clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Qwabe Page 1 of 3

Izithakazelo zakwa Mlanduli

Qwabe!
Mnguni wako Yeyeye
Wena obe udla ube ubayenga ngendaba
Uthi “dluya mnumzane, kubeyethwe la”
Phakathwayo
KaMalandela
Mpangazitha!

Myaka Clan Names

Myaka,
Gumede,
Mazwana,
Chibikalishi,
Wena obhala ngozipho abanye bebhala ngamapensela,
Mthanti kamdonsela,
Mnguni,
Qwabe,
Yeyeye

AmaQwabe | Qwabe Clan | Qwabe Origin

Umsuka wamaQwabe
AmaQwabe ayisizwe esikhulu nesikhudlwana sakwaMakhanya kanye namaZulu aphuma kukhokho oyedwa uMalandela. Bayinzalo kaQwabe (ogama lakhe lichaza ‘umnsalo womculo’ omkhulu ) indodana endala kaMalandela kanye nomkakhe uNozidiya/Nozinja wakwaZungu.Emuva kokushona kukaMalandela uQwabe waba yinkosi.

Ngokulandela imikhuba yabeNguni ngesikhathi uQwabe ethatha ifa lobukhosi, wahamba wayokwakha umuzi omusha waba yisizinda sobukhosi, washiya umfowabo omncane uZulu ebusa idlanzana labantu abasala efeni likayise uMalandela.

Lo mbuso wadlondlobala ngekhulu le-18 “njengesinye sezizwe zakudala nezidumile eNatali nakwaZulu”. Ekuphakameni kwawo amaQwabe adla maphakathi neKwaZulu-Natal, atholakala ngaphansi kwezintaba zase-Amandawe kanye noNgoye, eningizimu yomfula uMhlathuze aze ayofika endaweni yakwaMthethwa nakwaDube, ekhuphuka nomfula uMhlathuze acishe afinyelele ehlathini laseNkandla, ejika phakathi kwentaba. UMhlathuze noThukela nomfula wagcina uphuphuma eNatal.

Ukunwetshwa kanye nesakhiwo sezepolitiki

Ngemva kokuhlukana nabafowabo neningi labantu bakaMalandela, uQwabe nabalandeli bakhe bazinza ngaphansi kwezintaba zasoNgoye. Yilapho uQwabe akhe khona isizinda esisha sobukhosi, eMthandeni. Ngaphambi kokuthi kuthathwe amaQwabe indawo ephakathi komfula uMhlathuze noThukela yayiphethwe abakwaCele okuyigatsha lobukhosi bakwaMthethwa. AbakwaQwabe baxosha abakwaThuli nabakwaCele kanye nesizwe samaMbili, amaKwela kanye namaKomo, phakathi koMhlathuze noThukela bangena esifundeni esisogwini lwaseNatali.[5] Ngaphambi kwenkathi kaShaka umbuso wamaQwabe wawusuvele unwetshiwe ukulawula izingxenye zaseNatali eningizimu yomfula uThukela. Ukwandiswa kwalo mbuso phezu kwezindawo kanye nobukhosi obuncane kwakwanele ukuwuthatha njengomunye wemibuso embalwa emikhudlwana yesifunda.

Umbuso ngaphansi kukaPhakatwayo kaKhondlo futhi ngokuvamile wawunemizana emikhulu eyisikhombisa, ngayinye ephethwe yilungu elibalulekile elivela ohlwini lozalo olubusayo. Amarejimeni ayeqoqwa ngokwedolobhana kunokuba abe neminyaka, lokhu kwakuhlanganisa namaqembu abesifazane. Ubufakazi buveza ukuthi igunya lokubumba amabutho abesifazane (isigodlo) lanikwa amakhosi amakhulu anamandla afana noPhakatwayo wamaQwabe, uDingiswayo wakwaMthetwa kanye

Zwide wamaNdwandwe for example.

Izithakazelo zakwa Myaka ? Myaka Clan Names

Izithakazelo zakwa Myaka 😍 Myaka Clan Names
Gumede!
Mthanti omude ontsele,
Chibikalishi lisha ngoba liphuzwe zindlovu nabantwana bazo !
Ndokose ka Masikana,
Qwabe
Ngonyama!!!

Umlando wakwa Qwabe 😍 Imvelaphi: Qwabe

Umlando Wesibongo SakwaQwabe

Isibongo sakwaQwabe sivela egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi wakhe eduze nomfula uMhlathuze ngaphansi kwezintaba zoNgoye. Umuzi wakhe uwuqambe igama elithi ikwaMthandeni ngoba ethi abanye abantu bazomthanda ngoba abomndeni wakhe bengakhombisanga ukumthanda.

Isizwe sikaQwabe sandile impela ngoba indawo yaso yayisuka emngceleni wesizwe saKwaMthethwa siyofika esizweni saKwaDube siphinde siyoshaya ehalthini eNkandla. Ngokwanda kwalesizwe kuphume nezibongo njengoGumede, uMnguni, uSimamane, uKhuzwayo, uMakhanya noNqetho.

Ngesikhathi kubusa uDingiswayo KwaMthethwa, KwaQwabe kwakubusa uKhondlo. Ngesikhathi isizwe sakwaQwabe sithutha siyokwakha ngasemfuleni uMvoti ngaphesheya koThukela sase siholwa nguPhakathwayo. NoNdlunkulu uNandi ozala iSilo uShaka sake sakhosela ngaphansi komuzi wakwaQwabe kwaGedeyana. Lesizwe sazinza endaweni ephakathi kwakwaMaphumulo naKwaDukuza. Isizwe sakwaQwabe sisekhona endaweni yaseMthandeni osekuyikomkhulu laso siholwa nguMakhosonke W Qwabe.

Kukhona nabanye oGumede abangaveli endlini kwaQwabe. Laba ngoGumede bakaManukuza nabakaSiqalaba. Bayingxenye yamaThonga ngoba bangena ezweni beqhamuka eNyakatho neMpumalanga nelikaMthaniya.

Izithakazelo

Qwabe!
Gumede!
Phakathwayo!
Mnguni!
Malandela!
Ntabani leyayaya kuNgoye Gumede!
Dluya Nguni kubeyethwe!
Nazi Ezinye: Izithakazelo zakwaGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bedluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!

Izithakazelo Zakwa Makhanya

Izithakazelo Zakwa Makhanya

  • Makhanya,
  • Mnguni,
  • Yeyeye,
  • Gumede,
  • Qwabe,
  • Phakathwayo,
  • Khuzwayo,
  • Maphithini,
  • Mpangazitha,
  • Duze kaMnengwa Gcwabaza,
  • Thusi, Lingela,
  • Zukezela, Makhutha,
  • Mfene,
  • Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama,
  • Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha MAKHANYA!!!!

Zikhona izikibha nama-jacket/hoodies akwa Makhanya Whatsapp / call: 061 868 5163

Izithakazelo Zakwa Makhanya
Izithakazelo Zakwa Makhanya

Prices:t-shirt: R200 Hoodies: R400

Izithakazelo zakwa-Maphanga

Maphanga clan praises

Mnguni,
Qwabe, Gumede,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!

Izikibha ziyatholakala

Whatsapp: 061 868 5163 (le nombolo eyokuthola ulwazi ngezikibha kuphela)

Izithakazelo zakwa Khomo

Khomo, sibiya, qwabe, gumede, ndaba, gazu,nandisa, mbende, sotobe, phakathwayo, khathi, zamisa

sibiya ngenkomo abafokazana bebiya ngamahlahla

qwabe kamalandela. mnguni.

gazu kazembethe

zingelwayo. mkhananda owahamba nogodokazi wawela umfolozi kwahhiya.

manyelela njengentombi iy’esokeni.

khomo!zamisa

nina bakankomo isengelwa emaweni, yasengelwa esibayeni akuyona eyakhona.

mgxebe kayotho

khathi! nandisa

sotobe kampangalala! nobiya

magamanxane kangobe, ngobe esemngeni. nogwaza wom’belebele.

sikhobobo qhawe labaqulusi.

ndaba komkhulu. gumede!

Ndima Clan Names

Izithakazelo zakwa Ndima

Ndima!

mchunu,

lembede,

bayeni,

nyanda yomkhonto,

ngonyama eyasala ebuzini zabadla abanye,

mnguni,

qwabe,

mnyaka !

Page 1 of 3

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: