clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: Mawela

Izithakazelo zakwa Nzima

Nzima Surname, Nzima Clan Names

Nzima,
Shamase,
Mawela,
Sbhuzi Esimqala Ngentamo,
Bhange,
Maqhoboza,
Ndimndwane Odlumkantsha,
Osihlangu Sibalele Njengelanga,
Izinkani Ezaphikwa Ngayizolo Kwasa Zabonakala,
Ndlamlenze,
Mwelase Ongaweli Ngezibulo Owela Ngezihlangela Zomfula,
Imbovane Eyadla Amabele Ezikhuthali !!!

Shamase Clan Names

Izithakazelo zakwa Shamase

Nzima,
Bongi,
Mawela,
Mfemba,
Mafingo!
Nina abase iweleni enawela ngelikhulu abafokazane bawela ngelincane besaba ukwemuka.
Wena dlozi lo muntu o mdala nyanda ye zulu, wena zinja zi ya bulwa nge ntwasa nyanga
Wena mhlathi nqcaphela ku nqcokolwa
Wena ka jojo odla eyedwa wena ka siphendukazana onje nga waka Ndlela, nina oDlamlenze dafosi mzondo wey’ntaba !

Mawela Clan Names Izithakazelo zakwaMawela

  • Mawela,
  • Mwelase,
  • Donda kaSotshikazi,
  • Nxele,
  • Sontuli,
  • Lwandle kaluwelwa, luwelwa zinkonjane zabelungu,
  • Zona eziphaphela phezul’emafini,
  • Somkhele,
  • Khondlo,
  • Wena owangena neskhuni emanzini waphuma naso sivutha,
  • S’gawuli semithi emide nemifushane,
  • Nkonjane ebika izulu liphenduka
  • Nzima!

Izithakazelo zakwa Mdadane

Mdadane ?
Mawela,
Siphezi,
Sodingila kadina,
Mahlaphahlapha,
Mawela,
Shozi,
Mnganga,
Magwaza aphendule njengezulu,
Usogedlegedle inhlabathi elumelayo

Umehluko wesaga nesisho

Nanku umehluko phakathi kweSaga neSisho

A. isaga-isaga asiguquki sihlale sinjalo nje usibiza ngendlela eyodwa noma ngabe kunjani.

B. Isisho-ungakwazi ukusiguqula, isibonelo: ukugqemeka engeqiwa ntwala, ungakwazi ukuthi “ngigqemeke engeqiwa ntwala, noma uthi “bagqemeke engeqiwa ntwala”

isibonelo sesaga: isalakutshelwa sibona ngomopho, asishintshi ngisho usuthanda ngeke.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: