Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.
Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.
Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.
Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Xolani
Ngisacela onolwazi ngomlando woNdlovu okuthiwa ngoNdlangamandla, angichazele kabanzi.
Mcebiseni Nkosi
AbakwaNkosi baphuma bavalelisa kwaKhumalo indabuko kaNkosi iseSwatini.
Lindy
Mine nginemtfwana kaNdubazi.umkhulu wemntfwana seka shona kodvwa ugogo usaphila . inkinga umangabe ngihamba batsi bakaNdubazi abakhuleli emtini. Kufute ngimuyise ekhayi kibo.so ugogo wemntfwana utsi akusi wakakhe lomtfwana angisati. Is the any easy way out of this