihamba nabase Mazizin safikela ku bathwa uGasa ehlala ehlathini lase Qhudeni enomuthi wokunisa imvula nokduminsa izulu, angikho ke lapho kakhulu kodwa ngyadideka manje uma senikhuluma ngo Gasa kanye no Ndlangamandla ngcela ongangchazela

    • thulani nkosi

      Cha ungakhathazeki lapho Amatolo ngaMaNdlangamandala Umlando wabo useNgoje lapho kudabuka khona sonke isizwe sikaNdlangamandla Kungaba kuhle kakhulu uma ungazitholela wona enkosini yakithi INkanyamba yamaNdlovu 0729466819

      • makhosonke

        sanbona
        bengicela izithakazelo zakwa MAGUGU nomlando wakhona

        thanks in advance

    • Xolile Nkosi

      oMtolo abathi Dlangamandla thina boNkosi sithi Ndlangamandla. Asihlobene noMtolo. uGasa igama lomunye wokhokho bethu owayezalwa uZikode wakwaKhumalo. Asihlobene noGasa isibongo. Fundisisa kahle ukuthi uthini lo mlando obhalwe phezulu.

      • Bongekile Mtolo

        Ngyabonga mina nam ngazi ukuthi uNdlangamandla akahlobene noMtolo Dlangamandla, kodwake omtolo abazinze eSwazini bathi Ndlangamandka angazi kanjani

      • Busi Nkosi

        ngiyabonga wena wase Mandlovini

  3. Siyethemba

    Mina ngifuna ukwazi ukuth uma uya epitoli ezithombeni zamakhosi esikakhokho uNondabula waseNhlonga kwaNdlangamandla ozalwa nguManyaza sona siphezulu kungani kunjalo ngyazibuzela nj ay kabi

  4. Pearl Mbokazi

    Hey guys, i typed in my surname (Mbokazi) and there were no results, so i would like to add this info:
    Mbokazi, Donda, Sontuli, Hlumakazi ka Mdaka, Wena wasolwandle, Lwandle olungawelwayo! Oluwelwa izinkonjane kanye nabelungu, bona abaphapha phezulu, wena kaMhlakazanhlansi, phahlaphahla kubeSuthu, Sobiko kaSongabi, wena wesibongo eskhulu, kasishiwo emzini, wena kaMhlakaza nhlansi zibashise, wena kakhukh’olukhulu, olwahlanganisa indlu yakwaHlekazi, intombi ezekekayo kaHlumakazi kaMdaka, wena kaNqamlathusi, wena kaSnqamu’sobhedu, wena kaMlamlankunzi ziyeke zibulalane, wena kasichumo esbamba bantu sibayeke, wena kaNkos yomfazi. wena kaMtete, Mnguni kaCilo, mbokazi

    Those are the names I was told maybe you guys have more knowledge of others.

    • Sol OEHM Nxumalo

      wazw wayenza into endle Hlumakazi. Siyabonga umnikelo ongaka. Kuyabonakalo ukuthi kukhona izithakazelo nezihasho.
      Sol OEHM Nxumalo

  5. jonas

    Ndlangamandla king of kings mbuzeni ndlangamandla frm pretoria 0727535611

Leave a Reply to Siyethemba Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén