πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

3 Comments

  1. Senzo

    Okush ukuthi ngamafuphi nina basemaNdlovini abukho ubuhlobo phakathi kwethu boNkosi Ndlangamandla kanye noNkosi Dlamini,singathatha khona kodwa singathathi kwakhumalo

    Inkinga ke labo asebethathile\bathathiwe kwaKhumalo ithiwani ke indaba yabo.

    Ndlangamandla!!!

  2. Mandla Nkosi

    sanibonani nonke bakwa nkosi dlangamandla.
    ngicela usizo lwenu,i gama ngingu Mandla wakwa Nkosi kubo ka mama ,Masemola kobo baba.
    ngi khuliswa ngu mzala ka mama .i zinto a zihambi kahle,ngi hambile ngayo khanyi ngifuna ukwazi ukuthi yini inkinga.e ngikutholayo wukuthi abakwa Nkosi abajabulanga ngalesisi bongo engisisebenzi sayo.enginawo umlando wakwa nkosi,ngi cela u sizo ukuthi kumelengiyenzeni.ngifuna ukwazi izithakazelo ,ukuphahla,isiko mawuthole ingane,ukuphahlela ibhizinisi,ukubonga no uma ushada.

  3. Cha mtakababa ungalokothi ukucabange nakancane ukuthatha kwa khumalo uma nawe ungowakwa Nkosi noma Ndlangamandla.zingane zakithi lezo.angizibongele no Nkosi oMphazimakalanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026