clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: June 2013

Abantua bakwa Mthethwa bangama Lala-Nguni bazinze ezindaweni zako Mpangeni nase Mtubatuba, Showe, Richards Bay. Inkosi yabo eyaduma kakhulu u Godongwane owagcinwa ebizwa ngo Dingiswayo. Nguye owamukela uShaka futhi wamfundisa namacebo okulwa. Isizwe sakwa Zulu sabe singaphansi kwesizwe sakwa Mthethwa ngeminyaka yo 1700.
Nanka amakhosi aziwayo akwa Mthethwa ngo:

1753———-Xaba
1771———-Madago
1789———-Khali
1807———-Jobe
1816———-Mawewe
1818———-Godongwane/Dingiswayo
1824———-Somveli
Ukusuka lapho babe sebengena ngaphansi kombuso wesizwe sakwa Zulu emva kokuba uShaka esisimamisile.

Izibongo zakwa Mthethwa

Nyambose, Xaba, Jobe, Magaga, Thulisa, Nkonyane ye Nkosi, Hlangalezwe, Dingiswayo, Madagu, Nkomo, Khubaze, Khali, Magezangobisi, Nzimezimnyama, Geza, Jakada, Maphoswa, Mazilwa, Mbolwane, Shwabade, Nonkosi, Mlandela…

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.

MAKHATHINI
Gxabhashe, Donda wase Nkweleni,
Khuhlaphansi njenge Khowandlovu,
Ntuli kabongwa,
Bonga yena uzona umlomo,
Sonkophe, Sombhizi

MALINGA
Mlotshwa, Vunisa, Gumakhulu, Zindela
cindezela lapha ukufunda umlando wakwaMalinga

ZUNGU
Manzini, Gwabini, Makhoba, Hamashe, Geda, Ncwane, Sengwayo

MDLULI
Lukhele, Nyoka, Sikhangisa, Nzimande, Bhekiswayo

MDLALOSE
Nyande we Phahla, Khwenta, Madlula, Mgabashe, Bhudukuziwa, Phangakufa, Dikane,
Wena we Phahla elinhloko, Sphangula Sayo Ngoye,
Magutshwa lapho engekefe khona,
Wena ka Nhlangothi zibomvu amanxeba,
Wena webhaxa elithanda impi,
Ngoba ladla uDayi ka Skhova

NKWANYANA
Nina beNkonyane ka Ndwandwe,
Mncwango, Dlalisa, Mpisane, Masuku, Mtshali, Siyaya, Nxumalo

Abakwa Khumalo, Mabaso no Nkosi bazalwa ngu Mntungwa ka Mbulazi. U Mabaso wabe emdala.
U Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi wazala uMkhatshwa owazala uZikode owazala u Gasa no Mashobane.
U Zikode wazala uMagugu, Donda, Siwela owazala uMlotshwa.
U Magugu wazala uNkonyeni owazala uMtekuza owazala uMazungezi yena owazala uMandlalela.
U Mashobane wazala uMzilikazi.
U Mzilikazi wazala uMangwana no Nkulumane owazala u Nokhenke owazala uNdlukayise owazala u Velaphi John Nombengula Thobela.
Nansi enye inzalo yakwa Khumalo:
Ndabezitha, Mashobane, Mzilikazi, Ngonyama, Nyandeni, Khukhuza, Ngwadla, Maweni, Macala, Zwangendaba, Msweli, Seni, Mbawu, Phungaza, Gwamanda, Muthwa, Mbulazi, Khulu, Zikode, Gawozi, Bheje, Nyathikazi, Mzazela, Shembe, Lobengula, Gasa, Mkhatshwa, Mawela, Nkomo, Ntokela.
Amanye walamagama agcina eyizibongo kanti amanye agcina engamagama nje.

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: