Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.
Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.
Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.
Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
muke
ngiyadideka mina ngingowakwaMtolo kodwa ngizalwa u Makhumalo
Xolani Nhlapo
Apparently undlangamandla clan forged a strong alliance with mtolo… during those years..tough years…so the mtolo were grateful…so in honour they would include it in their clan name’s…. Secondly mtolo are abatwa… assimilated under xhosa and others
Bongani
Ngingu nkosi dlangamandla ngithandana ne ntokazi yakwa nkosi dlamini are we related please this is serious guys
Please advise
MaNdlovu
Mfwethu sengifunde la phezulu, bathi cha akuhlotshenwe.
Themba
Ukunankinga wena ungu Nkosi ozalwangu Khumalo awuhlobani no Dlamini futhi akukho ukuhlanganisayo Mphazima mthathe
Mvikeleni(Bongumusa)
Sanibonani maNtungwa bengicela ukubuza ukuthi njengoba ngingowakwa Ndlangamandla(Mntungwa) ngingathathayin kwaKhumalo sonke singoMntungwa?
Sibongile
Hi brother,
Bathi abandala no ways??
Mandlakayise
Ndlangamandla, Ngizalwa esthenjini, umama ungu-Khumalo. Sibahlanu kumama, siphilile akukho okhubazekile okwenzeka uma iy’bongo zithathene. Abafowethu kobabomkhulu nobabomncane nabo bakhona omama bakwaKhumalo.