UMLANDO YINTO ENZIMA
Umlando into enzima
Isilo esimakhanda khanda
Usikhumba simabalabala eminingi
Ecishe ingabaleki
Imibalabala evusa usinga
Ijabulise inhliziyo ngaphakathi
Neminye ethi ivuse umunyu nosizi
Lapho sesikhumbula
Izehlakalo ezashiya okhokho nokhokhose
Bebambe ongezansiUmlando bakwethu yinto enzima
Lesi silo simakhandakhanda
Sike sithi uma usibukisisa
Ugcwale ukuziqhenya
Uzwe izigubhu ezingaziwa
Sishaya kamnandi kuwena ngaphakathi
Zithi gu gu! Gu gu!, zithi gu gu!
Ingani phela amagugu esizwe lana
Ayacwebezela ayakhazimula
Athi woza qala kimi, ngithinte kahle
Ungiphulule, ugabise nanokugabisa ngami
Uma uthanda, maqedane ukhumbulisise
Ukuthi ungubani ufisani uphokophelephi na
Enpilweni.
Ukuzethemba koza?
Whoo yeka! kumamatheke ngisho nezinzwane!Kepha elinye ikhanda lesilo lona
Liyaphenduka, usathi uyazigqaja
Lithi Mana bo! Akubona ubuhle bodwa
Obusemlandweni wakho
Futhi noma owaso nasiphi na isizwe
Khumbula nezibuhlungu izigameko
Ukuze ufunde, ukhule, ukugweme ukubuyela
Emuva kulezo zikhathi
Ezithanda ukukhathaza umoya wakho
Ingani phela inhliziyo iyathanda
Ukulalisa yembeze futhi izifihle izinkumbulo ezimbi
Phela isuke yenqaba nezinyembezi zayo, ezehlayo
Zigobho-gobhoze lapho isiqaqamba kalusizana
Ngenxa yokubona ububi, obusebusweni
Besilo esimakhanda – khanda
Esesiphakamise elona lakhe laba limbi ikhanda leli
Kuvuke namadala wona amanxeba
Lapho sesisho impela sithi
Umlando lona yinto enzima

Izintombi esizikhumbulayo namuhla zashona
Kabuhlungu, zilwela amalungelo azo
Isikhathi sasingafani nesanamuhla
Umthetho wezwe wawungavumi ngisho ukuthi
Zilokothe ukuyivula imilonyana yazo!
Inkozi uCetshawyo wayengakulindele neze okwenzeka.
Kepha kithina izintombi zeNgcuce
Zingamaqhawekazi esiwakhumbula
Ngenkulu inhlonipho, Sisho futhi nokuthi
Ukulahleka kwezimpilo zazo akulona Ize leze!
Kusipha amandla, kusipha imvuselelo
Kusivula amehlo kabusha, khon’ukuze
Nathi sibhekane nezanamuhla izingqinamba

Kwabadala nabancane lesi isikhathi
Sokulwa impi yokuzakha, ukwakhana
Nokwakha isizwe esihle sikaMthaniya
Yebo umlando yinto enzima
Kepha uyafundisa! Qinidolo mAfrika!